Imibuzo ejwayelekile ngeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina

Umbhabhadiso

Yebo. UJesu wakubeka kwacaca ukuthi umbhabhadiso uyadingeka ukungena embusweni wezulu, efundisa ukuthi kufanele “sizalwe ngamanzi nangoMoya”NgokukaJohane 3:5). UJesu Uqobo wabhabhadiswa—nakuba wayengenaphutha—ukuze asenzele isibonelo.
Yebo. Abaningi ababhabhadiswe kwelinye ibandla bathatha leso sinyathelo ngokuthembeka, ngokufisa ngeqiniso ukumamukela nokumlandela uJesu Kristu.

Sikholelwa ukuthi ngokuphathelene nezimiso ezingcwele noma izenzo ezibalulekile zensindiso yethu yaphakade, kudingeka silandele isifanekiso esamiswa nguJesu Kristu. Lokhu kusho ukuthi imibhabhadiso kufanele yenziwe ngegunya lobupristi elivela kuNkulunkulu nangendlela ehambisana nendlela uJesu abhabhadiswa ngayo (ngokucwiliswa).

Ukubhabhadiswa eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kulandelwe ukwemukela isipho sikaMoya oNgcwele ngomuntu onegunya elivela kuJesu yindlela uMsindisi abonisa ngayo ukuba yilunga leBandla Lakhe.

Funda kabanzi
Wonke umuntu uyamenywa futhi uyakhuthazwa ukuba akhonze nathi, kodwa ukuba yilunga leBandla ngokusemthethweni kudinga ukufunda ngevangeli loMsindisi, ukukhetha ukubhabhadiswa, nokwemukela isipho sikaMoya oNgcwele.

Isinyathelo sokuqala sokujoyina IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ukufunda kabanzi ngoJesu Kristu kanye nezethembiso nezibopho ozenzayo njengoba ubhabhadiswa eBandleni likaJesu Kristu.

Ivangeli likaJesu Kristu libusisa abantu ngethemba, injabulo nokuqonda kangconywana ngenjongo yokuphila. Lapho usukulungele ukubona ukuthi ukuba yilunga leBandla loMsindisi kungakubusisa kanjani, ungaqala ngokufunda nabefundisi abangakusiza ukukwazisa ngezinkolelo zethu nangebandla elisendaweni yangakini.

Funda kabanzi ngabefundisi noma hlangana nabefundisi endaweni yangakini.

Izinkolelo zobuKristu

Yebo! Sikholelwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu noMsindisi womhlaba, futhi sizabalazela ukuMlandela. Njengamabandla amaningi obuKristu, imininingwane yezinkolelo zethu iyahlukahluka ngandlela-thile kuleyo yomakhelwane bethu. Kodwa singabalandeli abazimisele bakaKristu nezimfundiso Zakhe. Izingxenye ezehlukile nezinhle zenkolo yethu zisiza ukujulisa ukuqonda kwethu ngoJesu nevangeli Lakhe.
UZiqu ziNtathu oNgcwele yigama izinkolo eziningi zobuKristu ezilisebenzisayo ukuchaza uNkulunkulu uBaba, uJesu Kristu, noMoya oNgcwele. Sikholelwa ekutheni bobathathu bakhona kodwa sikholelwa ukuthi bangabantu abahlukene kodwa bamunye ngenhloso. Injongo Yabo ukusisiza sizuze injabulo yangempela—kulempilo nangemuva kokufa kwethu.

Funda kabanzi
Yebo!  UJesu uyisisekelo sokholo lwethu—iNdodana kaNkulunkulu noMsindisi womhlaba. Sikholelwa ukuthi ukuphila okuphakade noNkulunkulu nabathandekayo bethu kuza ngokwamukela ivangeli Lakhe. Igama eliphelele leBandla iBandla LikaJesu Krestu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, okubonisa indima Yakhe esemqoka ezimpilweni zethu. IBhayibheli neNcwadi kaMormoni kufakaza ngoJesu Kristu, futhi siyakwazisa kokubili.

Lelivesi elivela eNcwadini kaMomoni lisiza ukucacisa inkolelo yethu: “Futhi sikhuluma ngoKristu, sithokoza kuKristu, sishumayela ngoKristu, siphrofetha ngoKristu, futhi sibhala ngokweziphrofetho zethu, ukuze abantwana bethu bazi ukuthi yikuphi lapho bengabheka khona ukuze bathole ukuthethelelwa kwezono zabo.” (2 Nefi 25:26).

Funda kabanzi
Sikholelwa ukuthi ukufa akusona isiphetho nakumunye wethu nokuthi ubudlelwano esibubumba kulempilo bungaqhubeka emva kwayo lempilo. Ngenxa yomhlatshelo kaJesu Kristu owenzelwa thina, sonke siyovuswa ukuze siphile ingunaphakade emizimbeni ephelelisiwe engenakugula nabuhlungu. Umusa Wakhe usisiza siphile izimpilo ezinokulunga, siphenduke ekwenzeni okubi, futhi sifane Naye ukuze sibe nethuba lokuphila noNkulunkulu nabathandekayo bethu ingunaphakade.

