Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 6


HJS, NgokukaMathewu 6:14. Qhathanisa noMathewu 6:13; ushintsho olufanayo lwenziwa nakuLuka 11:4

INkosi ayisiholeli ekulingweni.

14 Futhi ungasivumeli ukuba siholelwe ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.

HJS, NgokukaMathewu 6:22. Qhathanisa noMathewu 6:22

Uma amehlo ethu enamathele kudumo lukaNkulunkulu, imizimba yonke yethu iyogcwaliswa ngokukhanya.

22 Ukukhanya komzimba yihlo; ngakho-ke uma ihlo lakho linamathele kudumo lukaNkulunkulu, umzimba wakho wonke uyogcwala ukukhanya.

HJS, NgokukaMathewu 6:25–27. Qhathanisa noMathewu 6:25; 10:10

UJesu wexwayisa abafundi Bakhe ngobunzima bomsebenzi wabo kodwa uyabethembisa ukuthi uyoyilungisa indlela nokuthi uBaba oseZulwini uyobanika izidingo zabo.

25 Ngiyaphinda ngithi kini, Hambani niye emhlabeni, ningakhathazeki ngomhlaba; ngokuba umhlaba uzonizonda, futhi uzonihlupha, unixoshe emasinagogeni abo.

26 Nokho, niyohamba indlu nendlu, nifundisa abantu; Mina ngiyohamba phambi kwenu.

27 UYihlo osezulwini uyoninika izidingo zenu, noma yikuphi ukudla enikudingayo, enizokudla; nezingubo, enizokwembatha.

HJS, NgokukaMathewu 6:38. Qhathanisa noMathewu 6:33

Kufanele sifune kuqala ukwakha umbuso kaNkulunkulu.

38 Ngalokho-ke, ningazifuni izinto zalomhlaba kodwa funani kuqala ukwakha umbuso kaNkulunkulu, nokumisa ukulunga kwakhe, futhi zonke lezi zinto ziyokwengezwa kini.