“Ungesabi, Nginawe”
INkosi iyobaduduza bonke labo abazama Ukuyilandela.
Bafowethu nodadewethu engibathandayo, ngiyabonga ukuba nani kulengqungquthela yomhlaba wonke yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ihubo esisanda kulizwa liculwa ikhwaya likhuluma ngezithembiso ezizobaluleka kakhulu futhi zibe yigugu kakhulu esikhathini esizayo kuthina sonke nakulabo esibathandayo.
Umlayezo wami namuhla uthi izithembiso ezikulelo hubo ziyiqiniso. Amazwi aleli hubo, athathwe esahlukweni sama-41 sika-U-Isaya, asaba ngumthombo wenduduzo nesiqondiso kumina, futhi angabanjalo nakuwe nakulabo obathandayo ezilingweni esibhekana nazo ngamunye ngamunye.
Ake siphinde silalele lezo zithembiso:
Kuzo zonke izimo—ekuguleni, nasempilweni,
Esigodini sobumpofu noma sinengcebo eningi,
Ekhaya noma emazweni, emhlabeni noma olwandle—
Njengoba izinsuku zakho zingase zidinge, … kanjalo usizo lwakho luyoba njalo.
Lezo zithembiso ziba igugu kakhulu lapho sidlula ezingqinambeni ezimpilweni zethu kanye nasezimpilweni zalabo esibathandayo. Kubalulekile ukuqonda ukuthi lesi isithembiso akusona esokususa izingqinamba. Umama wami ohlakaniphile wangifundisa lokho ngisawumfana omncane. Ngangimbuze ukuthi, “Mama, kungani impilo inzima kangaka?”
Wamamatheka wabe esho ngokuqinile, “Hal, vele inzima. Kumele ibenzima. Impilo iyisivivinyo.”
Ngemva kweminyaka ngabona ukuthi ngesikhathi esho la mazwi kumina, naye wayedlula ezilingweni zakhe futhi enqoba isikhathi sempilo yonke sezilingo ezinzima zesimo sempilo yomzimba. Eseseyintombazane, kwatholakala ukuthi unezifo ezazizombangela izingqinamba zempilo, impilo yakhe yonke. Kodwa, ngenxa yokuthi wayazi ukuthi amazwi athi “Ungesabi, nginawe” ayiqiniso, isithembiso seNkosi sagcwaliseka kuye.
Ungase uzibuze ngokufanelekile ukuthi kungani uNkulunkulu onothando nonamandla onke evumela uvivinyo lwethu lwasemhlabeni ukuba lubenzima kangaka. Kungenxa yokuthi Uyazi ukuthi kufanele sikhule ekuhlanzekeni ngokomoya nangokwesiqu somzimba ukuze sikwazi ukuphila ebukhoneni Bakhe. Ukuze lokho kwenzeke, uBaba wethu oseZulwini wasinika uMsindisi namandla okuzikhethela ngokwethu ngokholo ukuba sigcine imiyalo Yakhe, siphenduke, futhi size Kuye.
UMsindisi akaqondi nje kuphela futhi akakaze nje azwe usizi kuphela, kodwa “Wathwala usizi [lwakho], futhi wathwala izinhlungu [zakho].”. Wazi wena ngokuphelele. Wazi inhliziyo yakho.
Ukuhlanganiswa kwezilingo kanye nobude besikhathi bazo kuyehluka njengoba behlukahlukene nabantwana bakaBaba wethu oseZulwini. Abekho ababili abafana ncamashi. Kodwa lokho okuvivinywayo kuyefana, ngaso sonke isikhathi ezimpilweni zethu nakumuntu ngamunye: Ngabe sizokwenza konke iNkosi uNkulunkulu wethu ayosiyala ukuba sikwenze?
Lapho umama wami edlula ezinsukwini zakhe zokugcina zokuphila, wagcina esengakwazi ukuphuma embhedeni. Okuwukuphela kwesithombe ayesibeke odongeni lwegumbi lakhe lokulala kwakungesoMsindisi. Sasilenga lapho ayekwazi ukusibona khona ngesikhathi elele embhedeni.
Ubaba wami wayenombhede omncane eduze kwakhe egumbini lasesibhedlela ukuze akwazi ukumsiza ngokushesha ebusuku. Ngemva kokushona kwakhe, ubaba wami wayihamba yonke iwadi yesibhedlela lapho umama ayesizwa khona ukubonga, futhi axhawule umhlengikazi ngamunye owayemsizile.