Funda kabanzi

Uhlobo lwempilo

Igama elithi “AmaMormoni” yisiteketiso esivela encwadini yombhalo ongcwele oyingqayizivele eBandleni lethu ebizwa ngokuthi iNcwadi kaMormoni. Asizange siziqambe lesi siteketiso, kodwa abantu abaningi basisebenzisa ukuchaza iBandla namalunga alo. Esikhathini esedlule, salamukela leligama futhi saze salisebenzisa ngokwethu, kodwa manje sicela abantu babize iBandla ngegama lalo eliphelele: IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. 

Lokhu kugcizelela ukuthi kusetshenziswe igama eligcwele leBandla kusisiza silandele umyalelo weNkosi onikezwe uMprofethi uJoseph Smith: “Ngokuba liyobizwa kanjena ibandla lami ngezinsuku zokugcina, ngisho IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.” (IMfundiso neziVumelwano 115:4) Kuyasiza futhi ukuqinisekisa ukuthi uJesu uyisisekelo senkolo nezinkolelo zethu.

“AbaNgcwele beziNsuku zokuGcina” kuyindlela enhle yokubiza abangani bakho abangamalunga enkolo yethu.
Amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ayafana nanoma yimuphi womunye wabangani bakho nomakhelwane. Siyasebenza, siye esikoleni, sichithe isikhathi nabangani nomndeni, sibambe iqhaza kwezemidlalo, futhi siyazijabulela izinhlobonhlobo zezinto zokuzilibazisa.

Sithola injabulo nezinselelo njengawo wonke umuntu, kodwa sikholelwa ukuthi lapho senza konke okusemandleni ethu ukulandela isibonelo sikaJesu Kristu, uNkulunkulu usinika umbono namandla engeziwe ukuze sibhekane nezinselelo zempilo. Siphinde sibe nomphakathi webandla olekelelayo uma ufuna ukusekelwa.

Sizama ukwenza uJesu nezimfundiso Zakhe kube semqoka ezimpilweni zethu. Izinkolelo zethu ngoMsindisi nezimfundiso Zakhe zithinta izinqumo zethu zansuku zonke mayelana nendlela esikhuluma ngayo, esigqoka ngayo nesenza ngayo izinto. Isibonelo, sizama ukugwema ukusebenza noma ukuthenga ngosuku lwangeSonto ukuze sigcine usuku lweSabatha lungcwele, njengoba iBhayibheli lifundisa. Eyethu yinkolo eshunyayelwa ngeSonto futhi eyenziwa kahle nsuku zonke.


Funda kabanzi
Ngezinye izikhathi eBhayibhelini, uNkulunkulu wayenikeza imiyalo ngabaprofethi Bakhe ukuba kuyekwe ukudla okuthile (bheka ku Levitikusi 11). Leso sifanekiso siyaqhubeka namuhla ngeZwi LokuHlakanipha, izimfundiso zokuphila eziyalelwe nguNkulunkulu zanikwa uMprofethi uJoseph Smith ukuze sizuze ngokomzimba nangokomoya. IZwi LokuHlakanipha liqukethe isiqondiso esivela kuNkulunkulu ezintweni ezifana nokudla ukudla okunempilo nokuzivocavoca, kanye nesiqondiso sokugwema ikhofi, itiye, ugwayi, utshwala nokusebenzisa kabi izidakamizwa.

Izipho ezimbili ezinkulu kakhulu uNkulunkulu asinike zona ngamunye yimizimba yethu nenkululeko yokuzikhethela. Ukulandela iZwi LokuHlakanipha kusisiza siyihloniphe futhi siyinakekele imizimba yethu futhi sigcine izingqondo zethu zichachile ukuze sikwazi ukuxhumana kakhulu noMoya oNgcwele. Kuyasisiza futhi sigweme ukuzijwayeza, okungaqeda inkululeko yethu yokuzikhethela.

Funda kabanzi
Members are shaking hands and greeting each other in a foyer of a meetinghouse in India.

