ImiBhalo eNgcwele
UbuFakazi boFakazi abayisiShiyagalombili


UbuFakazi boFakazi abayisiShiyagalombili

Makwazeke kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, kanye nakubantu, lomsebenzi oyofika kubo: Ukuthi uJoseph Smith, omNcane, umhumushi walomsebenzi, usibonisile izingcwephe lezo osekukhulunywe ngazo, ezinesimo segolide; futhi amaningi amakhasi lo Smith oshiwo awahumusha nempela sawaphatha ngezethu izandla; futhi phezu kwalokho sayibona imifanekiso eqoshiwe lapho; yonke enesimo somsebenzi wasendulo, futhi owenziwe ngobuciko. Futhi ngalokhu sinikeza ubufakazi ngamazwi anesizotha, ukuthi uSmith oshiwo waziveza kithi, ngokuba sazibona futhi saziphakamisa, futhi sazi ngempela ukuthi uSmith oshiwo unazo lezo zingcwephe esikhulume ngazo. Futhi sinika amagama ethu emhlabeni, ukufakaza emhlabeni ngalokho esikubonile. Futhi asiqambi manga, uNkulunkulu ubunikile ubufakazi bakho.

uChristian Whitmer

uJacob Whitmer

uPeter Whitmer, omNcane

uJohn Whitmer

uHiram Page

uJoseph Smith, omDala

uHyrum Smith

uSamuel H. Smith