IHora Lokuthunywa Kwakho Lifikile
Kuso sonke isizukulwane esikhulayo seBandla, nginimema ukuba nibeke ukuya emsebenzi wobuthunywa endaweni ephambili ohlwini lwenu lwezinto ezibalulekile.
Njengelungu lobuBhishibhi Obengamele, nginelungelo lokusiza eMkhandlwini Ophethe Umsebenzi WabeFundisi beVangeli beBandla. Ngibathanda kakhulu abefundisi bevangeli beBandla. Bahlukanisiwe nezwe ngendlela ekhethekile futhi bathunywe nguMsindisi. Ngesikhathi uMongameli uDallin H. Oaks efundisa ukuthi: “Simema bonke [abantwana bakaNkulunkulu] ukuba beze kuKristu ngokuphenduka, nangokubhabhadiswa nokuqiniswa ukuze bavule iminyango yombuso isilestyali yamadodana namadodakazi kaNkulunkulu. Akekho omunye ongakwenza lokhu.” Izithunywa zevangeli zibizelwe ukuzosiza kulomsebenzi omkhulu.
Namuhla kunabefundisi bevangeli abaningi abasebenza ezindaweni eziningi, futhi baningi abantwana bakaNkulunkulu abakhetha ukungena eBandleni leNkosi ngokubhabhadiswa kunanini ngaphambili kulesisikhathi.
Siyabathanda abefundisi bevangeli bayo yonke iminyaka. Niyibutho lokulunga elinenhloso egxile emfundisweni kaKristu. Ningumfutho wokholo, amandla, uthando, nenjabulo. Niyilokho enikushumayelayo. Anizona nje izithunywa kepha futhi niyizibonelo eziphilayo zomyalezo. Ningangabazi—nenza umsebenzi obaluleke kakhulu kunayo yonke eminye engenziwa. Siyanibonga ngokwakha umbuso kaNkulunkulu emhlabeni.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ngaya emhlanganweni wesidlo esingcwele lapho amadodana amabili amshana wami, angobafo, akhuluma khona ngaphambi kokuhamba aye emsebenzini wabo wokuthunywa. Babegcwele injabulo nomdlandla futhi befisa ukuqala uhambo lwabo. Mhlawumbe kwakungenxa yokuthi izindawo ababethunywe kuzo zazikude kakhulu nekhaya, ngakolunye uhlangothi lomhlaba. Kodwa empeleni, isifiso sabo sokuyosebenzela iNkosi sasicacile futhi singangabazeki.
Bangikhumbuza amadodana kaMosiya aseNcwadini kaMormoni, “ayenesifiso sokuthi insindiso imenyezelwe kuzo zonke izidalwa, ngokuba abakwazanga ukukumela ukuthi namuphi umphefumulo womuntu ulahleke.”
Isifiso sabo sokukhonza iNkosi sasidlula zonke ezinye izifiso zabo zomuntu siqu. Yilokho okwenza abefundisi bevangeli babe ngabantu abakhethekile; Yingakho bekhipha ukuKhanya kukaKristu futhi befundisa ngamandla aqinisekisayo. Isikhashana, konke okunye kubekwa eceleni—imfundo, ukuthandana, imisebenzi, isikhathi somndeni, ngisho nokulala isikhathi eside ngezikhathi zasekuseni ngoMgqibelo. Yebo, izinto iNkosi ezilindele kuwe ziphakeme! Kodwa, hhayi-ke, kuyafaneleka! UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa, “Akukho okunye okuqhathaniswa ngobukhulu, akukho okunye okuqhathaniswa ngokubaluleka, akukho okunye okuqhathaniswa ngobukhosi.”
UNkulunkulu wanigcinela ukuba nilungele lesi sikhathi. Wafundiswa futhi walungiselwa ngaphambi kokuba uzalwe ukuba umeme abantwana bakaNkulunkulu ukuba beze kuKristu. Singathi lokhu kusekwakhiweni kwakho ngofuzo Lukamoya. Qaphela ukuthi ungaphazamiseki. Kubeke phambili; ungavumeli lutho ukuba kukuphazamise. Uyadingeka!
Mina noMkami sasebenza njengabaholi bemishini eLima, ePeru. Omunye wabefundisi bethu bevangeli abamangalisayo kwakuyiGosa uMerlin Sanchez. UMerlin wabhabhadiswa eseneminyaka ecishe ibe ngama-24 ubudala. Njengoba nabanye benza, wayeka ukubamba iqhaza isikhashana. Umngani othembekile wamsiza ukuba aqale ukugcwalisa amaphepha akhe okuba umfundisi wevangeli nokuhlela ukuhlolwa kwezempilo, nakuba uMerlin wayengakanqumi ukuthi uzowenza lomsebenzi wokufundisa ivangeli..
Ngosizo lwabangani nabaholi, uMerlin wabuyela eBandleni eneminyaka engama-25 ubudala. Isifiso sokuthunywa sakhula ngokushesha enhliziyweni yakhe. Ngenhlanhla, amaphepha akhe okuba umfundisi wevangeli ayesephambili kakhulu. Lapho esenze isinqumo sokuhamba, kwakuyisimangaliso ukubona indlela iNkosi eyasusa ngayo izithiyo ezazibonakala zingenakudluleka ngasinye ngasinye. Lapho ngimubuza ukuthi kungani efuna ukuyosiza, waphendula wathi, “Ngifuna nje ukusondela kuJesu Kristu futhi ngilandele Yena.”
