Izethembiso zaseThempelini ZisiBophezela kuNkulunkulu nakoMunye noMunye Wethu

Ngenxa yomhlatshelo kaJesu Kristu, singaphila nabathandiweyo bethu noNkulunkulu futhi emva kwalempilo. Singakhetha ukumlandela Yena ngokwenza izivumelwano, noma izethembiso, Naye.
Both men and women walking outside the Accra Ghana Temple

Liyini iThempeli?

AmaThempeli ayizindawo ezingcwele. Sibuka amathempeli njengezindlu zeNkosi uJesu Kristu. Ahlukile kunezakhiwo zebandla lasendaweni lapho sibambela khona izinkonzo zokukhonza ngeSonto nokunye esikwenzayo. AmaThempeli abekelwe ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu ongcwele kunayo yonke.

AmaThempeli agcwele izinto eziyizimpawu zokuthile. Isibonelo, labo abahambela ithempeli bagqoka izingubo ezimhlophe eziwuphawu lobumsulwa nokulingana phambi kukaNkulunkulu. AmaThempeli ayinqaba engcwele, enokuthula lapho abalandeli bakaJesu Kristu bengaxhumana ngokunzulu Naye.

Okubaluleke kakhulu, amathempeli ayizindawo lapho singenza khona izivumelwano ezingcwele noNkulunkulu.
An exterior image of the Helena Montana Temple. The image is taken in the evening.

Siyini IsiVumelwano?

Singaqinisa ubudlelwane bethu noNkulunkulu samukele izibusiso ezikhethekile ezivela kuYena ngezivumelwano ezingcwele. Isivumelwano yisethembiso esingcwele phakathi kukaNkulunkulu nabantwana Bakhe. UNkulunkulu unikeza imibandela yesivumelwano futhi asinike isinqumo sokuyilandela.
Asisebenzise umbhabhadiso njengesibonelo.

Jesus Christ is baptized in the River Jordan by John the Baptist. An angel shows this experience to Nephi after he inquires about Lehi's vision.
Lapho sibhabhadiswa, sithembisa uNkulunkulu ukuthi sizomsiza Yena, sigcine imiyalo Yakhe futhi sithathe igama likaJesu Kristu kithina. Uma senza lezi zinto, uNkulunkulu wethembisa ukusithethelela izono zethu, asibusise ngoMoya Wakhe oNgcwele, futhi asinike impilo engunaphakade ebukhoneni Bakhe.

Sivuselela izivumelwano esizenza ngesikhathi sibhabhadiswa ngesikhathi sithatha isidlo esingcwele, esiphinde sibizwe ngesidlo, iSonto ngalinye ebandleni. Lesidlo esingcwele simiswe ngokufana nesidlo esingcwele Sesidlo Sokugcina lapho uJesu asethula kubaPhostoli Bakhe ngaphambi kokufa Kwakhe.

Emva kombhabhadiso, amalungu amadala eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina angenza izivumelwano ezengeziwe noNkulunkulu ethempelini. Lezi zivumelwano nezethembiso ziqinisa ubudlelwane bawo Naye futhi ziletha izibusiso ezinkulu.

Senza IziVumelwano eThempelini

Isipho SokweMbathiswa

Igama isipho sokwembathiswa  lisho ”isipho.” Esiphweni sokwembathiswa sasethempelini, amalungu amadala eBandla enza izivumelwano ezinesizotha, ezihlanganisa izethembiso zokulalela imiyalo kaNkulunkulu nokunikela isikhathi sawo namathalente emsebenzini weNkosi. Ngenxa yalokho, amalungu athola izibusiso ezinjengolwazi olunzulu ngesu likaNkulunkulu, amandla engeziwe okulandela isibonelo sikaKristu, nethuba lokuhlala noNkulunkulu njalonjalo.

Ukubopha

Enye yentokozo enkulu yevangeli likaJesu Kristu isethembiso sezibopho zomndeni ezingaqhubeka nangale kwempilo yethu yasenyameni. Ethempelini, imindeni ixhumene noma “iboshwe” ndawonye ingunaphakade.

Ngesikhathi somcimbi wokubopha umshado, indoda nomfazi baguqa phambi kwe-altare ukwenza izivumelwano omunye komunye noNkulunkulu. Bathembisa ukuhloniphana nokuthandana ngokuphelele nokuzibophezela ukulandela izimfundiso nesibonelo sikaJesu Kristu. Ngenxa yalokho, bathenjiswa ukuthi umshado wabo nomndeni wabo uzoqinisela kuze kube phakade.
Young couple stands outside the Ogden Utah Temple. They are looking out at the temple in the background with the Angel Moroni being almost top center of the image. He is wearing a dark blue suit with white collared shirt. She is in a white dress. It is late afternoon/early evening.

