Impilo Yakho Inenhloso futhi Isho Okuthile
Impilo emhlabeni ayenzekanga ngephutha. Ungumntwana kaNkulunkulu futhi ulapha njengengxenye yesu Lakhe lentokozo
Ulapha ngesizathu
Ngabe wake wazibuza ukuthi kungani ulapha?
Siyakholelwa ukuthi omunye nomunye wethu wake waphila ngaphambi kokuba umhlaba udalwe futhi saphila noNkulunkulu njengabantwana bakhe ngokomoya. UBaba wethu oseZulwini wathumela omunye nomunye wethu lapha ukuze samukele umzimba, sifunde, futhi sikhule ukuze sifane Naye kakhulu. Uma silandela isu likaNkulunkulu, singabuyela ukuyophila phambi kobuso Bakhe
Uma uke wazizwa ukuthi unenhloso ebanzi la emhlabeni ngaphandle kokuphila nje, uqinisile. Ungayithola inhloso yakho ngokuphendukela kuNkulunkulu.

U-Adamu wawa ukuze abantu babekhona; futhi abantu bakhona, ukuze babe nokujabula.
Kodwa injabulo ingaba inhloso yethu kanjani uma impilo igcwele umzabalazo? Impendulo uJesu Kristu.
NgoJesu Krestu, singakwazi ukuthola induduzo noma sisosizini futhi siqiniswe ebunzimeni esidlula kubo. Singaba nokubonga ngezinto eziningi ezinhle esingazijabulela kulomhlaba. Singathuthukisa ubudlelwano nalabo esibathandayo ngokuphila izimiso Azifundisa ebhayibhelini: uzwelo, ukusizana, uxololwelwano, kanye nothando.
Ngokuhlinzeka ngoMsindisi, uNkulunkulu wakha indlela yabantwana bakhe yokuthola injabulo.

Impilo Iyisikhathi sokuFunda kanye nokuKhula
Uma udlula ezikhathini zobunzima, kungasiza ukwazi ukuthi isu lika Nkulunkulu lidlulela ngale kwe-mpilo yase mhlabeni. Lapho uzama ngokusemandleni ukulandela Yena, yonke into obhekana nayo iyakulungiswa ngelinye ilanga ngoJesu Kristu. IBhayibheli lithembisa ukuthi “uNkulunkulu uyakwesula zonke izinyembezi emehlweni abo; futhi ngeke kuphinde kube khona ukufa, ukudabuka, ukukhala, futhi ngeke kuphinde kubekhona nobuhlungu” (Isambulo 21:4).
Impilo ibala ubuhlungu esibhekana nabo ngoba kwisu likaNkulunkulu, izilingo esibhekana nazo zingaba nenzuzo futhi zisikhulise. Lemizabalozo ingasisiza sithole izimfanelo ezifana na:
- Amandla. Kufana njengokujima kungasiqinisa ngokwenyama, ukuvimbeka esibhekana nako empilweni kungasiqinisa ngokomoya, ngokwengqondo, kanye nangwemizwa. Lamandla angasisiza simelane nezivunguvungu zempilo.
- Uzwelo Uma udlula kwizinselelo, uzwelo lakho luyakhula. Uma usebenzisa odlule kukho ukusiza abanye abantu ngezimo ezifanayo, usiza ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni.
- Ukubekezela Uma kukuningi okungaphezulu kwezandlea zethu, kubalwa nezenzo zabanye abantu, “singalinda iNkosi” (amaHubo 27:14) Singakholelwa ekutheni noma ngabe yini umuntu emzwisa ubuhlungu ngokungenaqiniso, ekugcineni kuyakulungiswa ngouJesu Kristu.
UNkulunkulu uhlala azi ukuthi uzowenza amaphutha kanye nokuthi uzoludinga usizo lokunqoba usizi kanye nesono. Njengengxenye yesu likaNkulunkulu, uhlinzeke ngoMsindiso kanye noMhlengi, uJesu Kristu, ukuba azwe ubuhlungu futhi akufele, futhi nawo wonke umuntu owake waphila. Ngenxa yomHlatshelo kaJesu Kristu, ungathola intethelelo kanye nokulapheka.
Ngosizo loMsindisi, unganqoba isono, ubuthakathaka, imikhuba emibi, kanye nokulutheka okukulibazisile. Ungaba nesihe ngokwengeziwe, nokuxolela, nokuthobeka, kanye nokubekezela ngokudlulele kuloku owake waba nako phambilini. Njengoba uya ufana noKristu ngokwengeziwe, uzolangazelela kakhulu ukuqhubeka kwindlela ebuyela ekuphileni noNkulunkulu.

Funda Kabanzi NgeSu likaNkulunkulu
UNkulunkulu Unesu ngawe. Funda nezithunywa zevangeli mayelana nenhloso yempilo kwi-inthanethi noma mathupha.