Amasu Okufunda
HJS, IzEnzo 22


HJS, IzEnzo 22:29–30. Qhathanisa nezEnzo 22:29–30

Induna yenkulungwane yamkhulula uPawulu ezibophweni zakhe.

29 Ngakho basuka kuye masinyane abase bezomhlola, kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile, yabe isimkhulula ezibophweni zakhe.

30 Kwathi ngomuso, ngokuba ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yayala ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu yambeka phambi kwabo.