Amasu Okufunda
HJS, IsAmbulo 1


HJS, IsAmbulo 1:1–8. Qhathanisa nesAmbulo 1:1–8

UJohane umPhostoli uthola iziphrofetho ezisencwadini yesAmbulo. Uvakashelwa ngu Jesu Kristu kanye nengilosi.

1 Isambulo sika Johane, inceku kaNkulunkulu, esanikwa kuye nguJesu Kristu, ukubonisa izinceku zakhe izinto okufanele zenzeke masinyane, asithumela futhi wasibonisa ngengelosi yakhe encekwini yakhe uJohane,

2 Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nangobufakazi bukaJesu Kristu, nobazo zonke izinto azibonayo.

3 Babusisiwe labo abafundayo, nalabo abezwa futhi bawaqonde amazwi alesi siphrofetho, futhi bagcine lezo zinto ezibhalwe kuso, ngokuba isikhathi sokuza kweNkosi siyasondela.

4 Manje lobu ngubufakazi bukaJohane ezincekwini eziyisikhombisa eziphezu kwamabandla ayisikhombisa ase-Asiya. Umusa mawube kini, nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona, futhi nozayo; owayethumele ingelosi yakhe isuka esihlalweni sakhe sobukhosi, ukuba ifakaze kulabo abayizinceku eziyisikhombisa eziphezu kwamabandla ayisikhombisa.

5 Ngakho-ke, mina uJohane, ufakazi othembekileyo, ngiyafakaza ngezinto enganikwa zona yingelosi, nezazivela kuJesu Kristu owazalwa kuqala kwabafileyo, uMbusi wamakhosi omhlaba.

6 Futhi kuye owasithanda, malube kuye udumo; owasihlanza ezonweni zenu ngegazi lakhe uqobo, futhi wasenza amakhosi nabaphristi kuNkulunkulu, uYise. Malube kuye udumo nokubusa, phakade naphakade. Amen.

7 Ngokuba bheka, uza ese mafwini nabangcwele bakhe abayizinkulungwane eziyishumi embusweni, embathiswe inkazimulo kaYise. Wonke amehlo ayokumbona; nalabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyolila

8 Ngokuba uthi, Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, iNkosi, okhona, owayekhona, nozayo, uMninimandla Onke.