ImiBhalo eNgcwele
Mose 4


Isahluko 4

(Juni–Oktoba ngo1830)

USathane waba kanjani ngudeveli—Ulinga u-Eva—U-Adamu no-Eva bawela esonweni, futhi ukufa kuyangena emhlabeni.

1 Futhi mina, iNkosi uNkulunklu, ngakhuluma kuMose, ngithi: Lowo Sathane, omyalileyo ngegama loZelwe Yedwa wami, kusenguye owayese kuqaleni, futhi weza phambi kwami, ethi—Bheka, nangu mina, ngithume, ngiyoba yindodana yakho, futhi ngiyobahlenga bonke abantu, ukuze kungalahleki noyedwa, futhi ngempela ngiyokwenza, ngalokho-ke nginike udumo lwakho.

2 Kodwa, bheka, iNdodana yami eThandekayo, eyayingoThandiweyo futhi no Khethiweyo kusuka ekuqaleni, yathi kimi—Baba, intando yakho mayenziwe, inkazimulo makube ngeyakho phakade.

3 Ngalokho-ke, ngokuba lowo Sathane wangivukela, futhi wafuna ukuqeda ilungelo lokuzikhethela lomuntu, mina, iNkosi uNkulunkulu, engangimnike lona, kanye nokuthi, kufanele ngimnike amandla ami uqobo; ngamandla oZelwe Yedwa wami, ngenza ukuthi aphoswe phansi;

4 Futhi waba nguSathane, yebo, ngisho udeveli, uyise wawo wonke amanga, ukuze akhohlise futhi aphuphuthekisa abantu, futhi abaholele ekuthunjweni ngokwentando yakhe, ngisho abaningi abangeke balilalele izwi lami.

5 Manje inyoka yayi nobuqili kakhulu kunazo zonke izilwane zasendle mina, iNkosi uNkulunkulu, engangizenzile.

6 Futhi uSathane wakufaka enhliziyweni yenyoka, (ngokuba wayeseyenge abaningi beza kuye,) futhi wafuna nokukhohlisa u-Eva, ngokuba wayengawazi umqondo kaNkulunkulu, ngalokho-ke wayefuna ukubhubhisa umhlaba.

7 Futhi wathi kowesifazane: Yebo, ngabe ushilo yini uNkulunkulu ukuthi—Aniyukudla kuyo yonke imithi yase nsimini na? (Futhi wakhuluma ngomlomo wenyoka.)

8 Futhi owesifazane wathi enyokeni: Singazidla izithelo zemithi yasensimini;

9 Kepha isithelo somuthi osibona maphakathi nensimu, uNkulunkulu uthe: Aniyukudla kuso, futhi aniyukusithinta, funa nife.

10 Futhi inyoka yathi kowesifazane: Aniyukufa nokufa;

11 Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, emva kwalokho amehlo enu ayovuleka, futhi niyoba njengonkulunkulu, nazi okuhle nokubi.

12 Kwathi owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi wawugculisa emehlweni, nokuthi wawungumuthi owawu langazeleka ukumenza ahlakaniphe, wasithatha isithelo sawo, wadla, futhi wanika nomyeni wakhe owayenaye, naye wadla.

13 Futhi namehlo abo bobabili avuleka, futhi bazi ukuthi bebe hamba ze. Futhi bathunga amaqabunga omkhiwane ndawonye futhi bazenzela izibhinco.

14 Futhi bezwa izwi leNkosi uNkulunkulu, ngesikhathi besahamba ensimini, ntambama; futhi u-Adamu nomfazi wakhe bahamba bayoyicashela iNkosi uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

15 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngambiza u-Adamu, ngathi kuye: Ngabe uhamba kuphi na?

16 Yena wathi: Ngizwe izwi lakho ensimini, futhi ngesaba, ngokuba ngibone ukuthi ngihamba ze, futhi ngacasha.

17 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi ku-Adamu: Ubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe usudlile yini emthini engikuyale ukuthi ungadli kuwo na, uma kunjalo uyofa nokufa?

18 Futhi indoda yathi: Owesifazane ongiphe yena, futhi wayala ukuthi kufanele ahlale nami, unginikile isithelo somuthi ngadla.

19 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi kowesifazane: Yini lena oyenzileyo na? Futhi owesifazane wathi: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.

20 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi enyokeni: Njengoba usukwenzile lokhu uyo qalekiswa ngaphezu kwayo yonke imfuyo, futhi nangaphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uyohamba ngesisu sakho, futhi uyodla uthuli izinsuku zonke zempilo yakho;

21 Futhi ngiyobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; futhi yona iyochoboza ikhanda lakho, wena uyolimaza isithende sayo.

22 Kowesifazane, mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi: Ngizokwandisa kakhulu ubuhlungu ekukhulelweni kwakho. Ngo buhlungu uyozala abantwana, futhi ukunxanela kwakho kuyoba sendodeni yakho, futhi iyokubusa.

23 Futhi ku-Adamu, mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi: Njengoba ulalele izwi lomfazi wakho, futhi wadla kuleso sithelo somuthi engakuyala ngaso, ngathi—Ungadli kuso, uyoqalekiswa umhlabathi ngenxa yakho; ngobunzima uyodla kuwo zonke izinsuku zempilo yakho.

24 Futhi ameva, namakhakhasi uyokuvezela wona, futhi uyodla imifino yasendle.

25 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyodla isinkwa, uze ubuyele emhlabathini—ngokuba uyokufa nokufa—ngokuba wathathwa kuwo: ngokuba wawu luthuli, futhi uyophindela othulini.

26 Futhi u-Adamu wamqamba umfazi wakhe igama lokuthi u-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo; ngamanye amazwi njengoba sekushiwo mina, iNkosi uNkulunkulu, ngamqamba owokuqala wabo bonke abesifazane, okungabaningi.

27 Ku-Adamu, nomfazi wakhe, mina, iNkosi uNkulunkulu, ngabenzela iziphuku zezikhumba, futhi ngaba gqokisa.

28 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi koZelwe Yedwa wami: Bheka, umuntu usenjengomunye wethu ukwazi okuhle nokubi; manje funa elule isandla sakhe futhi aphinde adle emthini wokuphila, futhi adle bese ephila ingunaphakade,

29 Ngakho-ke mina, iNkosi uNkulunkulu, ngizommukisa eNsimini yase-Edene, ukuba ayolima umhlabathi athathwe kuwo;

30 Ngokuba njengoba mina, iNkosi uNkulunkulu, ngiphila, kanjalo-ke namazwi ami ngeke angagcwaliseki, ngokuba njengoba ephuma emlonyeni wami kufanele afezeke.

31 Ngakho-ke ngayixosha indoda, futhi ngabeka ngasempumalanga yeNsimu yase-Edene, ikherubi kanye nenkemba evuthayo, ephenduphendukayo ivikele indlela eya emthini wokuphila.

32 (Futhi lawa ngamazwi engawakhuluma encekwini yami uMose, futhi ayiqiniso ngisho njengoba ngithanda; futhi sengiwakhulume kuwe. Bona ukuthi awuwatshengisi muntu, ngize ngikuyale, ngaphandle kwalabo abakholwayo. Amen.)