Sibizwe Ngegama Lakhe
UMsindisi usimema ukuba sibizwe ngegama Lakhe ngesivumelwano futhi simsebenzele ngayo yonke inhliziyo, amandla, ingqondo, nomandla.
Bafowethu nodadebethu abathandekayo, ngemuva kokuba mina nomkami siqede umsebenzi wethu njengabaholi bomsebenzi wokufundisa ivangeli ePhilippines Antipolo Mission, indodakazi yethu encane yenza isicelo esikhethekile. Yacela ukuqeda ibanga layo le-11 ngohlelo lwesikole sasekhaya.
Umkami wathola isikole esilunge kakhulu futhi wangibuza ukuthi ngingadlula yini ehhovisi likanobhala ukuze ngihambise izincwadi zayo ezisele ukuyibhalisa.
Lapho ngifika, nganikeza umbhalisi lezozincwadi. Wangibuyisela incwadi, wakhomba umugqa ongezansi, wayesengicela ukuba ngibhale igama lendodakazi yami futhi ngisayine ngaphezu kwawo. Nokho, ingqondo yami yayimatasa. Ngephutha ngacabanga ukuthi wayengiyale ukuthi ngibhale igama lami.
Ngokuzethemba, ngabhala “James Fantone” futhi ngasayina. Ngemva kwemizuzwana embalwa, ngabona iphutha lami.
“Awu,” ngacabanga, “akunankinga. Ingalungiswa kalula lento.” Uyabona, igama lendodakazi yethu encane ngu-Amanda James Fantone. Ngakho ngamane ngengeza “Amanda” ngaphambi kwegama lami, iphutha lalungiswa ngokushesha.
Kamuva, emzuzwini othule wokuzindla, kwafika umbuzo ojulile kanye nombhalo ongcwele engiwujwayele waqhamuka emqondweni wami. Umbuzo: Yini esiyitholayo egameni? Futhi nombhalo ongcwele, oqhamuka eNkosini uBenjamini: “Aliyikuba bikho elinye igama eliyonikwa nanoma iyiphi indlela noma isu okungafika ngalo insindiso kubantwana babantu, kuphela kulo kanye nangalo igama likaKristu, iNkosi, uMninimandla Onke” (Mosiya 3:17).
Ngesikhathi ngizindla ngalokhu, ngaqala ukubona umehluko omkhulu ongokomoya phakathi kwesixazululo sami esisheshayo encwadini kanye nesimemo esingcwele soMsindisi wethu.
Isimemo soMsindisi akukona nje ukuthi sengeze igama Lakhe egameni lethu njengebheji lokusihlanganisa ngenkolo. INkosi yaxwayisa, “[Abanye] bangidumisa ngezindebe zemilomo yabo, kepha izinhliziyo zabo zikude nami” (Joseph Smith—Umlando 1:19).
Isimemo Sakhe siwukuba sibizwe ngegama Lakhe. Kuyisimemo sokufana Naye kakhulu ngokugcina isivumelwano. INkosi evuke kwabafileyo yabuza, “Abayifundanga yini imibhalo engcwele, ethi kufanele nibizwe ngegama likaKhristu, okuyigama lami na?” (3 Nefi 27:5; bheka futhi Mosiya 5:8; 6:2).
Thina, njengabantwana bakaNkulunkulu besivumelwano, sibizwa kanjani ngokweqiniso ngegama Lakhe? Lokho kubonakala kanjani ezimpilweni zethu nsuku zonke?
Ngiyayithanda impendulo elula kodwa ejulile eyafundiswa umphrofethi uMoroni. Waqopha ukuthi akekho owayemukelwa embhabhadisweni “ngaphandle kokuthi bemukele uKristu, futhi babizwe ngaye, bephokophelele ukumsebenzela kuze kube sekugcineni.” (Moroni 6:3; bheka futhi Mosiya 18:13).
Ukubizwa ngegama Lakhe kudinga ukuzimisela impilo yakho yonke ukumkhonza. Futhi iNkosi uBenjamini yasipha okuthile kwaphezulu: “Uma usebenzela abantu bakini empeleni usebenzela uNkulunkulu wakho” (Mosiya 2:17).
Ngabusiswa ngokukhulela ekhaya lapho ukusebenzela abanye kwafundiswa khona ngezibonelo. Sasihlala endlini encane eyayinamagumbi amathathu—elilodwa kwakungelami nomfowethu, elilodwa kwakungelodadebethu ababili abadala, elinye kwakungelabazali bethu.
Ngikhumbula kahle isikhathi lapho igumbi labafana lalingekho ukuthi silisebenzise. Umama wami, uthisha wesikole sikahulumeni, wathola ukuthi omunye wabafundi bakhe abasanda kuphothula wayengakwazi ukuqhubeka nezifundo zemisebenzi yezandla zakhe ngenxa yokuthi umndeni wakhe wawungenayo imali yokukhokhela indawo yokuhlala eduze nesikole. Befisa ukumsiza afeze amakhono akhe, abazali bami bavula ikhaya lethu futhi bamnikeza ikamelo labafana.