Waba ngumfundisi wevangeli omuhle kakhulu, oguqukele kuJesu Kristu nakwimfundiso Yakhe. Konke ayebhekana nakho, izilingo, kanye nozakwabo kwakuhlelelwe ukuba kube yinzuzo yakhe. Okuthakazelisayo wukuthi iGosa uSanchez wakhonza kanye nozakwabo oyedwa izikhathi ezimbili, isikhathi esiyizinyanga eziyisishiyagalombili sezizonke. Nakuba babenobuntu obuhlukene, babumbana ngenhloso eyodwa—bababelwe ukuba basebenze ndawonye ngohlelo lukaNkulunkulu.
UMerlin wahlangana nesithandwa sakhe saphakade, uGali, ezinyangeni ezimbalwa nje ngemuva kokuqeda umsebenzi wokuthunywa. Ngosuku lomshado wabo, wabizwa ukuba abe ngumBhishobhi—isipho somshado esihle kakhulu! Kwakungekho sikhathi sokuba uhambo lwakhe lokuba ngumfundi kaKristu luphazamiseke noma ukholo lwakhe lunciphe. Phela, ukuthunywa esinye sezinyathelo ezibalulekile ohambweni lokuba ngumfundi kaKristu impilo yonke.
Namuhla uMerlin noGali banomndeni omuhle onabantwana abathathu, ngesikhathi uMerlin esebenza njengomongameli wesikhonkwana. Abakwazi ngisho ukucabanga ukuthi izimpilo zabo zaziyoba njani ukube uMerlin akayanga emsebenzini wokufundisa ivangeli.
Kunina bantu abasha abahle abasanda kuguqukela eBandleni, ukuthunywa kungenzeka ukuthi bekungekho ezinhlelweni zenu, kodwa manje kufanele kube khona. Kuso sonke isizukulwane esikhulayo seBandla, nginimema ukuba nibeke ukuya emsebenzi wokufundisa ivangeli endaweni ephambili ohlwini lwenu lwezinto ezibalulekile. Ningaphazanyiswa yizinto ezinye ezingabalulekile kangako. Abanye bangase bafane no-Amuleki weNcwadi kaMormoni, owathi, “Ngokuba ngabizwa izikhathi eziningi kodwa angizange ngilalele.”
Abaphrofethi bakaNkulunkulu namuhla bayaphinda bayagcizelela ngamandla ukuthi “iNkosi icelezonke izinsizwa ezifanelekile futhi ezingakwazi ukwenza kanjalo, ukuba zilungiselele ukuthunywa. Kunina ukuthunywa pisibopho sobupristi. … Kunina boSisi abancane futhi abakulungele, imishini inamandla, kodwa Ayiyona impoqo. … Thandazelani ukwazi ukuthi ngabe inkosi iyafuna yini niyisebenzele emishini.”
Sijabula kakhulu ngokuphendula kwenu ngokwethembeka obizweni lomprofethi lokuthatha isinyathelo. Isibalo esikhulu sabefundisi bevangeli bayo yonke iminyaka bathola injabulo enkulu njengoba bezinikela ngokuthobeka ekukhonzeni iNkosi ngokusebenza phakathi kwabantwana bakaBaba oseZulwini. Ngifisa ukwengeza ngenhliziyo yami yonke ukuthi, kusanamagumbi amaningi kanye nendawo ekhethekile ebekelwe ngamunye wenu! Siyanidinga! “Wozani nijoyine ibutho!”
Ninobufakazi ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe engabusisa izwe elihluphekayo ngenxa yokungabi nalwazi ngomsebenzi Wakhe waphezulu. Ngiyakhuleka ukuthi nizokwenza umyalo omkhulu woMsindisi ube ngowakho uqobo.
Ngiphetha ngamazwi oMsindisi wethu anikezwa ngoJoseph Smith kuThomas B. Marsh, owabizwa ukuba ayoshumayela ivangeli ngo-1830. Ngimema ngamunye wenu ukuba afake igama lakhe esikhundleni sikaThomas:
“Thomas, ndodana [noma ndodakazi yami], …
“Phakamisa inhliziyo yakho uthokoze, ngokuba ihora lokuthunywa kwakho lifikile; futhi ulimi lwakho luyokhululwa, futhi uyomemezela izindaba ezimnandi zentokozo enkulu kulesi sizukulwane. …
“Ngakho-ke, shwiba isikela lakho ngawo wonke umphefumulo wakho, futhi izono zakho zithethelelwe, futhi uzothwala izithungu phezulu komhlane wakho. … Ngalokho-ke, umndeni wakho uyophila.
“Bheka, … suka kubo isikhathi esincane kuphela, futhi ushumayele izwi lami, futhi ngizobalungisela indawo.
“… Ngizozivula izinhliziyo zabantu, futhi bazokwemukela. Futhi ngizokwakha ibandla ngesandla sakho.”
Egameni likaJesu Kristu, amen.