Umsebenzi egameni lamadlozi angasekho emhlabeni

Sikholwa kuNkulunkulu olungileyo nonomusa ongeke ancishe namuphi wabantwana Bakhe izibusiso zengunaphakade ngenxa yezimo abangakwazi ukuzilawula.

Ethempelini, senza imibhabhadiso, izipho zokwembathiswa, nokubopha senzela amadlozi ethu angasekho angazange aba nalo ithuba lokwamukela lezo zimiso ngaphambi kokudlula emhlabeni. Kulomsebenzi, umuntu ophilayo ungena esikhundleni noma ibambela lalowo ongasekho.

Lemicimbi engcwele yenzelwa emathempelini kuphela. Sikholelwa ukuthi amadlozi ethu asadlula angakhetha ukwamukela noma ukwenqaba lomnikelo owenzelwe bona ngothando.

Imibuzo Evamile

  • Amabandla asetshenziselwa izinkonzo zokukhonza ngeSonto, imicimbi yentsha eyenziwa phakathi nesonto, imibuthano yomphakathi, neminye imicimbi yomphakathi, ngenkathi amathempeli ebekelwe eceleni ukuba kwenziwe imicimbi nezinkonzo ezingcwele.
  • Ungabona ithempeli ngamagama abhalwe esakhiweni athi “Indlu yeNkosi“, ngenkathi ishapheli elijwayelekile lizoba namagama athi “Izihambeli Zamukelekile“ nokuthi “IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina“ ngaphandle.
  • Nakuba ukuhlangana kwamaqembu nokwakhiwa komphakathi kuyingxenye enkulu yalokho okwenzeka emashapheli, amathempeli analokho kuhlonipheka okukhethekile. Emathempelini, abantu bayathula futhi bazindle ukuze bagcine inhlonipho eNkosini.
Kwesinye isikhathi ungangena ngaphakathi ethempelini! Ngenkathi amathempeli eqala ukwakhiwa, noma ngemva kokulungiswa okubanzi, ukuvulwa kwezindlu kuye kwenzele umphakathi ukuze ukwazi ukuvakashela ngaphakathi. Futhi, amathempeli amaningi anezikhungo zezivakashi, izindawo zokulinda, noma izinkundla ezivulekele wonke umuntu.

Ngemva kokuba ithempeli seliqediwe, libe selinikezelwa ukuba kwenziwe kulona ukukhonza okungcwele. Ngenxa yobungcwele bomsebenzi owenziwa emathempelini, ithempeli libe selivuleleka kuphela kumalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina azilungiselele ukuthola lelithuba.

Nakuba ungeke ukwazi ukungena ethempelini njengamanje, bonke abantwana bakaNkulunkulu bayamenywa ukuthi bafunde kabanzi ngevangeli likaJesu Kristu futhi bangene ebudlelwaneni besivumelwano obuzobavumela ukuthi babambe iqhaza ngokugcwele ezibusisweni zethempeli.
Ngesikhathi somcimbi omfishane, olula, umakoti nomkhwenyana babambana ngezandla e-altare. Benza isivumelwano noNkulunkulu ukuthi bazohloniphana futhi bathandane ngokuphelele futhi bazibophezele ukulandela izimfundiso nesibonelo soMsindisi. Ngenxa yalokho, bathenjiswa ukuthi umshado wabo nomndeni wabo uyoqinisela kuze kube phakade.

Imibhangqwana eshade ethempelini ivame ukugubha nomndeni nabangani ngemuva kwalokho ngedili lomshado noma ngelinye isiko. Imibhangqwana ebishade ngaphambilini emcimbini yomphakathi ngaphandle kwethempeli (njengalabo abangena eBandleni ngemuva kokuba sebeshadile) bangathola izibusiso zokuba babophe ethempelini nabo.

Umndeni Wakho Ungaba Ndawonye Ingunaphakade

Izithunywa zevangeli zingakufundisa okuningi mayelana nokuthi izibusiso zombhabhadiso nezivumelwano zasethempelini—okubandakanya isethembiso somndeni waphakade—zingaba kanjani yingxenye yempilo yakho.
Cela Ukuvakashelwa