Izinkonzo zeBandla

Izikhathi zokuqala kwezinkonzo zethu zangeSonto ziyahlukahluka ngezindawo. Ezindaweni ezinamalunga amaningi eBandla, kuyenzeka kube namabandla amaningi ahlangana ngezikhathi ezahlukene esakhiweni esisodwa. Ungathola indawo nesikhathi somhlangano webandla eliseduze nawe lapha: Thola Ibandla.
Amabandla ethu emhlabeni jikelele alandela uhlelo olufanayo lwamahora amabili ezinkonzweni zangeSonto. Ngesikhathi salokhu esikubiza ngesidlo esingcwele, wonke umuntu uhlanganyela ndawonye. Umhlangano unomthandazo wokuvula nokuvala, amaculo ambalwa, kanye nentshumayelo enikwa amanye amalunga ebandla

Into ebaluleke kakhulu emhlanganweni wesidlo esingcwele yilapho kuthathwa khona isidlo esingcwele, okufana neSidlo seNkosi kwezinye izinkolo zamaKristu. Ngesikhathi sesidlo esingcwele, sikhumbula uJesu Kristu futhi sizibophezele kabusha ukumlandela lapho sithatha ucezu oluncane lwesinkwa nenkomisi yamanzi okuwuphawu lomzimba kanye negazi Akunikelela thina.

Ngaphezu komhlangano wesidlo esingcwele, abantu bayamenywa ukuba bahlale ihora lesibili lokufunda esimweni sokufundisana ngamaqoqo amancane. Kunamaklasi ahlukahlukene atholakalayo abantu abadala, intsha, nezingane lapho kufundwa khona imibhalo engcwele namazwi abaprofethi abaphilayo futhi sixoxe ngokuthi singamlandela kanjani uJesu Kristu.

Funda kabanzi
Wamukeleke kakhulu ukuba ufike unjengoba unjalo. Uma ukhathazekile ukuthi uzogqama, sike sizame ukugqoka izingubo ezinhle kunalezo esizogqoka evikini lonke ukukhombisa inhlonipho esinayo ngoNkulunkulu. Izingubo ezijwayelekile ozozibona esontweni ihembe nothayi kubantu besilisa kube isiketi noma ingubo kubantu besifazane.
Sinezivakashi cishe kuwona wonke amabandla ethu, ngakho sikujwayele ukubona ubuso obusha. Ebandleni elikhulu, abantu kungenzeka bangaboni nokuthi uyisivakashi. Kwezinye izindawo, abantu kungenzeka bakubone bese bethi sawubona. Noma ngabe iyiphi indlela, ungangabazi ukuzazisa bese ubuza imibuzo okungenzeka ukuthi unayo.
Cha. Lapho isinkwa namanzi esidlo esingcwele sinikezwa ibandla, ungasidlulisela kumuntu olandelayo isithebe bese uyahlala uthokozele ukuqhubeka kwenkonzo. Uzobona abantu bevolontiya ukubamba iqhaza ngezinye izindlela, njengokuphendula umbuzo kathisha ngesikhathi sikaSonto Skole, kodwa akudingeki uphakamise isandla sakho uma lokho kungeyona into ofuna ukuyenza.
Cha. Siyakholelwa emthethweni wokweshumi otholakala eBhayibhelini. Kodwa amalunga ethu akhetha ukukhokha okweshumi akwenza lokho ngasese, hhayi njengengxenye yenkonzo yokukhonza. Ngeke ucelwe umnikelo ngesikhathi somhlangano.
Yebo! Leli yibandla elithanda imindeni. Izingane zihlala nabazali bazo ngesikhathi somhlangano omkhulu wesidlo esingcwele bese zibamba iqhaza kulokho okwenziwayo nezinye izingane noma nentsha elingana nazo ngenkathi abantu abadala beya kuSonto Skole. Amaklasi ezingane kanye nawentsha njalo aholwa abadala ababili noma ngaphezulu. Igumbi lokuphumula lomama lihlinzeka ngethuba lokuba bancelise abantwana bebodwa nokuba bafeze ezinye izidingo.
Kunjalo! Sikholwa wukuthi sonke singabantwana bakaNkulunkulu futhi izibusiso asethembise zona zingatholwa yithi sonke njengoba sizabalazela ukulilandela izwi Lakhe, akukhathaliseki ngezici noma ngemuva lethu. IBandla liyindawo yawo wonke umuntu ukuba afunde nokuthi akhule. Kungenzeka ukuthi unenkolelo ethile ekwenza uzizwe ungafanelekile, kodwa iqiniso wukuthi amalung ethu avela ezindaweni ezahlukene futhi athanda izinto ezingafani. Woza uzovakasha, kungenzeka umangale ngongamthola ehleli eceleni kwakho ezihlalweni.
Yebo. Emabandleni ethu, wonke umuntu unethuba lokufaka isandla. Abesifazane nabesilisa babamba izikhundla zobuholi, basebenze kumakomidi, bafundise amaklasi, bakhulume besepulpiti, banikeze imithandazo, bese behlela futhi bahole okwenziwayo. Ngisho nezingane nentsha zinethuba lokwenza lezi zinto.

