INgqungquthela yeBandla lonke
Isibindi Esizelwe Okholweni Lwethu kuJesu Khristu
Ingqungquthela yebandla lonke yango-Okthoba 2026


Isibindi Esizelwe Okholweni Lwethu kuJesu Khristu

Njengoba sibonisa isibindi sethu sokukhetha okulungile, ukholo lwethu kuKhristu luyaqina.

Siyamamukela uMongameli Rosemary Chibota kubuholi jikelele beBandla. Umlando wakhe uyisibonelo sesibindi esizalwa ukholo kuJesu Khristu.

URosemary eneminyaka eyishumi nesikhombisa ubudala wathola ipheshana likaJoseph Smith elalishiywe abefundisi bevangeli bokuhamba ekhaya lakhe eZimbabwe. Walifunda futhi ngokushesha wathola ubufakazi emoyeni wakhe bomoya ukuthi laliyiqiniso; uJoseph wayembonile uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Khristu. Wafundiswa futhi wabhabhadiswa futhi waba yisibonelo kubazali bakhe, ababandakanya neBandla eminyakeni eyi-19 kamuva.

Ukholo nesibindi yizimpawu zabafundi bakaJesu Khristu.

UJesu Khristu uyiNdodana kaNkulunkulu yaphezulu. Weza emhlabeni ezimweni zobumpofu. Waphila impilo engenasici. Wasifundisa ukuthi siziphile kanjani izimpilo zethu zasemhlabeni kanye nokuthi sizilungiselele kanjani izimpilo zethu zaphakade. Ngenxa yothando Lwakhe olungenakuqhathaniswa ngomunye nomunye wethu, Wanikeza isipho Yena kuphela ayengasinikeza wahlupheka ngenxa yezono zethu, okusivumela ukuba siphenduke futhi sithethelelwe. Wabethelwa esiphambanweni futhi, ngobukhulu besu likaBaba wethu oseZulwini, wavuka ngosuku lwesithathu. Ngenxa yokuthi wavuka ethuneni, nathi siyovuswa. Zinhle kakhulu izinjongo zikaNkulunkulu wethu kanjalo nokujula kwenhlonipho enkulu ngoMsindisi wethu.

Isibindi Sangokomoya

Ukuba ngumfundi Wakhe weqiniso, ukunqoba umhlaba, ukugcina imiyalelo Yakhe, kanye nokuthembela Kuye kanye nezithembiso Zakhe akuyona into elandelwayo nje. Isibindi sangokomoya siwukunqoba izithiyo, ukungabaza, nokwesaba, ekukhetheni okulungile.

Bekulokhu kudingeka isibindi sangokomoya, esivela okholweni kuJesu Khristu, ukuba ngumfundi Wakhe. “Ngingedwa,” kwabhala uMoroni. “Ubaba [kanye nomndeni wami wonke] ubulewe empini, … futhi anginabo nabangani angazi nokuthi ngizoshonaphi .”

Ngisho nangesikhathi izitha zakhe zazibulala wonke umuntu owayengamphiki uKristu, ngesibindi sakhe wathi, “Futhi mina, Moroni, anginakumphika uKhristu.”

Umhlaba wethu wehlukile kunezinsuku zikaMoroni, kodwa ubufundi buyohlezi budinga isibindi. Ukungabaza, izinto eziphazamisayo, kanye nokukhohlisa kwesikhathi sethu kungachazwa ngamazwi oMphostoli uPawula: “Asibambene nenyama negazi, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama.”

Umhlaba wethu uhlezi usesimweni wesiyaluyalu. Ucingo lwethu lubonakala lucishe lunamathele esandleni sethu, lunolwazi oluningi, ulwazi olungasilo iqiniso, futhi manje lunolwazi olwenziwe.

