ITestamente eliDala 2022
Ngo-Agasti 8–14. AmaHubo 1–2; 8; 19–33; 40; 46: “UJehova Ungumalusi Wami”


“Ngo-Agasti 8–14. AmaHubo 1–2; 8; 19–33; 40; 46: ‘UJehova Ungumalusi Wami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Agasti 8–14. AmaHubo 1–2; 8; 19–33; 40; 46,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UJesu ehamba nezimvu

UJehova Ungumalusi Wami, nguYongsung Kim, havenlight.com

Ngo-Agasti 8–14

AmaHubo 1–2; 8; 19–33; 4046

“UJehova Ungumalusi Wami”

Ungazizwa ulinganiselwe ekukhetheni amaHubo noma imigomo ephakanyisiwe kulesi sifundo. Vumela uMoya ukuholele emaqinisweni akusiza uzizwe usondelene neNkosi.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Asazi ngokuqinisekile ukuthi ngubani owabhala amaHubo. Amanye kuthiwa abhalwa yiNkosi uDavide, kodwa iningi lawo, abalobi abaziwa. Kodwa ngemuva kokufunda amaHubo, singazizwa sengathi siyazazi izinhliziyo zabaHubi, noma singawazi amagama abo. Esikwaziyo wukuthi amaHubo ayeyingxenye ebalulekile yokukhonza kuma-Israyeli, futhi siyazi ukuthi uMsindisi wayecaphuna kuwo njalo. KumaHubo, sithola ifasitela elingena emphefumulweni wabantu bakaNkulunkulu basendulo. Sibona indlela ababezizwa ngayo ngoNkulunkulu, ukuthi yini ababekhathazeka ngayo, nokuthi bakuthola kanjani ukuthula. Njengamakholwa namuhla, emhlabeni wonke, sisawasebenzisa lamazwi ekukhonzeni kwethu uNkulunkulu. Ababhali bamaHubo kubonakala sengathi babenefasitela elingena emiphefumulweni yethu futhi kubonakala sengathi bathole indlela yokuveza indlela esizizwa ngayo ngoNkulunkulu, esikhathazeka ngakho, nokuthi sikuthola kanjani ukuthula.

Ukubuka konke okusencwadini yamaHubo, bheka isihloko esithi “AmaHubo” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

AmaHubo 1; 23; 26–2846

AmaHubo asifundisa ukuthembela eNkosini.

Ungaqaphela njengoba ufunda amaHubo ukuthi ababhali bazwakalisa kaningi kangakanani ukwesaba, ukudabuka noma ukukhathazeka. Imizwa enjalo ijwayelekile, ngisho nakubantu bokholo. Kodwa okwenza amaHubo akhuthaze yizixazululo azilethayo, kuhlanganise nokwethembela eNkosini ngokuphelele. Cabanga ngalemilayezo ekhuthazayo njengoba ufunda AmaHubo 1; 23; 26–2846. Bheka nakhu okulandelayo, bese ubhala phansi okutholayo:

  • Izimemo zokwethemba iNkosi:

  • Amagama achaza iNkosi:

  • Amagama achaza ukuthula, amandla, nezinye izibusiso Esinikeza zona:

  • Amagama achaza labo abamethembayo:

AmaHubo 222

AmaHubo akhomba izingqondo zethu empilweni nasebufundisini bukaJesu Kristu.

AmaHubo amaningana akhomba empilweni yasemhlabeni kaJesu Kristu. AmaKristu ezikhathini zeTestamente Elisha nawo akubona lokhu kuxhumana—isibonelo, abona kumaHubo 2 ukuthi kukhulunywa ngezivivinyo zikaJesu phambi kweNkosi uHerode noPontiyu Pilatu (bheka Izenzo 4:24–30). Cabanga ngokufunda AmaHubo 2 no 22 kanye no Mathewu 27:35–46; NgokukaLuka 23:34–35; nasencwadi NgokukaJohane 19:23–24. Bheka ukuxhumana phakathi kwamagama akulamahubo nempilo yoMsindisi, bese uqhubeka nokufuna ukuxhumana okufanayo njengoba ufunda incwadi yamaHubo emasontweni ambalwa azayo.

Ake ucabange ungumJuda owayejwayelene namaHubo ngesikhathi sikaJesu futhi wabona ukuxhumana nempilo yoMsindisi. Lolu lwazi lwalungaba yisibusiso kanjani kuwe na?

Bheka futhi AmaHubo 31:5; 34:20; 41:9; NgokukaLuka 24:44; KumaHeberu 2:9–12.

