UJesu Kristu UnguMsindisi Wakho
UJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu—uMsindisi noMhlengi wethu, othunyelwe ukuzosisindisa sonke. Ngenxa Yakhe, ungakwazi ukuzwa injabulo nokuthula ngokwazi ukuthi ungakhululeka esonweni futhi ngelinye ilanga uphile ingunaphakade noNkulunkulu kanye nabathandekayo bakho.
Lapho uNkulunkulu esithuma emhlabeni ukuba sifunde futhi sikhule, wayazi ukuthi siyowenza amaphutha. Yingakho Asinika uMsindisi.
Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Sikholelwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu yangempela futhi uyilungu elihlukile lobuNkulunkulu, kanye noNkulunkulu uBaba noMoya oNgcwele. Weza emhlabeni ukuzofeza umsebenzi kaNkulunkulu, lapho ayezo:
- Kuzwa izilingo zempilo yasemhlabeni.
- Fundisa futhi afakaze ngoNkulunkulu.
- Kwenza izimangaliso ezinkulu.
- Kuhlupheka futhi afele izono zethu okusivumela ukuba sihlanzwe esonweni
- Nqoba ukufa ngokuVuka Kwakhe, asinike indlela yokuba sonke sivuke.
UJesu Kristu wayesibonelo sothando olumsulwa. Ngozwelo waphilisa abagulayo nabakhubazekile, wondla abalambile, wavusa abafileyo, wanakekela abampofu, wemukela abantu abalahliwe emphakathini, futhi wasiza bonke ababemfuna ngokwethembeka.
UMsindisi uzwa lolo thando kanye nozwelo olufanayo ngawe.
NjengamaKristu, siphokophelela ukufana noMsindisi futhi sibonise uthando Lwakhe kukho konke esikwenzayo.
UMsindisi uzwa lolo thando kanye nozwelo olufanayo ngawe.
NjengamaKristu, siphokophelela ukufana noMsindisi futhi sibonise uthando Lwakhe kukho konke esikwenzayo.
UJesu Kristu wayenguthisha mkhulu. Izintshumayelo zakhe, azinikeza eminyakeni eyizi-2,000 ezedlule, zisakhuthaza abantu emhlabeni wonke ukuba baphile impilo engcono namuhla. Wafundisa iningi, kodwa iBhayibheli lisifundisa ukuthi wabuye wazinika isikhathi sokuxhumana nabantu ngamunye.
Omunye nomunye wethu, kubalwa nawe, singakwazi ukuzwa injabulo enkulu kanye nokuthula ngokulandela izimfundiso zikaJesu Kristu. IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina langakini linezinkonzo zamasonto onke lapho ungafunda khona okuningi mayelana nokuthi lezi zimfundiso zisebenza kanjani kuwena.INcwadi kaMormoni nayo futhi iqukethe imibhalo yezimfundiso zikaKristu ezingengezwa kulezo eziseBhayibhelini.
Omunye nomunye wethu, kubalwa nawe, singakwazi ukuzwa injabulo enkulu kanye nokuthula ngokulandela izimfundiso zikaJesu Kristu. IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina langakini linezinkonzo zamasonto onke lapho ungafunda khona okuningi mayelana nokuthi lezi zimfundiso zisebenza kanjani kuwena.
Ngenxa yomHlatshelo kaKristu, Ungathethelelwa Uphile Futhi
Umhlatshelo Nokufa kukaJesu Kristu
Nakuba uMsindisi wayephila impilo engenaphutha, abanye balesaba ithonya Lakhe noma babecasukile lapho ebatshela ngobumbulu babo. Benza uzungu lokumbulala uJesu.
Ngobusuku bangaphambi kokuba abethelwe esiphambanweni, uJesu Kristu wabuyela eNsimini yaseGetsemane, lapho Ezwa khona ubuhlungu nokugula kwabo bonke abantwana bakaNkulunkulu. Lokhu kwenza ukuthi Akwazi ukuhlinzeka ngosizo kanye nokwelapha kuzo zonke izimo.
Ngemva kwalokho wakhashelwa, waboshwa, washaywa, wadelelwa, futhi wabethelwa esiphambanweni. Ezinsukwini ezintathu kamuva, Wavuka ukuze aphile futhi, enqoba ukufa nesono. Nakuba ukufa kukaJesu Kristu kwakudabukisa futhi kungalungile, umhlatshelo Wakhe ongcwele wenza ukuba ngamunye wethu athethelelwe futhi avuke kwabafileyo.
Singathethelelwa NgeNhlawulo KaKristu
Ngenkathi uJesu Kristu ehlupheka eNsimini yaseGetsemane nasesiphambanweni, wathwala izono zethu phezu kwakhe. Wahlawulela izimfuno zokulunga ukuze ngamunye wethu athole umusa. Lapho siphenduka ngeqiniso, singathethelelwa.

Noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengobubende, ziyakuba njengoboya bezimvu.
Singaphinde Siphile Ngokuvuswa Kwabafileyo
UJesu Kristu wavuka kwabafileyo ngosuku lwesithathu ngemva kokuBethelwa Kwakhe. Ngenxa Yakhe, ngamunye wethu angavuswa aphile futhi. Singaphila noNkulunkulu nabathandekayo bethu emzimbeni ophelelisiwe, ongenakho ukugula, usizi, nobuhlungu.

“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
“Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo: khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”
Mazi uJesu Kristu
Ungaba nobudlelwane ngqo noMsindisi wakho. Qala ngokukhuluma nabefundisi ku-inthanethi noma mathupha mayelana nokuthi ungamlandela kanjani uJesu Kristu.