Ngakhulela epulazini elincane lobisi. Ngokwesikhathi esithile izinkomo zethu eziyishumi nambili zazihlaliswe eduze kwesigoxi esikhulu esisikwe umfula. Cishe njalo ekuseni ehlobo ngemva kokusenga, ngangigibela ihhashi lami ngiluse izinkomo endaweni ephakeme ukuze ziklabe, ngingenamakhalekhukhini, ngingenama-earbuds, ngingenamculo, ngingathumeli imiyalezo. Usuku lonke, mina nezinkomo kuphela, ngingedwa nemicabango yami. Izikhathi ziguqukile, kodwa imimoya yethu ayikaguquki. Sidinga ukuthula ukuze sikhulise ukholo lwethu kuKhristu.

Ukholo kanye nesiBindi

Njengoba sikhetha ukholo kuKhristu, Usibusisa ngesibindi, ngezinye izikhathi ezimweni ezinzima kakhulu, sokukhetha okulungile, futhi njengoba sibonisa isibindi sethu sokukhetha okulungile, ukholo lwethu kuKhristu luyaqina.

Siyathokoza ngokholo kuJesu Khristu kanye nesibindi songokomoya esisibona kini, malungu ethu eBandla emhlabeni wonke.

Ukholo lwethu kuJesu Khristu olusinika isifiso sokuguqa sodwa ngokuzithoba futhi sikhuleke kuBaba wethu oseZulwini. Kulezo zikhathi zokuthula lapho sikhuluma noBaba wethu oseZulwini ngasese, ngokuzimela, sinikezwa isibindi esengeziwe sokukhetha okulungile. Ngiseyinsizwa, ngezwa uMongameli David O. McKay ethi, “Impi enkulu kunazo zonke yempilo ilwelwa emagumbini athule omphefumulo wakho.” Njengoba sinqoba izimpi zomphefumulo ngesibindi, ukholo lwethu kuMsindisi wethu luyakhula.

Njalo ngesonto samukela isidlo esingcwele ngomkhuleko futhi sifakaze phambi kukaNkulunkulu, naphambi kwabanye, ukuthi “[si]yavuma ukubizwa ngegama [likaJesu Khristu], futhi simkhumbule njalo futhi sigcine imiyalelo yakhe.” Bese kuthi, ngesibindi, sithembekile ezivumelwaneni zethu, kuthi ngokufanayo, iNkosi iyasibusisa ngokholo olukhulisiwe.

Ukholo lwethu kuJesu Khristu olusinika isibindi sokwamukela ubizo oluvela kubaholi bethu bobuphristi noma sizizwa singafanelekile noma singenaso isikhathi esanele sokwamukela lowomsebenzi.

UMongameli Oaks esengummeli osemusha.

Njengommeli osemusha, uMongameli Dallin H. Oaks wayesebenza ngokuzimisela enkampanini yabammeli ehlonishwayo, esebenza ngisho ebusuku kanye nangeMigqibelo. Umongameli wakhe wesikhonkwane wambiza ukuba abe ngumeluleki kubumongameli wesikhonkwane wabafundisi bevangeli abahambayo, okudinga okungenani ubusuku obuthathu noma obune ngesonto. UMongameli Oaks ekhumbula, “Ngiqoqa lonke ukholo lwami, ngalwamukela ubizo.” UMongameli Oaks uchaze lesi njengesinqumo esibaluleke kakhulu empilweni yakhe. Ukholo lwakhe lwaqinisa isibindi sakhe, futhi isinqumo sakhe saletha ukholo olukhulayo.

Ukholo lwethu kuJesu Khristu oluletha isibindi sangokomoya sokusiza abanye, siphile Izwi lokuHlakanipha, sigcine umthetho wobumsulwa, sihloniphe usuku lweSabatha, sithembeke ekunikeleni kwethu okweshumi, futhi sithembe uBaba wethu neNdodana Yakhe lapho ukugula okungalindelekile, izinkinga zezimali, noma inhlekelele yemvelo iphazamisa izimpilo zethu.

Izinsalela zemlilo eSpokane, eWashington.

