INgqungquthela yeBandla lonke
Isipho soBufakazi
Ingqungquthela-jikelele yango-Okthoba 2026


Isipho soBufakazi

Ubufakazi benu bungaguqula izimpilo ngempela—ezenu kanye nezabanye.

Eminyakeni eyishumi nesishiyagalombili edlule, mina noValérie sathola ucingo oluvela kuMongameli Thomas S. Monson, lapho angibiza khona ukuba ngisebenze njengowomGwamanda wabayiShumi nesiKhombisa oneGunya eliKhulu eBandleni lonke. Samukela ngokholo, sazi ukuthi lolubizo laluzoguqula kakhulu indlela yezimpilo zethu.

Ngakusasa ekuseni, ngesikhathi ngikhuleka ngicela induduzo kanye nesiqondiso, ngazizwa ngishukunyiswa ukuba ngivule ikhophi yephephabhuku iLiyahona eyayihleli etafuleni lethu lasekhishini. Cishe ngokushesha, amehlo ami athola lesi sithembiso esiqinisekisayo esivela eNkosini: “Yibani nenjabulo, futhi ningesabi, ngokuba mina iNkosi nginani, futhi ngizoma nani; futhi niyofakaza ngami, ngisho uJesu Khristu.”

Lowo mbhalo ongcwele waletha ukuthula enhliziyweni yami. Ngabona ukuthi umsebenzi wami obalulekile kwakuwukufakaza ngoMsindisi. Konke okunye kwakuzoba sezandleni Zakhe.

Ezinyangeni eziyishumi nanye ezedlule, ngakhunjuzwa ngaleso sithembiso ngaphansi kwezimo ezimangalisayo. Kwakungekudala ngibiziwe ukuba ngisebenze njengomunye wabaPhostoli beNkosi futhi ngamenywa ukuba ngijoyine ubuMongameli bokuQala kanye nabaPhostoli abayiShumi naMbili egumbini labo elingcwele lokuhlangana. Ungacabanga indlela engazizwa ngayo—ngimangele, ngizizwa ngithobekile, futhi ngithinteke kakhulu.

UMongameli Dallin H. Oaks wangimema ukuba nginikeze ubufakazi bami ngoJesu Khristu. Ngesikhathi ngilungiselela ukukhuluma, umuzwa wokuthula waphinde wagcwalisa inhliziyo yami futhi lawo mazwi ajwayelekile abuya ngamandla: “Yibani nenjabulo, futhi ningesabi, … futhi niyofakaza ngami, ngisho uJesu Khristu.”

Ngalesosikhathi esingcwele, ngangazi ukuthi akukho okungaba nencazelo enkulu kunalokhu, njengesenzo sami sokuqala njengomPhostoli osanda ukugcotshwa, ukwedlula ukwethula ubufakazi ngoMhlengi womhlaba.

Ofakazi Abakhethekile

Njengoba kubhalwe eThestamenteni Elisha, ngaphambi kokwenyukela kuYise, uMsindisi ovukile wanikeza abaPhostoli Bakhe lomyalo ocacile: “[Niyoba] ngofakazi bami.”

Namuhla, eBandleni likaJesu Khristu elibuyiselwe, ubufakazi bobuphostoli buhlala buyinto ephakathi naphakathi emfundisweni yethu futhi buwubufakazi obuqanda ikhanda beqiniso lalo. Njengoba uMphrofethi Joseph Smith afundisa, “Izimiso eziyisisekelo zenkolo yethu ubufakazi babaPhostoli kanye nabaPhrofethi, mayelana noJesu Khristu.”

UMphostoli ngamunye ubizwa nguNkulunkulu futhi anikezwe izikhiye zobuphristi ukuze abe “[wu]fakazi [o]khethekileyo [w]egama likaKhristu emhlabeni wonke.” Abaphostoli banikeza ubufakazi obuhlukile, obunegunya, nobunamandla awaphezulu ngoKhristu ophilayo—ngobunjalo Bakhe obungcwele, ivangeli Lakhe, iNhlawulo Yakhe, kanye noVuko Lwakhe.

Ilungu Ngalinye Ngufakazi kaKhristu

Kepha umsebenzi ongcwele wokwethula ubufakazi ngoJesu Khristu awugcini kubaphrofethi nakubaphostoli kuphela. Ufinyelela kubo bonke abafundi Bakhe.

Iqiniso levangeli likaJesu Khristu elibuyiselwe libonakala ezimpilweni zezigidi zabalandeli Bakhe emhlabeni wonke. Ngobufakazi benu, ngamazwi nangezenzo, nikhombisa iqiniso ngoMsindisi onothando kanye nezibusiso eziza ngevangeli Lakhe.

