Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMarku 8


HJS, NgokukaMarku 8:37–38. Qhathanisa noMarku 8:35

Yilowo nalowo othanda ukufela uJesu uyofumana insindiso.

37 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyolahlekelwa yikho; noma yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyobe ethanda ukulahlekelwa yikho ngenxa yami; uma engathandi ukulahlekelwa yikho ngenxa yami, kuyomlahlekela.

38 Kepha yilowo nalowo oyothanda ukulahlekelwa wukuphila kwakhe ngenxa yami, nangenxa yevangeli, uyokusindisa.

HJS, NgokukaMarku 8:42–43. Qhathanisa noMarku 8:38

Abantu abanamahloni ngoKristu abazukuba khona ovukweni lokuqala, kepha labo abathandayo ukumfela uKristu bayoza Naye enkazimulweni Yakhe.

42 Futhi abayikuba khona kulolo vuko mhla eseza.

43 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, uyoza; lowo olahlekelwa wukuphila kwakhe ngenxa yami nevangeli, uyoza naye, futhi uyokwembathiswa inkazimulo yakhe emafwini, engakwesokunene seNdodana yomuntu.