Ukulandela isifanekiso uJesu asibeka ebiza abaPostoli Bakhe AbayiShumi NaMbili nokubanika izikhiye zegunya lobupristi elivela kuNkulunkulu, abantu besilisa kuphela abaphethe izikhiye zobupristi namuhla. Ngaleso sizathu, izikhundla ezithile zobuholi nemisebenzi eBandleni zenziwa ngabantu besilisa kuphela. Kodwa ezinye izikhundla nemisebenzi ebalulekile yenziwa futhi ifezwe ngabesifazane kuphela. Abesifazane basebenza, bahole, bafakaze futhi bafundise kaningi emihlanganweni yesonto. Uma uzimisele ukufaka isandla ebandleni lakho lendawo yangakini, kuyohlale kunamathuba okukwenza lokho.

Funda ngeqembu lethu labesifazane.
Abantu abaningi abakhululekile ngenkolo ehlelekile futhi bakhetha ukuzifundela ngokomoya nokuphila izimpilo ezinhle ngokwabo. Iqiniso ukuthi, sikudinga kokubili.

Okufundwe ngokomoya nokusiza abanye evikini lonke ngalinye kuyisisekelo sobudlelwane noNkulunkulu. Kodwa eminye imiyalo kaNkulunkulu, njengokubhabhadiswa nokuthatha isidlo esingcwele esasungulwa nguJesu Kristu, idinga igunya lobupristi obuvela kuNkulunkulu. IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina linikeza uhlelo negunya lobupristi elidingekayo ukufeza leyo miyalo. Liphinde lihlinzeke ngendawo enothando futhi esekelayo lapho ungasebenzela khona ukuba ngumuntu ongcono futhi uthole nolwazi okungenzeka ukuthi awulutholanga ngenkathi uzifundela izwi likaNkulunkulu ngokwakho. Okunye esikuzuzayo ngenkolo ehlelekile yindlela ekhuthaza ngayo futhi yenze kutholakale namathuba okusizana.
Ingqungquthela yebandla lonke umhlangano womhlaba wonke wamakholwa. Kabili onyakeni, sichitha impelasonto silalela abaprofethi nabaphostoli beNkosi, nabanye abaholi beBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku ZokuGcina babelana nathi ngomyalezo kaNkulunkulu walesi sikhathi sethu. Izinkulungwane zabantu zibamba iqhaza bukhoma eSalt Lake City, e-Utah, eMelika, kanti izigidi nangaphezulu zibuka zikude noma zifunde imiyalezo ngokwazo kamuva.

Funda kabanzi ngengqungquthela yebandla lonke.
Buka noma ufunde imiyalezo yengqungquthela yebandla lonke eyedlule.
Joseph Smith, Jr. kneeling in the Sacred Grove during the First Vision.  There are shafts of light shining down on Joseph.

Umlando weBandla

Ngonyaka ka-1820, umfana oneminyaka eyi-14 ubudala ogama lakhe linguJoseph Smith waqala ukukhathazeka ngenjabulo yomphefumulo wakhe futhi wazibuza ukuthi yiliphi ibandla okufanele alijoyine. Ngelinye ilanga, efunda iBhayibheli, wafunda uJakobe 1:5

“Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.”

Lelizwi lamthinta ngamandla uJoseph, okwamenza waba nogqozi lokuthola ihlathi elincane lezihlahla elithule wayesezama okokuqala empilweni yakhe ukuthandaza ngokuzwakalyo. UNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe uJesu Kristu babonakala kuJoseph Smith ngalolosuku, bamtshela ukuthi izono zakhe zase zithethelelwe nokuthi kwakungafanele ajoyine nelilodwa lamasonto ayefunde ngawo.

UJoseph wakhethwa njengoMprofethi kaNkulunkulu, ngaphansi kokuqondiswa nguJesu Kristu, owayezobuyisela iBandla Lakhe emhlabeni. IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lasungulwa ngokusemthethweni ngonyaka ka-1830.

Funda kabanzi
Izintshumayelo ezinikezwe ngumprofethi, abapostoli, nabanye abaholi beBandla engqungqutheleni yebandla lonke zingatholakala ngokuphequlula kwingqungquthela yeBandla lonke general conference archives. Ungahlala wazi okushiwo abaholi beBandla ngaphandle kwengqungquthela yebandla lonke—njengalapho kunikelwa amathempeli noma imicimbi eminingi yokholo—ngokuvakashela i-Church Newsroom. Ungasebenzisa futhi inkinobho yoku cinga ku-ChurchofJesusChrist.org ukuphequlula izinkulumo zengqungquthela yebandla lonke, imibhalo kumaphephabhuku, nakweminye imithombo ngezihloko.
Lapho umprofethi noMongameli weBandla edlula emhlabeni, umpostoli omdala kakhulu (ngobude bomsebenzi, hhayi ngobudala beminyaka) uba ngumprofethi omusha. Lapho kunesikhala ku-Mgwamanda wabaPostoli Abayishumi NaMbili, umprofethi ukhetha umuntu omusha ukuba azosebenza, ngentshisekelo evela kuNkulunkulu.