Kwesinye isikhathi, kwakuyigumbi lamantombazane elalihlala omunye umuntu. Ngesikhathi umongameli weNhlangano Yokusiza yabesiFazane ewadini ekhuluma ngomndeni owawusengozini izingane zawo ezazidinga kakhulu indawo yokuhlala ephephile, abazali bami, ngaphandle kokungabaza, bavula iminyango yethu, futhi abanye babantwana bangena endlini yodade bethu.
Ngikholelwa ngenhliziyo yami yonke ukuthi ukube abazali bami babehlala eBhethlehema lapho uJosefa efuna indawo uMariya ayezobelethela kuyo, futhi ukube ngenhlanhla bangqongqoza esicabheni sethu, futhi uma amagumbi abafana namantombazane ayegcwele, abazali bami bebeyonikela ngegumbi labo ngenjabulo.
UMongameli Marion G. Romney wafundisa leliqiniso laphakade: “Ukusiza akuyona into esiyibekezelela kulomhlaba ukuze sizuze ilungelo lokuphila embusweni wesilestiyali. Ukusiza yiwona kanye umucu okwenziwa ngawo ukuphila okuphakeme embusweni wesilestiyali” (“The Celestial Nature of Self-Reliance,” Liahona, Mar. 2009, 19).
Ngazibonela ngokwami lolusizo olufanayo olunesibindi kubefundisi bevangeli abamangalisayo.
Njengomongameli womsebenzi wokufundisa ivangeli, ngangenza izingxoxo njalo. Ezinyangeni zabo zokuqala ezimbalwa, kwakuvamile ukuba abanye bahlale ngaphesheya kwami bekhala futhi bathi, “Mongameli, ngidabuke kakhulu, nginesizungu futhi ngikhumbula ekhaya. Izinsuku zizwakala zizinde kakhulu futhi isikhathi sihamba kancane; angazi nokuthi ngingabekezela yini ezinye izinyanga ezintathu.” Nokho laba befundisi bevangeli abangamaqhawe baguqa ngamadolo, bafaka amathegi abo ayenamagama abo, futhi baphuma bayosiza noma kunjalo.
Ngemva konyaka bona labefundisi bevangeli babehlala ehhovisi lami nobuso obukhazimulayo bethi, “Mongameli, ngijabule kakhulu! Ngiyabathanda lababantu, futhi ngiyawuthanda lomsebenzi. Kodwa isikhathi sesihamba ngokushesha kakhulu—angifuni ukuthi lokhu kuphele!”
Njalo uma ngangibona lenguquko, ngangimangala. “Nangempela ngabe isikhathi saguquka na?”
Wena kanye nami siyalazi iqiniso. Isikhathi asizange siguquke—abefundisi bevangeli abaguquka.
Umsebenzi awuguqukanga—abasebenzi abaguquka.
Abefundisi bethu bevangeli abaguquka.
Uma sibizwa ngokweqiniso ngegama likaJesu Kristu ngokulahla izimpilo zethu ekusizeni abanye, kwenzeka okuthile okuyisimangaliso. Sizwa lokho u-Alima Omncane akubiza ngokuthi “ushintsho olukhulu” ezinhliziyweni zethu (u-Alima 5:14)—uhlobo lwenguquko oluholela ekuguqukeni kwangempela, hhayi nje emizweni yenjabulo yomuntu siqu. INkosi uBenjamini yabuza lombuzo ohlabayo: “Ngokuba umuntu angayazi kanjani inkosi angazange ayisebenzele, futhi engumuntu ongaziwa kuyo, futhi ekude nemicabango kanye nezinjongo zenhliziyo yayo na?” (Mosiya 5:13).
Bafowethu kanye nodadewethu abathandekayo, isimemo soMsindisi akukhona ukuthi simane sengeze igama Lakhe emagameni ethu. Isimemo Sakhe ukuthi sibizwe ngegama Lakhe ngesivumelwano futhi simusebenzela ngayo yonke inhliziyo, amandla wonke, ingqondo, nomfutho—ngokuphakamisa, ukuthanda, kanye nokusiza abanye abantu.
Ngimi phambi kwenu namuhla njengofakazi wobukhona Bakhe. Ngenze isivumelwano esingcwele sokubizwa ngegama likaJesu Kristu, futhi ngizimisele ukuzikhandla ukumsebenzela ngokwethembeka kuze kube sekugcineni.
Ngiyafakaza ukuthi Uyaphila, ukuthi leli yiBandla Lakhe elibuyisiwe, nokuthi njengoba silahla izimpilo zethu emsebenzini Wakhe, sizomthola, futhi sizozithola. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.