Ukufakaza kuwumsebenzi oyisisekelo wokuba ngumfundi. Njengamalungu eBandla enze isivumelwano sokubizwa ngegama likaKhristu, ukwabelana ngobufakazi bethu ngoNkulunkulu kanye neNdodana Yakhe kuyindlela ebalulekile yokugcina leso sivumelwano esingcwele. Njengoba kufundisiwe eNcwadini kaMormoni, abafundi abenze isivumelwano “[bayokuma] njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo.”

Isipho esiyiGugu esivela kuNkulunkulu

Isipho sobufakazi singesomuntu siqu ngokujulile. Samukelwa ebuhlotsheni bethu obuseduze noNkulunkulu futhi sakheka ngokuhambisana nozehlakalo zethu ezehlukile, izimo, kanye nezidingo. Sikhula ngokholo, ngokufuna ngobuqotho, ngokuphila ivangeli, kanye nomthelela othule woMoya oNgcwele. Ngempela, “[ukwazi] ukuthi uJesu Khristu uyiNdodana kaNkulunkulu” kungenye yezibusiso ezinkulu kakhulu zempilo kanye nesipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu.

Ubufakazi bakho bungahluka kowami noma kowamanye amalungu omndeni noma kowabanye abaNgcwele. Sicela ubethembe, ubunakekele, futhi ubethule, ngoba bungobakho ngokukhethekile.

Isipho Sokwabelana

Njengeningi lenu, ngivame ukuzibuza ukuthi, “Kungani mina? Kungani ngaba nelungelo elikhetheke kangaka lokuthola ubufakazi bevangeli elibuyiselwe?” Angikaze ngiyithole impendulo eyanelisa ngokuphelele. Kepha, ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukubuza umbuzo ongcono: “Yini elindele ukuba ngiyenze ngalesisipho iNkosi?”

Ubufakazi bethu abulona ithalente okufanele lifihlwe. Buyisipho sokwabelana—ngezinhliziyo ebongayo futhi nangomoya wokuthobeka kanye nothando.

Ukubonisa Uthando Ngokufakaza

Ubufakazi kanye nothando yizipho ezijulile ekuxhumaneni, ezinanelanayo futhi eziqinisanayo.

Ukuthi “Ngiyazi” kuyindlela ethambile yokubonisa uthando kumakhelwane wethu. Ngenxa yokuthi siyabathanda abanye, ngokwemvelo sifisa ukwabelana nabo ngesipho esiyigugu kakhulu esisitholile—ubufakazi bethu ngoJesu Khristu kanye nevangeli Lakhe.

Ngakolunye uhlangothi, ukuthi “Ngiyakuthanda” ngenhliziyo ehlanzekile neqotho kuyindlela yokwethula ubufakazi ngoJesu Khristu. Njalo lapho sibonisa uthando olufana nolukaKhristu kulabo abasizungezile, sethula ubufakazi Ngaye, ongumthombo walo lonke uthando oluphelele.

Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi nizogcwalisa izimpilo zenu, kanye nezimpilo zabanye, ngamazwi athi ngiyazi aphuma enhliziyweni—njengoba ngethemba ukuthi senenza njalo ngamazwi athi ngiyakuthanda. Njengoba lamazwi okholo nothando ehlangana ndawonye, azosiza ekwakheni indawo lapho uMoya weNkosi ungahlala khona futhi alethe injabulo ezinhliziyweni zenu.

Sonke Singafakaza

Omunye wabashana bethu wentombazane wabelana ngesehlakalo esamehlela esayintsha. Wathi: “Eminyakeni embalwa eyedlule, ngesikhathi ngiqala ukuthola ubufakazi, ngethula ubufakazi bami kwikhempu yeNhlangano yamaNtombazane. Nganginovalo olukhulu kangangokuthi ngakwazi ukusho imisho emibili elula kuphela: ‘Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyangithanda’ futhi ‘Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unesu ngami.’ Ezinsukwini ezalandela, ngazizwa ngidangele ngoba ngangifisa ukuthi ngabe ngangikwazi ukukhuluma njengamanye amantombazane. Ngakhuluma nomama wami, wabe esebuza, ‘Ngabe uyakukholwa lokho okushilo?’ ‘Yebo,’ ngaphendula. ‘Ngakho-ke yilokho kuphela okubalulekile,’ esho.”