Ezinye izikhundla zesibopho eBandleni—lokho esikubiza ngokuthi “ubizo"—ezingeni lesifunda nelendawo nazo zikhethwa ngentshisekelo evela kuNkulunkulu. Isibonelo, umbhishobhi ohola ibandla angase athandaze futhi azizwe ethola ugqozi lokucela owesifazane othize ukuba ahole inhlangano yabesifazane eyaziwa ngokuthi i-Nhlangano YokuSiza. Yena-ke uzothandazela isiqondiso mayelana nokuthi ngobani okufanele bamsize njengabeluleki, njengonobhala, njengothisha, nakwezinye izindima.

Funda kabanzi
A bible and triple combination on a table with papers.

IBhayibheli neNcwadi kaMormoni

Yebo! Sikholelwa ukuthi iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu. Siyalifunda njalo emakhaya ethu nasesontweni, futhi sizama ukuphila ngezimfundiso zalo. Sikholelwa ukuthi iTestamente eliDala neTestamente Elisha asebenza ndawonye neNcwadi kaMomoni, okungelinye lamatestamente kaJesu Kristu, ukusebenza njengofakazi kaJesu futhi kusinikeze ukuqonda okuphelele ngohlelo lukaNkulunkulu.

Funda kabanzi
INcwadi kaMormoni ingumqingo wemibhalo engcwele efakaza ngoJesu Kristu futhi ifundise ngesu likaNkulunkulu nemiyalelo Yakhe enikwe thina. Esinye sezibusiso zeNcwadi kaMormoni inikeza ukucaca okwengeziwe nokuqonda izimfundiso zikaJesu ezitholakala eBhayibhelini—ezifana nendlela uMathewu, uMarku, uLuka, noJohane abasitshela ngayo ngenkonzo nezimfundiso zikaJesu ngemibono ehlukene ukuze basinikeze isithombe esiphelele ngokwenzeka.

Ndawonye, iNcwadi kaMomoni neBhayibheli kuqukethe izinkulungwane zeminyaka wentshisekelo, isiqondiso nomyalo. Ngokufunda zombili lezi zincwadi, ungathola ukuqonda kangcono ukuthi uNkulunkulu ungubani nokuthi ufunani ngawe.

Funda INcwadi kaMormoni kanye neBhayibheli nabafundisi.
NjengeBhayibheli, iNcwadi kaMormoni inababhali abaningi. Iyiqoqo lamajenali nemilando eyadluliselwa komunye umlobi iye komunye esikhathini esiyiminyaka eyizinkulungwane. Umbhali wokuqala ngumprofethi uNefi, owashiya iJerusalema nomndeni wakhe ngonyaka wama-600 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu futhi wahamba ngomkhumbi waya emazweni aseMelika. UNefi wadlulisela umbhalo kumfowabo omncane, owabe esewunika indodana yakhe. Umbhali ngamunye wayenikeza umbhalo umuntu ayemethemba. UMormoni kwakuyigama lomphrofethi owaqoqa yonke imibhalo wayihlanganisa encwadini eyodwa, yingakho ibizwa ngeNcwadi kaMormoni.

Ngonyaka wezi-1823, uJoseph Smith waholelwa lapho umbhalo wasendulo wawufihlwe khona, futhi wawuhumusha ngamandla kaNkulunkulu. 

Funda kabanzi
Thola iNcwadi kaMormoni
NjengeBhayibheli eliNgcwele, INcwadi kaMormoni ifakaza ngoJesu Kristu. Isehlakalo esibalulekile esilotshwe eNcwadini kaMormoni ukuvakasha kukaJesu Kristu—kuhlanganisa nezimfundiso Zakhe kanye nobufundisi Bakhe—kumakholwa aseMelika yasendulo.

INcwadi kaMormoni iqala ngendaba yomndeni Ubaba walowomndeni, uLehi, ungumprofethi eJerusalema lasendulo cishe ngonyaka wama-600 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. UNkulunkulu uxwayisa uLehi ephushweni ukuba athathe umndeni wakhe ahambe eJerusalema ngoba idolobha lizobhujiswa maduze futhi abantu abaningi bazothunjwa esinye isizwe. Bawela ulwandle baya emazweni aseMelika.

Inzalo kaLehi kanye nomkakhe, uSariya, ekugcineni bahlukana baba izizwe ezimbili: amaNefi kanye namaLamani. Emakhulwini ambalwa eminyaka alandelayo, lezo zizwe zivame ukulwa zodwa, futhi ukholo lwazo kuNkulunkulu noJesu Kristu luvivinywa njalo. Lezi zehlakalo zigcwalisa amakhasi eNcwadi kaMormoni ngendlela yezintshumayelo ezinamandla, iziprofetho, izifundo zempilo, kanye nezindaba.