Enyangeni edlule ngaphelezela uMongameli Dieter F. Uchtdorf ukuya eSpokane, eWashington, lapho imililo ecekele phansi amakhaya angaphezu kwa-800. Savakashela amalungu omakhelwane bawo babecekeleke phansi ngokuphelele. “Umndeni wethu uphephile,” kusho uCody noHaylee Woodbury kimi, “futhi ukholo lwethu lulondekile. Singakha omunye umuzi.” Ukholo lwabo kuJesu Khristu lwaphakamisa isibindi sabo, futhi isibindi sabo siphakamise ukholo lwabo.

Kuwukholo lwezinsizwa nezintombi ezimangalisayo ezingamashumi ayizinkulungwane emhlabeni wonke olubanika isibindi sokuvuka ngaphambi kokuphuma kwelanga baye kuhlelo lokufunda ivangeli bese beba abefundisi bevangeli, futhi kuthi lapho bebuya, bashade futhi baqale umndeni. Futhi kulabo abangakwazi ukushada, isibindi sabo sibasiza ukuba bahlale bethembekile ezivumelwaneni zabo.

Ngokholo kuKhristu kanye nesibindi esimangalisayo, umama osemusha ulungiselela abantwana bakhe abancane ukuya enkonzweni, azi ukuthi amanye amaSonto azoba yimpi yokusinda kunokuvuselelwa komoya.

Ukholo lwethu kuKhristu olusinika isibindi sangokomoya sokukhuluma ngokukhululeka nabanye ngoMsindisi wethu, senze izivumelwano endlini yeNkosi, siphenduke futhi sithole intethelelo, silandele abaphrofethi abaphilayo, futhi siqondiswe yimibono ethule kaMoya oNgcwele.

Kamumva nje owesifazane ohloniphekile onokholo olujulile wabelane ngobufakazi bakhe ebandleni. Ngokuyimfihlo, ngangazi ukuthi wayephatheke kabi ngokukhashelwa umyeni wakhe. Kodwa ngesibindi esikhuliswe ukholo lwakhe, wamemezela ngamandla ukuthi enjabulweni noma osizini olungachazeki, wayeyothembela edwaleni lensindiso yakhe, uMsindisi wakhe, uJesu Khristu.

Ngethemba lethu eliphilayo kuKhristu, ngisho nezingqinamba zempilo, nathi singase, njengoba uMphostoli uPawula asho, “sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlezeki; … siyaxakeka, kodwa asidikibali.”

Izethembiso kanye nobuFakazi

Ngiyanethembisa ukuthi njengoba niqinisa ukholo lwenu kuJesu Khristu ngokukholwa nangokulandela Yena nokugcina imiyalelo Yakhe, izimpendulo zenu zizofika, amandla enu omoya azokwanda, futhi isibindi senu ekulandeleni uKhristu sizochaza umphefumulo wakho waphakade.

INkosi uJesu Khristu.

UMsindisi wamemezela, “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”

UPhethro noJohane babesegumbini ngesikhathi uKhristu ovusiwe ebonakala kubaPhostoli. “Bhekani izandla zami nezinyawo zami,” kwasho uJesu, “ukuthi yiMina uqobo: ngithinteni, nizibonele.”

Ngokushesha ngemva kwalesi sigameko esingcwele, ababusi ababengakholwa babhekana noPhethro noJohane mayelana nokuphilisa indoda eyayingenakuhamba. UPhethro noJohane “[be]gcwele uMoya oNgcwele,” bamemezela ngesibindi esizelwe okholweni lwabo, “Uma sibuzwa namuhla sohlolwa … ngokuthi yimuphi lomsebenzi owenzelwe [lendoda] ukuthi iphiliswe; makwazeke kini nonke … ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lomuntu emi phambi kwenu, esindile.”

