Amasu Okufunda
HJS, U-Isaya 29


HJS, U-Isaya 29:1–8. Qhathanisa no-Isaya 29:1–8

Okwakushunyayelwa ngabaphrofethi basendulo eJerusalema kuyoshunyayelwa ezinsukwini zokugcina encwadini kaMormoni, eyavela “emhlabathini.”

1 Maye kuwe Ariyeli, kuwe Ariyeli, umuzi lapho uDavide ayehlala khona, yengezani unyaka onyakeni; mababulale imhlatshelo.

2 Kepha ngizombangela izinkathazo u-Ariyeli, futhi kuyoba khona ukusindwa nosizi; ngokuba isho kanje iNkosi kimi, “Kuyokwenzeka ku-Ariyeli;

3 Ukuthi Mina iNkosi ngiyomisa ngimhaqe nxazonke zakhe, ngimvimbezele ngezinqaba.

4 Uyobhidlizelwa phansi, futhi uyokhuluma esemhlabathini, ukukhuluma kwakhe kuyothotshiselwa phansi kuphume othulini; izwi lakhe liyoba njengalowo onomoya owaziwayo, livela emhlabathini, izwi lakhe liyoshaya umlozi livela othulini.

5 Phezu kwalokho isixuku sezitha zakhe siyokuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabesabekayo luyokuba njengama khoba adlulayo; yebo, kuyokwenzeka ngokuzuma ngokuphazima kweso.

6 Ngokuba bayo hanjelwa yiNkosi yamabandla ngokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, ngesivunguvungu nesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.

7 Isixuku sazo zonke izizwe ezilwa no-Ariyeli, ngisho zonke ezilwa naye nezinqaba zakhe, ezimhluphayo, ziyokuba njengephupho lombono wasebusuku.

8 Yebo, bayokuba njengolambileyo ophupha edla, kodwa evuka esenephango; noma njengalowo owomileyo ophupha ephuza, kodwa evuka eyethile, esomile. Yebo, siyokuba njalo isixuku sezizwe ezilwa nentaba yase Siyoni.”