Amasu Okufunda
HJS, EkaJakobe 2


HJS, EkaJakobe 2:1. Qhathanisa noJakobe 2:1

Amalungu akufanele azise umuntu oyedwa kakhulu kunomunye.

1 Bazalwane bami, ngeke nibe nokukholwa kweNkosi yethu uJesu Kristu, iNkosi yenkazimulo, kepha nisahlonipha abanye abantu abanye ningabahloniphi.

HJS, EkaJakobe 2:14–21. Qhathanisa noJakobe 2:14–22

Ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile futhi ngeke lusindise

14 Kusizani, bazalwane bami, ukuba umuntu athi unokholo, kepha engenayo imisebenzi na? Ukholo lungamsindisa na? 

15 Yebo, umuntu angathi, Ngizokukhombisa ukuthi nginokholo ngaphandle kwemisebenzi; kepha mina ngithi, Ngikhombise ukholo lwakho ngaphandle kwemisebenzi, ngizokukhombisa olwami ukholo ngemisebenzi yami.

16 Ngokuba uma umfowethu noma udadewethu behamba-ze, beswele ukudla kwemihla ngemihla, omunye wenu athi, Hambani nibe Nokuthula, nifudumale, nisuthe; nakuba engabaphi lezo zinto ezidingwa ngumzimba; ukholo lwakho kwabakulesi simo lusiza ngani na?

17 Kanjalo-ke nokholo, uma lungenayo imisebenzi lufile, ngokwalo.

18 Ngakho-ke, wena muntu ongelutho ngabe uyathanda ukuqonda ukuthi ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile futhi alusoze lwakusindisa na?

19 Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; nodeveli bayakholwa nabo, futhi bathuthumele; usuzenze wafana nabo, awuxolelwe.

20 U-Abrahama ubaba wayengaxolelwe yini ngemisebenzi, ngesikhathi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?

21 Uyabona ukuthi imisebenzi wayenza kanjani ngokholo lwakhe, nokuthi ngemisebenzi ukholo lwapheleliswa na?