NjengoPhethro noJohane basendulo, nami ngiyafakaza ngobukhona “bukaJesu Khristu waseNazaretha.” Uyaphila. Uyawuhola lomsebenzi ongcwele, ivangeli likaJesu Khristu elibuyiselwe. Egameni likaJesu Khristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka Alima 34:9–10, 14–15.

  2. Bheka 1 KwabaseKhorinte 15:21–22; 2 Nefi 9:22; Helamani 14:17.

  3. Mormoni 8:5.

  4. Moroni 1:3.

  5. Kwabase-Efesu 6:12.

  6. UMongameli Dallin H. Oaks wathi: “Siphila enkathini eyabikezelwa ‘lapho ukuthula kuzothathwa emhlabeni’ (IMfundiso neziVumelwano 1:35), lapho ‘zonke izinto ziyoba yisiyaluyalu’ futhi ‘abantu bayophela amandla’ (IMfundiso neziVumelwano 88:91). Ziningi izimbangela zesikhashana ezidala isiyaluyalu, okuhlanganisa izimpi nezinhlekelele zemvelo, kodwa imbangela enkulu kakhulu ‘yesiyaluyalu’ esikhona manje singokomoya” (“Preparation for the Second Coming,” Liahona, May 2004, 9–10).

  7. IGosa David A. Bednar wathi: “Ngikholelwa ukuthi isiyalo seNkosi ‘sokuthula’ sihlanganisa okungaphezu kokumane ungakhulumi noma unganyakazi. Mhlawumbe inhloso Yakhe wukuba sikhumbule futhi sithembele Kuye nasemandleni Akhe ‘ngazo zonke izikhathi, nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo eningaba kuzo’ [Mosiya 18:9]. Ngakho-ke, ‘ukuthula’ kungase kube yindlela yokusikhumbuza ukuthi sigxile kuMsindisi njalo njengomthombo wokugcina wokuthula komoya womphefumulo osiqinisayo ukuze senze futhi sinqobe izinto ezinzima” (“Be Still, and Know That I Am God,” Liahona, May 2024, 28–29).

  8. UDavid O. McKay, kwiConference Report, Apr. 1967, 84–85.

  9. IMfundiso neziVumelwano 20:77; bheka futhi Moroni 4:3.

  10. Lokhu kwaba nomthelela omkhulu empilweni kaMongameli Oaks. Wakuchaza ngalendlela:

    “[Umongameli wesikhonkwane] wachaza ukuthi lolubizo luzodinga amahora angamashumi amane okuguqula abantu enkolweni ngenyanga, kanye nokufunda ivangeli kanye neminye imisebenzi, sekuphelele ludinga okungenani ubusuku obuthathu kuya kokune ngesonto.

    “Ukube bengingalwamukela lolubizo, ngokusobala bekuzodingeka ngenze izinguquko ezisheshayo ohlelweni lwami lomsebenzi. Ngangingakwazi ukubona ukuthi ngangingasebenza kanjani amahora ambalwa futhi ngiqhubeke nokuhambisana nalokho okwakudingeka emsebenzini wami. Nokho, ngangingakwazi ukwenqaba ubizo enganginomuzwa wokuthi lwaluvela eNkosini, ikakhulukazi lapho lufika ngomholi owayesebenzise umthelela onamandla kangaka ekungifundiseni izimiso ezilungileyo. Ngiqoqa lonke ukholo lwami, ngalwamukela ubizo.

    “Leso sinqumo saba inguquko empilweni yami ekuphileni kwami, uhlobo lwesehlakalo uWinston Churchill ake wasichaza njengenye ‘yamaphuzu abukhali, lapho isiphetho kuphendukela khona’” (Dallin H. Oaks, Life’s Lessons Learned [2011], 44–46).

  11. 2 KwabaseKhorinte 4:8.

  12. NgokukaJohane 14:23.

  13. NgokukaLuka 24:39.

  14. IZenzo 4:8.

  15. IZenzo 4:9–10.

  16. IZenzo 4:10.