Ngemuva kokuba uJesu esevukile eJerusalema, Uzibonakalisa kubantu baseMelika. Ubafundisa ngombhabhadiso nokuthethelela. Ulapha abagulayo babo bese ebusisa nabantwana babo. Usungula iBandla Lakhe. Ngemva kwalokho, baphila ngokuthula amakhulu eminyaka. Ngokuhamba kwesikhathi, abantu baphelelwa ukholo futhi abaningi babulawa empini. Umprofethi waleso sikhathi okuthiwa uMoroni ugqiba umbhalo wabo ukuze awugcinele isikhathi esizayo kanye nabantu—enzela thina!

Funda kabanzi
Thola iNcwadi kaMormoni
A father and mother  talk and interact with their children as the walk around the grounds in front of the Oakland Temple.

Amathempeli Nomshado

Ukukhonza kwethu okuningi kwenzeka emasontweni, abuye abizwe ngokuthi ama-chapel, izindlu zemihlangano, noma izikhungo zesikhonkwane. Ungaziqaphela lezi zakhiwo ngamagama athi “Siyanamukela Zivakashi” nathi “IBandla LikaJesu Kristu LabaNgcwele beziNsuku zokuGcina” anamathiselwe eduze kwesango lezakhiwo eziningi. Ngaphakathi, sibamba izinkonzo zokukhonza ngeSonto, imisebenzi yentsha yaphakathi nesonto, ukuhlangana kokuzijabulisa, imidlalo yamasiko, neminye imicimbi evuleleke kuwo wonke umuntu emphakathini.

Amathempeli anenhloso ethize. Ayizindawo ezihlukaniselwe ngokukhethekile inkonzo engcwele nemicibi. Amiswe iNkosi futhi anikelwa ezinjongweni Zakhe. Amathempeli izona kuphela izindawo lapho ezinye zezimiso zigunyazwe ukwenziwa khona. Lemicimbi engcwele iyaphakamisa futhi ikhuthaze ababambiqhaza njengoba benza izibopho zokulandela izimfundiso kanye nesibonelo sikaJesu Kristu.

Amathempeli anenhlonipho ekhethekile—ngeke uthole abantu bekhuluma ngokunganaki ngemuvi yakamuva, besebenzisa omakhala ekhukhwini babo, noma bezibandakanya kweminye imisebenzi yansuku zonke. Kunalokho, amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina asebenze ukuzilungiselela ulwazi olungcwele agxila ekubambeni iqhaza ezimisweni kanye nasekufuneni isambulo somuntu siqu esivela kuNkulunkulu.

Amathempeli akhiwe ukuze ahambisane nokubukeka kwezwe, amasiko, kanye nezidingo zendawo, ngakho ngalinye libukeka lihlukile kancane. Kodwa amaningi awo akhiwe ngemabula emhlophe futhi anezici ezibheke ukufika ezulwini. Ungathola njalo amazwi athi “Holiness to the Lord, the House of the Lord” ngaphandle kwethempeli.
Lapho amathempeli eqala ukwakhiwa noma ngemva kokulungiswa okubanzi, ukuvulwa kwezindlu kubanjelwa umphakathi ukuze ukwazi ukuvakashela ngaphakathi. Futhi, amathempeli amaningi anezikhungo zezivakashi, izindawo zokulinda, noma izinkundla ezivulekele wonke umuntu.

Ngemva kokuba ithempeli seliqediwe, linikezelwa ekukhonzeni okungcwele. Ngenxa yobungcwele bomsebenzi esiwenzayo emathempelini, libe selivuleleka kuphela kumalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina azilungiselele lololwazi. Nakuba ungeke ukwazi ukungena ethempelini njengamanje, bonke abantwana bakaNkulunkulu bayamenywa ukuthi bafunde kabanzi ngevangeli likaJesu Kristu futhi bangene ebudlelwaneni besivumelwano obuzokuvumela ukuthi ubambe iqhaza ngokugcwele ezibusisweni zethempeli.
Amathempeli ahlukile kunezakhiwo zethu zesonto lansuku zonke lapho sibambela khona izinkonzo zokukhonza ngeSonto. Ayizindawo zethu ezingcwele kakhulu, ezibekelwe umsebenzi kaNkulunkulu ongcwele kunayo yonke. Izinto esizenzayo ethempelini zigxile kwisithembiso sokuthi singaphila noNkulunkulu kanye nabathandekayo bethu ingunaphakade.

Ethempelini, sizinikela ngokugcwele ekulandeleni uJesu Kristu. Senza izithembiso noNkulunkulu, njengesithembiso sokugcina imiyalo Yakhe kanye nokuzinikela thina nakho konke esinakho Kuye. Amadoda namakhosikazi nabazali nabantwana bahlanganiswa ndawonye, noma “baboshwe” komunye nomunye, ungunaphakade. Futhi senzela abangasekho bethu umsebenzi ofanayo , sibanika ithuba lokwamukela lezo zibusiso ekuphileni okulandelayo uma bekukhetha.