Manje, ngilandisa lendaba njengobufakazi bokuthi iNkosi ithumela abafundi abathembekile ukuba bayisize ekugcwaliseni isithembiso Sayo sokusiza abanye osizini lwabo. Njengoba uMongameli Spencer W. Kimball wafundisa: “UNkulunkulu uyasibona ngempela, futhi Uyasiqapha. Kodwa ngokuvamile unakekela izidingo zethu ngomunye umuntu.”
Ingxenye esele yomyalezo wami namuhla iwukubonga labo abaphendulile obizweni lokuba yizinceku zeNkosi, ukuze bafeze izithembiso Zayo zokuba nabantwana Bayo ezinkingeni zabo. Ngifisa ukubonga labo abamsizile futhi ngikhuthaze nabanye ukuba bahlanganyele Naye ekugcwaliseni isithembiso Sakhe namuhla nasezinsukwini ezinzima ezizayo.
Ngingathanda ukwabelana ngezibonelo zalokho abaningi benu asebekwenzile nabasaqhubeka nokukwenza ukuze nisize iNkosi igcwalise isithembiso Sayo sokusiza labo abaswele embusweni Wayo wasemhlabeni. Abaningi benu banikela ngosizo olungcwele ngezindlela ezahlukahlukene.
Nikhulekele ngokholo njalo amalungu emindeni yenu noma abangani benu ukuba nazi ukuthi iNkosi ifuna niyisizele bani. Lapho ubuso bomuntu noma igama lakhe kufika emqondweni wakho, uye wafinyelela kubona. Ngisho nokubanaka kwakho nje kwaba yinduduzo. Ukuthi wazizwa ukhuthazekile ukuba ufinyelele kubo kwakuwubufakazi kubo bokuthi iNkosi iyabazi futhi iyabathanda.
Abaningi benu baye babona umfundisi wevangeli edangele njengesimemo sokugqugquzela inceku kaJesu Khristu. Nanoma yikuphi lapho besiza khona, abefundisi bevangeli babhekene nezinselelo ezibeka amakhono namandla abo emikhawulweni, futhi bakhulekela amandla. Noma yini ababelwe ukuba bayenze, badinga ukukhuthazwa.
Umusa wakho kubo, noma ngabe imizuzwana embalwa nje, noma ukumamatheka okufudumele nje kungaqinisa ukholo lwabo lokuthi iNkosi ibabhekile. Lapho ukhuluma nabo, uyothola amazwi okuqinisa ukholo lwabo lokuthi iNkosi iyabazi futhi iyazazi izimo ababhekene nazo.
Abaningi benu bakhulekele njalo izinceku zeNkosi eBandleni Layo, noma ngabe iluphi ubizo abanalo. Ngamunye wabo ukhuleka nsuku zonke nasebusuku ukuze azi ukuthi angenzani ukuze asize abanye kangcono futhi athole amandla okuqhubeka.
Niyingxenye ebalulekile yezimpendulo zeNkosi emikhulekweni yabo yokuthola isiqinisekiso. Njengoba ubonisa ukubonga nokuzethemba kwakho ngabo ukuthi bakhethiwe, bayobona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu wababiza, uyabazi, futhi wabaqondisa futhi wababusisa. Bayoqiniswa emizweni yabo yokwamukelwa yiNkosi.
Elinye ithuba elikhulu lingavela lapho umema uMoya oNgcwele ukuba ukusize uthole izindlela zokusiza iNkosi iduduze labo abacela induduzo. Umphrofethi oseNcwadini kaMormoni u-Alima wafundisa: “Njengokuba nifisa ukuza emhlambini kaNkulunkulu, futhi nibizwe ngabantu bakhe, futhi nifuna ukuthwalisana imithwalo omunye nomunye, ukuze ibe lula; … nifuna ukukhala kanye nalabo abakhalayo; yebo, futhi niduduze labo abadinga ukududuzwa.”
Siyazi ukuthi iNkosi iyobaduduza bonke labo abazama Ukuyilandela. Futhi Usinika isibusiso esikhulu kanye nethemba lokusiza Yena ekugcwaliseni isithembiso Sakhe sokusiza abantwana bakaBaba wethu oseZulwini ezivivinyweni zabo ohambweni lwabo lwasemhlabeni olubuyela ekhaya.
Yingakho sikhala izinyembezi zenjabulo futhi sithole isibindi njalo lapho sizwa amazwi athi, “Ungesabi, nginawe,” futhi siyathinteka ngokuthi Usinika ithuba lokusiza nokuthanda abanye.
Ngiyafakaza ukuthi leli yiBandla Lakhe nokuthi Uyazigcina izithembiso Zakhe, kokubili ngoMoya oNgcwele nangabafundi Bakhe abanothando, beqiniso, nabathembekile, egameni likaJesu Khristu, amen.