Amasu Okufunda
HJS, KwabaseRoma 4


HJS, KwabaseRoma 4:2–5. Qhathanisa nabaseRoma 4:2–5

Umuntu angasindiswa ngomusa kaJesu Kristu, hhayi ngemisebenzi ephathelene nokugcinwa komthetho kaMose.

2 Ngokuba uma u-Abrahama axolelwa ngomthetho wemisebenzi, kwakufanele ajabule ngemisebenzi yakhe; hhayi ngenxa kaNkulunkulu.

3 Ngokuba utheni umbhalo ongcwele na? U-Abrahama wakholwa kuNkulunkulu, futhi lokho kwathathwa njengokulunga kwakhe.

4 Manje kulowo oxolelwa ngomthetho wemisebenzi, umvuzo awubalelwa ngokomusa, kodwa ngokwemfanelo.

5 Kepha kulowo ongafuni ukuxolelwa ngomthetho wemisebenzi, kepha okholelwa kuye ongabaxoleli abangamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kuthathwa njengokulunga kwakhe.

HJS, KwabaseRoma 4:16. Qhathanisa nabaseRoma 4:16

Ukukholwa nemisebenzi kokubili, ngomusa, kudingekile ukuze kutholakale insindiso.

16 Ngakho-ke nixolelwe ngokukholwa nangemisebenzi, ngomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke; hhayi kubona kuphela abangabo mthetho, kodwa nakubo abangabokholo luka-Abrahama; ongubaba wethu sonke,