Yini ongayilindela Esontweni
Isonto lethu yindawo ongafika kuyo namanye amakholwa ukuze ucabangisise, ukhonze, ufunde, futhi ube ngumuntu ongcono.
Izivakashi Zihlezi Zamukelekile
Kuthi “Izivakashi Zamukelekile” kuzo zonke izakhiwo zethu—futhi sikusho ngempela lokho! Noma ngabe unesifiso sokuba yilunga leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, uvakashe nomngani, noma unelukuluku elincane olilandelayo, siyajabula ukukubona.Yini ongayilindela Enkonzweni yangeSonto
Isonto yindawo yomphakathi nokufunda, kodwa okubaluleke kunakho konke yindawo yokukhonza uNkulunkulu noJesu Kristu. Wonke amabandla ethu ayizi-30 000 emhlabeni jikelele alandela uhlelo lwamahora amabili ezinkonzweni zangeSonto:Inkonzo yeSidlo esiNgcwele
Ngesikhathi salokhu esikubiza “ngesidlo esingcwele,” wonke amalunga ebandla ahlanganyela ndawonye. Umhlangano unomthandazo wokuvula nokuvala, amaculo ambalwa, kanye nentshumayelo enikwa amanye amalunga eBandla.Into ebaluleke kakhulu emhlanganweni wesidlo esingcwele yilapho kuthathwa khona isidlo esingcwele, okufana neSidlo seNkosi kwezinye izinkolelo zamaKristu. Ngesikhathi sesidlo esingcwele, sikhumbula uJesu Kristu lapho sithatha ucezu oluncane lwesinkwa nenkomisi yamanzi okuyizimpawu zomzimba negazi Akunikelela thina. Ngalesi sikhathi kuthuleke ngempela, siyazama ukucabanga izindlela esingamlandela ngazo Yena ngokwethembeka okukhulu evikini elizayo.
Njengesivakashi, awulindelekile ukuthi ubambe iqhaza kunoma yini ezokwenza ungakhululeki. Zizwe ukhululekile ukuhlala nje enkonzweni ulalele ubuke.
Amagumbi Okufunda
Ngaphezu komhlangano wesidlo esingcwele, abantu bayamenwa ukuba bahlale ihora lesibili lokufunda ngamaqoqo amancane.Abantwana baya kwiNhlangano Yabantwana, lapho befunda khona ngezindatshana zemibhalo engcwele, amaculo, nezifundo ngoJesu nevangeli Lakhe ezilingene iminyaka yabo. Intsha iya emagunjini okufunda afanayo ngokwamaqembu ayo ahlukene ngeminyaka.
NgamaSonto ahlukene, abantu abadala baya kuSonto Skole ndawonye, bafunde izincwadi zemibhalo engcwele ezikhethelwe ukufundwa eBandleni Jikele kulowo nyaka. Kwamanye amaviki, bayahlukana ngamagumbi okufunda abesilisa (elaziwa ngomgwamanda wamagosa) nawabesifazane (elaziwa ngeNhlangano yaBesifazane yokuSiza).
Uma ungenaso isiqiniseko ukuthi kufanele uye ngakuphi, buza nje, kukhona ozokusiza uthole igumbi lokufunda elifanele.
Okunye Okwenziwayo eBandleni
Uma uya enkonzweni yokukhonza ngeSonto nathi noma unomngani oyilunga leBandla lethu, ungase umenywe kokunye okwenziwayo okuqhubekayo ebandleni elingakini. Izibonelo ezimbalwa yilokhu:- Okwenziwayo emphakathini, njengomcimbi kaKhisimusi.
- Okwenziwa yiqembu lentsha masonto onke.
- Izikole zenkolo kubantu abasangena ebudaleni ukufunda imibhalo engcwele nokuhlanganyela ndawonye.
- Izinhlelo zokusebenzela umphakathi.
- Amaklasi okufunda ukuzimela.
- Amakhonsathi noma eminye imisebenzi yobuciko.
Imibuzo ejwayelwe Ukubuzwa
Kufanele ngigqokeni uma ngiya esontweni?
Kufanele ngigqokeni uma ngiya esontweni?
Wamukelekile kakhulu ukuba ufike unjengoba unjalo. Uma ukhathazekile ukuthi uzogqama, sike sizame ukugqoka izingubo ezinhle kunalezo esizogqoka evikini lonke ukukhombisa inhlonipho esinayo ngoNkulunkulu. Izingubo ezijwayelekile ozozibona esontweni iyembe nothayi kubantu besilisa kube isiketi noma ingubo kubantu besifazane.
Ngabe wonke umuntu uzokwazi ukuthi ngiyisivakashi?
Ngabe wonke umuntu uzokwazi ukuthi ngiyisivakashi?
Sinezivakashi cishe kuwona wonke amabandla ethu, ngakho sikujwayele ukubona ubuso obusha. Ebandleni elikhulu, abantu kungenzeka bangaboni nokuthi uyisivakashi. Kwezinye izindawo, abantu kungenzeka bakubone bese bethi sawubona. Noma ngabe kwenzeka ngayiphi indlela, ungangabazi ukuzazisa bese ubuza imibuzo okungenzeka ukuthi unayo.
Ngabe kufanele ngibambe iqhaza?
Ngabe kufanele ngibambe iqhaza?
Cha. Lapho isinkwa namanzi esidlo esingcwele kunikezwa ibandla, isithebe ungasidlulisela kumuntu olandelayo bese uyahlala uthokozele ukuqhubeka kwenkonzo. Uzobona abantu bevolontiya ukubamba iqhaza ngezinye izindlela, njengokuphendula umbuzo kathisha ngesikhathi sikaSonto Skole, kodwa akudingeki uphakamise isandla sakho uma lokho kungeyona into ofuna ukuyenza.
Ngabe ngizocelwa ukuthi nginikele ngemali na?
Ngabe ngizocelwa ukuthi nginikele ngemali na?
Cha. Siyakholelwa emthethweni wokweshumi otholakala eBhayibhelini. Kodwa amalunga ethu akhetha ukukhokha okweshumi akwenza lokho ngasese, hhayi njengengxenye yenkonzo yokukhonza. Ngeke ucelwe umnikelo ngesikhathi senkonzo.
Ngingaziletha izingane zami?
Ngingaziletha izingane zami?
Yebo! Leli yibandla eliyithandayo imindeni Izingane zihlala nabazali bazo ngesikhathi senkonzo enkulu yesidlo esingcwele bese zibamba iqhaza kokwenziwayo nezinye izingane noma nentsha elingana nazo ngenkathi abantu abadala beya kuSonto Skole. Amaklasi ezingane kanye nawentsha njalo aholwa abadala ababili noma ngaphezulu. Igumbi lokuphumula lomama lihlinzeka ngethuba lokuba bancelise abantwana bebodwa nokuba bafeze ezinye izidingo.
Ngabe uyafuna ukuya esontweni kodwa hhayi wedwa?
Amalunga eSonto lethu avolontiya njengabefundisi endaweni yangakini angakuvakashela ngaphambi kwesikhathi ukukusiza wazi ukuthi yini ongayilindela futhi aphendule nemibuzo yakho. Bengaze bakubekele ngisho isihlalo uma usukulungele ukuvakasha.
Funda Kabanzi Ngomphakathi Wethu Wesonto
Thola ukwazi iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kangcono, futhi ubone ukuthi yiliphi isonto elingakunikeza kona ngaloluchungechunge lwe-imeyili mayelana nomphakathi. wethu wesonto.