Umama wakhe wayeqinisile. Kunamandla amakhulu ebufakazini obuqotho, obuthobekile, kanye nobuvela enhliziyweni. Akudingeki ukuthi bube bude, bube nobungcweti bokukhuluma, noma bube nombukiso omkhulu—kudingeka nje ukuthi bube yiqiniso.

Ngamunye wethu angethula ubufakazi ngalendlela, ngokuba nguMoya—hhayi amazwi—okufakaza ngeqiniso. Njengoba iNkosi yathembisa, lapho oyedwa ekhuluma ngamandla kaMoya oNgcwele, “uMoya oNgcwele uyothunyelwa kini ukufakaza ngazo zonke izinto noma yini eninoyisho.”

Kuyo yonke iminyaka yomlando, iningi labantu ebelifuna iqiniso laguqulwa ubufakazi bezinceku zeNkosi ezithobekile—labo ababiza ngokuthi “ngababuthaka nabafokazana.”

Kusukela ku-Enoshe noMose kuya kuJoseph Smith, kanye nakubafundisi bevangeli abangaphezu kwezi-90,000 abakhonza emhlabeni wonke namuhla, iphetheni iyafana. Bama futhi bamemezele lokho abakwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Amazwi abo angase abelula futhi inkulumo yabo ingaphelele, kodwa ubufakazi babo bunamandla aphezulu ngoba buqinisekiswa nguMoya oNgcwele.

Ukuguqula Izimpilo Ngokufakaza

Bafowethu nodadewethu, ngabe niyabona ukuthi ubufakazi benu bungaguqula izimpilo ngempela—ezenu kanye nezabanye?

Ngesikhathi wabelana ngokukhululekile, ubufakazi benu buzokhula buqine. Nizosondela eNkosini nizwe ngokujulile amandla okuhlengwa Yiyo. Ngakolunye uhlangothi, nizoba amathulizi ezandleni Zayo ukuze nibusise futhi nisize labo abanizungezile.

Ngesikhathi sokuhlupheka okukhulu, u-Alima osemusha wakhumbula ukuthi “ngamuzwa ubaba ephrofetha … mayelana nokuza kothile onguJesu Khristu … ukuzohlawulela izono zomhlaba.” Lobu bufakazi obakhunjulwa obabuvela kuyise baba yinhlansi yethemba eyaholela ekutheni aphenduke futhi ashintshe impilo yakhe ngokuphelele.

Bangaki “o-Alima” abakhona eduze kwenu abalinde ukuzwa ubufakazi benu nokuthola, noma ukuthola kabusha, ithemba elitholakala kuJesu Khristu?

Ukufuna Amathuba Okufakaza

Uma senake nemukela isipho sobufakazi—ngisho noma kuyisiqalo nje saso—kuwumsebenzi nelungelo lenu ukukwabelana ngaso.

Ngiyanimema ukuthi nifune amathuba nsuku zonke, njengoba niqondiswa nguMoya oNgcwele, okufakaza ngoJesu Khristu kanye nevangeli Lakhe elibuyiselwe—ngisho noma kungaba umzuzu owodwa noma emibili nje. Ukuvezwa kokholo okufushane nokuqotho kungenza umehluko omkhulu—kungaba sekhaya nomndeni wenu, emihlanganweni yobufakazi, ezinkonzweni zokuvakashelana nokufundisa njengabefundisi bevangeli, ezinkundleni zokuxhumana, noma ekuxhumaneni okulula kwansuku zonke nabanye. Ningabelana ngezinkolelo zenu ngezindlela ezilula futhi ngokujwayelekile, njengokuthi “Ngiyamthanda uMsindisi wethu, uJesu Khristu” noma “Ivangeli lingilethela intokozo enhlizyweni yami.”

Cabangani ukuthi kungenzekani uma sonke—izigidi zabafundi bakaJesu Khristu—singabelana ngobufakazi bethu njalo. Izimpilo ezingenakubalwa zingabusiswa, ukholo lungakhula, futhi uthando lukaKhristu lungasabalala kakhulu emhlabeni wonke.

Ubufakazi Bami

Njengenceku yeNkosi kanye nomunye wofakazi bayo okhethekile, ngibonga kakhulu ngesipho sobufakazi engisithole ngamandla kaNkulunkulu. Ngimemezela ngokuqinile ukuthi sinoBaba oseZulwini onothando nokuthi iNdodana Yakhe, uJesu Khristu, inguMsindisi womhlaba kanye nomthombo “waso sonke isipho esihle.” Ngiveza isifiso sami esikhulu sokubasebenzela nokufakaza Ngabo njalo, kuzo zonke izinsuku zokuphila kwami. Egameni likaJesu Khristu, amen.