ImiBhalo eNgcwele
UbuFakazi boFakazi abaThathu


UbuFakazi boFakazi abaThathu

Makwazeke kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, kanye nakubantu, lomsebenzi oyofika kubo: Ukuthi thina, ngomusa kaNkulunkulu uBaba, kanye neNkosi yethu uJesu Kristu, sizibonile izingcwephe eziqukethe lombhalo, okungumbhalo wabantu bakwaNefi, futhi ngokunjalo nowamaLamani, abafowabo, futhi ngokunjalo nowabantu baJarede, abaqhamuka embhoshongweni osekukhulunywe ngawo. Futhi siyazi ukuthi zihunyushwe ngesipho kanye nangamandla kaNkulunkulu, ngokuba izwi lakhe likushilo lokho kithi; ngalokho-ke sazi kahle ukuthi lomsebenzi uliqiniso. Futhi siyafakaza ukuthi siyibonile imifanekiso eqoshiwe esezingcwepheni; futhi sivezelwe yona ngamandla kaNkulunkulu, hhayi omuntu. Futhi siyaqinisa ngamazwi anesizotha, ukuthi ingelosi kaNkulunkulu yehla ivela ezulwini, futhi yaziletha futhi yazibeka phambi kwamehlo ethu, ukuze sizibuke futhi sizibone izingcwephe, kanye nemifanekiso eqoshiwe eyayikuzo; futhi siyazi ukuthi kungomusa kaNkulunkulu uBaba, kanye neNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi sizibone futhi sinikeza ubufakazi ukuthi lezi zinto ziliqiniso. Futhi kuyamangalisa emehlweni ethu. Nokho, izwi leNkosi lasiyala ukuthi sinikeze ubufakazi bakho; ngalokho-ke, ukulalela imiyalelo kaNkulunkulu, sinikeza ubufakazi ngalezi zinto. Futhi siyazi ukuthi uma sethembekile kuKristu, siyolisusa igazi labo bonke abantu ezingutsheni zethu, futhi sitholwe singenabala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, futhi siyohlala naye ingunaphakade emazulwini. Futhi udumo malube kuBaba, kanye nakuNdodana, kanye nakuMoya oyiNgcwele, okunguNkulunkulu munye. Amen.

u-Oliver Cowdery

uDavid Whitmer

uMartin Harris