Funda kabanzi
UMsindisi wafundisa ukuthi umbhabhadiso uyadingeka ukungena embusweni wezulu (bheka NgokukaJohane 3:5). Kodwa-ke kuthiwani ngalabo abafe ngaphambi kokuba babhabhadiswe noma ngisho nokuba bazi ngoJesu na?

Ngokujabulisayo, uNkulunkulu ulungiselele indlela yokuthi wonke umuntu athole zonke izibusiso Zakhe—ngisho nangemva kokufa. Ethempelini, imibhabhadiso yenzelwa labo abafa bengalitholanga ithuba lokubhabhadiswa kulempilo yasemhlabeni. UMphostoli uPawulu wakhuluma ngokubhabhadiselwa abafileyo eBhayibhelini (bheka 1 AbaseKorinte 15:29), futhi amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina aqhubeka nalowo mkhuba ofanayo emathempelini namuhla. 

Nakhu okutshengisa ukuthi kusebenza kanjani: AbaNgcwele beziNsuku zokuGcina bafunda umlando womndeni futhi bathole amagama amalunga omndeni ashona bengakabhabhadiswa. Bese bebhabhadiselwa labo abangasekho ethempelini. Lenkonzo yabo yenziwa ngothando—futhi ngenxa yokuthi impilo iyaqhubeka ngemuva kokufa, labo abafileyo bayazazi izimiso futhi bangakhetha ukuzamukela. 

Funda kabanzi
Ethempelini, umyeni nomkakhe bahlanganiswa ingunaphakade. Lomcimbi womshado ubizwa ngokuthi “ukubopha” kwethempeli ngoba uhlanganisa ababili ndawonye kulempilo naphakade. Phakathi nomcimbi omfishane, olula, umakoti nomkhwenyana bahlanganisa izandla kwi-altare. Benza isivumelwano noNkulunkulu ukuthi bazohlonipha futhi bathandane ngokuphelele futhi bazibophezele ukulandela izimfundiso nesibonelo sikaJesu. Okulandelayo, bathenjiswa ukuthi umshado wabo nomndeni wabo uyakubekezela kuyiwa empilweni elandelayo naphakade. 

Izithandani ezishade ethempelini zivame ukugubha neqembu elikhulu lomndeni nabangani ngemuva kwalokho ngedili lomshado noma ngelinye lesiko lamasiko. Abashadikazi ababeshade ngaphambilini emcimbini yomphakathi ngaphandle kwethempeli (njengalabo abajoyina iBandla ngemuva kokuba sebeshadile) bangathola izibusiso zokuba babophwe ethempelini nabo.

Funda kabanzi
Izingubo zenkolo ezingumfanekiso nobucwebe kuwumkhuba ovamile kubantu abaningi bokholo emhlabeni wonke, okuhlanganisa namalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Amalunga amadala agqoka izembatho zasethempelini njengesikhumbuzo somuntu siqu sobudlelwane bawo noNkulunkulu, izithembiso ezenziwa Kuye ethempelini, nokuzibophezela kwawo ekulandeleni uJesu Kristu nokugcina imiyalelo Yakhe. Isembatho sethempeli sinezicucu ezimbili, ezifana nehembe langaphansi elilula kanye nezikhindi. Zithathwa njengezingcwele kumalunga azigqokayo.

Funda kabanzi
Yebo. Amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina angashada nanoma ngubani amkhethayo. Nokho, imishado engcwele yasethempelini engunaphakade igcinelwe kuphela owesilisa kanye nowesifazane bobabili abangamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina futhi abazilungiselele ukuzibophezela kwaphakade komunye nomunye kanye nakuNkulunkulu. Ngaleso sizathu, abaningi abangashadile babaNgcwele beziNsuku zokuGcina bakhetha ukugxila ukwazana nabantu ababelana ngezinkolelo nabo kanye nenjongo yabo yokushada ethempelini.

Abefundisi beVangeli

Umgomo wawo wonke umfundisi wevangeli ukusabalalisa ivangeli likaJesu Kristu. Ezinye zezinto abazenzayo zihlanganisa ukuhlangana nokuxoxa nabantu abathanda ukufunda okwengeziwe, ukubafundisa, ukufunda imibhalo engcwele ndawonye, nasekuzinikeleni ukusebenza emphakathini.

Amamishini abukeka ehlukile kancane kuya ngendawo akuyona. Isibonelo, abanye abafundisi bevangeli bahamba ngezinyawo noma bagibele amabhayisikili lapho abanye bashayela izimoto. Abanye babelwa emaphandleni, abanye emadolobheni amakhulu. Ngezinye izikhathi umsebenzi wabafundisi bevangeli ubukeka njengokuxhumana nabantu ngezinkundla zokuxhumana; ngezinye izikhathi ubandakanya ukungqongqoza eminyango noma ukuvakashisa abantu ezindaweni ezinomlando weBandla.

