Series of images of family spending time together and female child playing the guitar/ukelele

Singobani

Amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ayinhlangano yabantu abahlukahlukene emhlabeni wonke jikelele abanokholo kuNkulunkulu kanye neNdodana yakhe uJesu Kristu.

Ukholo Olusebenzayo

Abangani kanye Nomakhelwane
Ungasithola siphila, sisebenza, futhi sikhulisa imindeni emhlabeni wonke jikelele. Kithi, ukuzibandakanya emiphakathini yethu kungenye yezindlela esingathanda ngayo umakhelwane wethu njengoba uJesu efundisa.
Amabandla Ahlanganyelayo
Esikhundleni sabefundisi abakhokhelwayo, sonke sidlala indima emabandleni ethu angakithi ngokuhola, ngokufeza imisebenzi yokukhuluma esabelwe yona, kanye namanye amathuba okuvolontiya.
Ukusekelwa okungale kweSonto
Kithi, ibandla lisho okunye okungale kokukhonza ngamaSonto—liphinde libe yindawo esithola ukusekelwa ngabangani nesikubonayo nesikuzwayo okuqinisa ukholo nosizo oluphathekayo ngokuphathelene nezingqinamba zempilo.

We Work Together as Followers of Jesus Christ

Improving lives and building strong communities

Sikhonza Ndawonye
Emihlanganweni yendawo engaphezulukwezi-30,000 emhlabeni jikelele, abantu baxhumana nabanye emphakathini yangakubo ukuze bakhonze, bathandaze, bacule amahubo, futhi bafunde ivangeli likaJesu Kristu.
Sifunda Ndawonye
Phakathi nesonto, abantu beminyaka yonke bahlangana emaklasini, njengesikole sentsha sokufunda ivangeli noma isikole sabadala sokufunda ivangeli, bezofunda ndawonye izimfundiso zikaJesu .
Sisebenzela Abanye
Imisebenzi yokusebenzela abanye iyingxenye ejwayelekile yakho konke okwenziwayo ebandleni futhi iyindlela ebalulekile yokulalela umyalelo kaNkulunkulu wokuba sithande omakhelwane bethu.
Sakha Ubudlelwano
Imihlangano yethu iyigxenye yemiphakathi esiphila kuyo, futhi sisebenza kanzima ukuba sibe omakhelwane kanye nabangani abalungileyo. Okwenziwayo okuphathelene nokuhlalisana kwabantu kuyingxenye ebalulekile nethokozisayo yokwakha umphakathi okhonza ndawonye.
Siqinisa Imindeni
Izibopho zemindeni eqinile zenza impilo ichichime injabulo futhi kusisiza sakhe uhlobo lwezwe esilifunayo. Esikuthola ebandleni kanye nezinsizakalo zisekela ubudlelwano obunothando bomndeni.
Siba ngabaNgcono
Ukuba iloluhlobo lomuntu esithemba ukuba yibo kuyingxenye ebalulekile emplilweni yethu ebandleni. Izinhlelo zeBandla zisiza bantu bafunde futhi bakhule ngokomoya nangezindlela ezibonakalayo ngevangeli likaJesu Kristu.

Thola IBandla Lethu Eduze Nawe

Uyafuna ukubona ukuthi umphakathi webandla ungakusiza kanjani na? Woza uzibonele wena ngokuvakashela iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ngakini.
Thola IBandla Lethu Eduze Nawe

Church Leadership

“As every man hath received the gift, even so minister the same one to another as good stewards of the manifold grace of God.” –1 Peter 4:10.

Siyakholelwa kubaProfethi nakubaPostoli
Ngokulandela isibonelo esifanayo uJesu Kristu asenza sokuhola abantu Bakhe ngezikhathi zasebhayibhelini, iBandla namhlanje liholwa ngumprofethi nabapostoli. Labaholi basebenzela abanye ngaphansi kokulekelelwa ukuqondiswa Kwakhe. Ungafunda ngabanzi ngabo lapha.
Abaholi Bavela eMhlabeni Wonke jikelele
Amadoda nabesifazane abavela kuyo yonke imikhakha yempilo basiza ukuhola umsebenzi weBandla emhlabeni wonke kanye nasezindaweni zonke. Isibonelo esisondwa salokhu abesifazane abahola iNhlangano yoSizo yabesiFazane.
Abaholi Bendawo Bangabantu Abejwayelekile
Esikhundleni sabefundisi abakhokhelwayo, imihlangano yezindawo iholwa ngamalungu eBandla anikela ngesikhathi sawo. Basekelwa ngamanye amalungu eBandla ajwayelekile asiza ngokufundisa uSonto Skole nokuhlanza izakhiwo zesonto.
Siyafundisana
Uma uvakashela ibandla lethu, uzoqaphela ukuthi siyafundisana futhi sifunda ndawonye emibhalweni engcwele. Siyakholelwa ukuthi wonke umuntu kukhona anakho okuligugu angabelana ngako, futhi ngalokho abaholi bacela bonke abantu ukuba bashumayele epulpiti, bakhuleke futhi bafundise amakilasi.

Thola Ukwethulwa Kwakho Siqu

Uma unetshisekelo yokuvakasheleni ibandla ngakini, sifuna unethezeke kangangoba kungenzeka. Abefundisi bendawo bangakuvakashela ungakayi lapho ukuze bakwazise ukuthi ungalindelani, baphendule nemibuzo yakho, futhi baze bakubekele nesihlalo sakho lapho usukulungele ukuza.
Khuluma Nabefundisi ngeBandla
Yikhuthaze Inbox Yakho
Thola amavidiyo akhuthazayo, okubhaliweyo, kanye nokuningi nge-imeyili masonto onke.