UJesu Kristu Wasifundisa ukuthi Sithandane
UJesu Kristu uyisibonelo esikhulu kunazozonke sothando. Ukumlandela kuwukuthanda uNkulunkulu futhi usize labo abaseduze kwakho.
“Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.
“Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.
“Owesibili ofana nawo uthi, Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
Umsindisi wakubeka kwacaca ukuthi ukuthanda umakhelwane wakho kungaphezu kokulunga kubantu abahlala eduze kwakho. Ingxenye yesibopho sabalandeli Bakhe ukukhombisa isihe— uthando olumsulwa lukaKristu—kubo bonke abantu, kufaka phakathi nalabo obathatha njengezitha zakho.
Indlela Ibandla Lethu Likhombisa Uthando
Sikholelwa ukuthi ukusebenza ndawonye ukukhombisa isihe esifana nesikaKristu kungokunye okulapha kakhulu, okujabulisayo, nokuhlanganisa izinto ibandla elingakwenza. Nazi izindlela ezimbalwa esinika usizo ngazo, futhi singathanda ukuthi ubandakanye!
Ngale minikelo, abaholi bendawo benganika usizo lwezimali ekudleni, indawo yokuhlala, nakwezokuthutha. Abaholi beBandla baphinde balekelele abantu ngabanye abathola usizo benze uhlelo lokwenza izimo zabo zibengcono, esikhathini esiningi basebenzisa izinsiza ezingeziwe ezinjengezinsiza zokuthola umsebenzi, izeluleko ezivela kwiZinsiza zoMndeni,self-reliance courses , nokunye okuningi.
Lolu sizo luvulela labo abaswele ukuba bezwe uthando loMsindisi kanye nothando lomphakathi wabo—ikakhulukazi uma izikhathi zinzima.
IBandla lisebenzisana nezinhlangano ezithembekile ukudingida izidingo eziyingqayizivele ezivela kwisimo ngasinye, lisebenzisa ibandla lendawo ukwenza izinto ezinjengokuhlanganisa nokuhlunga iminikelo, ukususa imfucuza, nokuhlinzika ngokudla, izingubo, indawo yokukhosela, nokusekelwa kwemizwa uma kudingeka.
Izinsiza Zezenhlalakahle
Kulo lonke iBandla, amalungu ayagqugquzelwa ukuba azile ukudla nyangazonke, ahambe engadlile futhi engaphuze lutho amahora angama-24 (uma imizimba yabo ivuma). Amalungu eBandla abe esenikela ngemali abezoyisebenzisela lokho kudla ukusiza labo abaswele.Ngale minikelo, abaholi bendawo benganika usizo lwezimali ekudleni, indawo yokuhlala, nakwezokuthutha. Abaholi beBandla baphinde balekelele abantu ngabanye abathola usizo benze uhlelo lokwenza izimo zabo zibengcono, esikhathini esiningi basebenzisa izinsiza ezingeziwe ezinjengezinsiza zokuthola umsebenzi, izeluleko ezivela kwiZinsiza zoMndeni,
Lolu sizo luvulela labo abaswele ukuba bezwe uthando loMsindisi kanye nothando lomphakathi wabo—ikakhulukazi uma izikhathi zinzima.
Usizo Lwezinhlekelele
Uma izinhlekelele zemvelo, impi, nezinye izinhlekelele zenzeka, iBandla namalungu alo ayahlangana ukuze ahlinzeke ngokudla, izinto zokwelapha, izingubo, kanye nokunye okubalulekile.IBandla lisebenzisana nezinhlangano ezithembekile ukudingida izidingo eziyingqayizivele ezivela kwisimo ngasinye, lisebenzisa ibandla lendawo ukwenza izinto ezinjengokuhlanganisa nokuhlunga iminikelo, ukususa imfucuza, nokuhlinzika ngokudla, izingubo, indawo yokukhosela, nokusekelwa kwemizwa uma kudingeka.
Usizo Lokusiza Abanye
IBandla lisebenza ukunakekela labo abaswele emhlabeni wonke jikelele ngeLo msebenzi uyahluka ngokwezidingo ezithize zezindawo ezahlukeni. IBandla ligxile kakhulu ekuthuthukiseni kokutholakala kwamanzi ahlanzekile nokuthuthwa kwendle, ukunakekelwa komama nabasanda kuzalwa, ezempilo, ezemfundo, ukuphepha kokudla, nosizo lwababaleki.
Ukusebenzisana nezinhlangano ezithembekile ukuthatha lezi zinyathelo kusiza iBandla landise imizamo yokusiza.
Ukusizana
Ngaphakathi emabandleni ethu, amalungu ahlukaniswa ngamaqoqo ombambiswano bese abelwa abantu abambalwa ukuba “abasize”. Ukusizana kumayelana nokwakha ubungani obufana nobukaKristu. Kucabange njengohlelo lobungani—abasizi bakho bawuhlelo lokusekela elakhiwe ngaphakathi ongaxhumana nalo ezikhathini ezimnandi futhi uphendukele kulo ezikhathini zokuswela.Umphakathi weBandla Lami Wangikhombisa Ukuthi Angingedwa
Indlela Ongakhombisa Ngayo Uthando
Kungabe ukuthanda umakhelwane wakho kubukeka kanjani kuwe? Nansi imibono embalwa yokuthi ungamthanda kanjani umakhelwane wakho:
JustServe.org .
- Khulekela amathuba okukhombisa umusa osukwini lonke.
- Sebenzela ukuxolela labo ozizwa ukuthi bakonile.
- Melana nokuxhashazwa, ubandlululo ngokwebala, nalo lonke uhlobo lokucwasa.
- Sabalalisa imilayezo eyakhayo futhi ube mnene kwabanye ezinkundleni zokuxhumana.
- Bheka abangani abadlula ezikhathini ezinzima.
- Nikeza ukuncoma okuqotho.
- Sekela imizamo nezinhlangano ukunakekela labo abaswele.
Woza futhi Usize Nathi!
Uma ubheka umphakathi wabantu abanothando abafuna ukwenza umhlaba ube indawo engcono, singathanda ukuba ubandakanye nathi! Ungafunda kabanzi ngeBandla lethu kumalungu azinikele ukuba izithunywa zevangeli endaweni yangakini.