Amasu Okufunda
HJS, AmaHubo 11


HJS, AmaHubo 11:1–5. Qhathanisa namaHubo 11:1–5

Ezinsukwini zokugcina abalungileyo bayobalekela entabeni yeNkosi. Kuyothi uma iNkosi isiza, iyobabhubhisa ababi ibasindise abalungileyo.

1 Ngalolo suku uyoza, O Nkosi; futhi ngizobeka ithemba lami kuwe. Uyothi kubantu bakho, ngokuba indlebe yami ilizwile izwi lakho; uyothi kuwo wonke umuntu, “Balekela entabeni yami;” abalungileyo bayobe sebebaleka njenge nyoni ededelwe esicuphweni somcuphi wezinyoni.

2 Ngokuba ababi bayawunsala umnsalo wabo; bheka, babeka imicibisholo yabo entanjeni, ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngezinhliziyo, ukuze bashabalalise isisekelo sabo.

3 Kodwa izisekelo zababi ziyoshatshalaliswa, futhi bazokwenzenjani?

4 Ngokuba iNkosi, uma isiza ethempelini layo elingcwele, ihlezi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu ezulwini, amehlo ayo ayobahlaba ababi.

5 Bheka izinkophe zakhe ziyobahlola abantwana babantu, futhi uyobasindisa abalungileyo, bayohlolwa. INkosi iyamthanda olungileyo, kodwa omubi, nalowo othanda ubudlwangudlwangu, lowo muntu iyamzonda.