Into eyodwa efanayo bonke abefundisi bevangeli abanayo ukuthi bafuna ukusiza abanye ukuba bazi futhi bakhe ubuhlobo noJesu. Uma unemibuzo ehlobene nokholo, ufuna othile ongathandaza naye, noma ufuna ukuya nomuntu esontweni, sazise! Abefundisi bevangeli bayakujabulela ukukhuluma nawe!

Xhumana nabafundisi bevangeli endaweni yangakini.
Wonke amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ayakhuthazwa ukuthi asabalalise ivangeli likaJesu Kristu kwabanye. Amanye amalunga ayamenywa futhi angakhetha ukusebenza kwimishini egcwele isikhathi esithile (isikhathi esiningi kuba izinyanga eziyi-18 noma ezingama-24). Iningi labefundisi bevangeli bethu abantu abadala abangashadile abaseminyakeni yokugcina yobusha noma ekuqaleni kweminyaka yamashumi amabili, namalunga amadala abantu abashadile nabo bayasebenza. Ngenxa yokuthi izimo zomuntu ngamunye zehlukile, abanye bangakhetha ukusebenza kwimishini amahora ambalwa ngeviki. Amalunga eBandla amaningi awakaze asebenze kwimishini esemthethweni kodwa abelana ngevangeli ngezenzo zawo zansuku zonke.

Funda kabanzi ngabafundisi bevangeli noma hlangana nabafundisi bevangeli endaweni yangakini.
Kungenzeka ukuthi usubonile ukuthi abafundisi bevangeli baziwa ngoGosa noma uDade kuhlanganiswe nesibongo sabo. Lesi yisiqu esisisebenzisa njengophawu lwenhlonipho nobuqotho. Ngokufanayo, amalunga ansuku zonke eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ajwayele ukubizana ngokuthi Mfowethu noma Dadewethu esikhundleni sikaMnu. noma uNksz. ukuhlonipha ubuhlobo bethu njengabantwana bakaNkulunkulu.
Christ being Baptised - A young being baptized

Umbhabhadiso

Yebo. UJesu wakubeka kwacaca ukuthi umbhabhadiso uyadingeka ukungena embusweni wezulu, efundisa ukuthi kumele “sizalwe ngamanzi nangomoya” NgokukaJohane 3:5). UJesu Uqobo wabhabhadiswa—nakuba wayephelele—ukuze asibekele isibonelo.
Yebo. Abaningi ababhabhadiswe kwelinye ibandla bathatha leso sinyathelo ngokuthembeka, ngesifiso esiqotho sokwamukela nokulandela uJesu Kristu.

Sikholelwa ukuthi uma kuziwa ezimisweni ezingcwele noma izenzo ezibalulekile zensindiso yethu yangunaphakade, kudingeka silandele iphethini eyasungulwa nguJesu Kristu. Lokhu kusho ukuthi imibhabhadiso kumele yenziwe ngegunya lobupristi elivela kuNkulunkulu nangendlela ehambisana nendlela uJesu abhabhadiswa ngayo (ngokucwiliswa).

Ukubhabhadiswa eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kulandelwa ukuthola isipho sikaMoya oNgcwele ngumuntu onegunya elivela kuJesu yindlela uMsindisi abonisa ngayo ukuba yilunga leBandla Lakhe.

Funda kabanzi
Wonke umuntu uyamenywa futhi akhuthazwe ukuba akhonze nathi, kodwa ukuba yilunga leSonto elisemthethweni kudinga ukufunda ngevangeli loMsindisi, ukukhetha ukubhabhadiswa, nokuthola isipho sikaMoya oNgcwele.

Isinyathelo sokuqala sokujoyina IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ukufunda kabanzi ngoJesu Kristu kanye nezithembiso nezibopho ozenzayo njengoba ubhabhadiswa eBandleni likaJesu Kristu.

Ivangeli likaJesu Kristu libusisa abantu ngethemba, injabulo nokuqonda okukhulu ngenjongo yempilo. Lapho usukulungele ukubona ukuthi ukuba yilunga leBandla loMsindisi kungakubusisa kanjani, ungaqala ngokufunda nabafundisi bevangeli abangakusiza ukukwazisa izinkolelo zethu nasebandleni lendawo yangakini.

Funda kabanzi ngabafundisi bevangeli noma hlangana nabafundisi bevangeli endaweni yangakini.

Thola Izimpendulo Eziningi

Usenemibuzo eminingi ngathi? Abafundisi bevangeli endaweni yangakini bangakuvakashela ku-inthanethi noma mathupha ukuze baphendule imibuzo yakho futhi babelane ngomlayezo okhuthazayo.
Cela Ukuvakashelwa Abafundisi Bevangeli