Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 6


HJS, NgokukaLuka 6:29–30. Qhathanisa noLuka 6:29–30

UJesu ufundisa ukuthi kungcono ukubekezelela ukuhlushwa kunokubangisana nesitha.

29 Okushaya esihlathini, mnike esinye; noma, ngamanye amagama, kungcono ukumnika esinye, kunokuthuka futhi. Nokuphuca ingubo yakho, ungamenqabeli nebhantshi.

30 Ngokuba kungcono ukuvumela isitha sakho sizithathe lezi zinto, kunokubanga naso. Ngiqinisile ngithi kini, uYihlo osezulwini obona ekusithekeni, uyomletha ekwahlulelweni lowo muntu omubi.