Amasu Okufunda
HJS, NgokukaJohane 13


HJS, NgokukaJohane 13:8–10. Qhathanisa noJohane 13:8–10

UJesu ugeza izinyawo zaba Phostoli ukuze agcwalise umthetho wamaJuda.

8 UPetru wathi kuye, Wena akudingeki ugeze izinyawo zami. UJesu wamphendula wathi, Uma ngingakugezi, awunabudlelwano nami.

9 USimoni Petru wathi kuye, Nkosi, hhayi izinyawo zami kuphela, kodwa futhi nezandla zami nekhanda lami.

10 UJesu wathi kuye, Lowo osegeze izandla zakhe nekhanda lakhe, akudingekile ngaphandle kokuba ageze izinyawo zakhe, kodwa uhlanzekile wonke; futhi nina nihlanzekile, kodwa hhayi nonke. Manje lokhu kwakuwusiko lwabaJuda ngaphansi komthetho wabo; ngalokho-ke, uJesu wakwenza lokhu ukuze umthetho ugcwaliswe.