AmaHubo 8; 1933

“Umhlaba ugcwele umusa kaJehova.”

Ukufunda AmaHubo 8; 19; no 33 kungakufaka ugqozi lokuthi ucabangele ngendalo yeNkosi eningi emangalisayo. Naka imicabango nemizwa yakho njengoba wenza kanjalo. Indalo yeNkosi “ilanda kanjani ngenkazimulo kaJehova” kuwe? (ImaHubo 19:1.

AmaHubo 19:7–1129

Izwi leNkosi linamandla, “lijabulisa inhliziyo.”

KumaHubo, amagama afana nokufakaza, imiyalo, umyalezo, kanye nemithetho angabhekisa ezwini leNkosi. Kugcine lokho engqondweni njengoba ufunda iHubo 19:7–11. Ngabe lamavesi athini kuwe ngezwi leNkosi na? Ngabe AmaHubo 29 akufundisani ngezwi laKhe na? Kulokho osudlule kukho, ngabe izwi noma iphimbo leNkosi lifane kanjani nalezi zincazelo na?

Isithombe
Ithempeli laseChile eConcepción

Kufanele sihlanzeke ngokomoya futhi sibemsulwa ukuze singene lapho kukhona khona iNkosi.

AmaHubo 24; 26–27

Ukungena lapho kukhona khona iNkosi kudinga ubumsulwa.

Ngenxa yokuthi ithempeli laseJerusalema lalakhiwe egqumeni, umushwana othi “entabeni kaJehova” (AmaHubo 24:3) kungabhekisa ethempelini noma lapho kukhona khona uNkulunkulu. Ngabe lokhu kwengeza kanjani ekuqondeni kwakho iHubo 24na? Kusho ukuthini kuwe ukuba ”nezandla ezingenacala, nenhliziyo ehlanzekileyo”? (ImaHubo 24:4.

Ingabe AmaHubo 26 no 27 akufundisani ngendlu yeNkosi na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

AmaHubo 22.Ngenkathi elinye ilunga lomndeni lifunda lelihubo, amanye angabheka ukufana kuNgokukaMathewu 27:35–46. Emva kwalokho bangabe sebekhuluma ngemizwa yabo ngoJesu Krestu kanye nomhlatshelo Wakhe ngenxa yethu.

AmaHubo 23.­ ­  Abomndeno wakho bangakuthokozela ukudweba izithombe zokuthile abakuthola ehubweni noma eculweni futhi bavumele amalunga omndeni aqagele amavesi noma amagama ahambisana nalezo zithombe. INkosi ifana kanjani nomelusi kithi?

AmaHubo 24:3–5.Ukugcizelela ukubaluleka kokuba nezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekile, ungafunda iHubo 24:3–5 ngenkathi amalunga omndeni egeza izandla. Izandla zingamelani kulelihubo na? Yini engafanekiselwa yinhliziyo na? Yini esingayenza ukuze izandla zethu zingabi nacala ngokomoya futhi sihlanze izinhliziyo zethu na?

AmaHubo 30:5, 11.IHubo 30:5 liqukethe isithembiso sokuthi “kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.” Ngabe iNkosi iluphendule kanjani usizi lwethu lwaba yinjabulo na? Amanye amalunga omndeni wakho angakujabulela ukulingisa lokho okuchazwa kuvesi 11.

AmaHubo 33.Qaphela ukuthi igama elithi bonke lisetshenziswe kangaki kulelihubo. Sifundani ngeNkosi ngokusetshenziswa okuphindaphindwayo kwaleligama, ikakhulukazi kumavesi 13–15?

AmaHubo 46:10.Ningenza okuthile ndawonye okudinga ukuthi amalunga omndeni “athule.” Ukuhlala sithule kungasisiza kanjani ukuba simazi uNkulunkulu na? Yimaphi amathuba esinawo okuhlala sithule size simazi uNkulunkulu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Yiba nobuciko. Imibhalo efana namaHubo ivame ukukhuthaza abantu ukuthi badumise iNkosi ngezindlela ezinobuciko. Uma uzizwa ushukumiseleka ukuveza ukuzinikela kwakho ngomculo, izinkondlo, ubuciko bokubukwa, noma ngenye indlela, yenza ngaleyondlela. Cabanga ngokutshela abanye ngalokho okwenzayo ukubasiza bakhe ukholo kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu.

Isithombe
UJesu ethwele imvu emahlombe

Umalusi Omuhle, nguKen Spencer