ImiBhalo eNgcwele
Moroni 1


INcwadi kaMoroni

Isahluko 1

UMoroni ubhalela ukuthi kuzuze amaLamani—AmaNefi angenakumphika uKristu ayabulawa. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Manje mina, aMoroni, emva kokuthi sengiqedile ukufinyeza indaba yabantu baJarede, bengingacabangi ukuthi ngizobuye ngibhale okunye, kepha nokho angikafi; futhi angizivezi kumaLamani hleze angibulale.

2 Ngokuba bhekani, aizimpi zawo ziyesabeka kakhulu phakathi kwawo uqobo; futhi ngenxa yenzondo yawo babulala wonke amaNefi angenakumphika uKristu.

3 Futhi mina, Moroni, anginaku amphika uKristu; ngalokho-ke, ngizulela noma yikuphi lapho ngingaya khona ukuze ngisindise impilo yami.

4 Ngalokho-ke, ngibhala ezinye futhi izinto ezimbalwa, ngokuphikisana nalokho ebengikucabanga; ngokuba bengingacabangi ukuthi ngizobuye ngibhale okunye; kepha ngibhala ezinye izinto ezimbalwa, ukuze mhlawumbe zibe wusizo kubafowethu, amaLamani, ngolunye usuku oluzayo, ngokwentando yeNkosi.