Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 14


HJS, UGenesise 14:25–40. Qhathanisa noGenesise 14:18–20

UMekisedeki ubusisa u-Abrahama. Ubufundisi obukhulu buka Melkisedeki kanye namandla nezibusiso zobuPhristi buka Melkisedeki kuyachazwa.

25 Futhi uMelkisedeki waphakamisa izwi lakhe wambusisa u-Abrama.

26 Manje uMelkisedeki wayeyindoda ekholwayo, eyayenza ukulunga; ngesikhathi esengumntwana wayemesaba uNkulunkulu, wayevimba imilomo yezingonyama, wayecima amandla omlilo.

27 Ngakho-ke, esevunyelwe nguNkulunkulu, wagcotshwa waba ngumphristi omkhulu ngokohlelo lwesivumelwano uNkulunkulu asenza no-Enoke,

28 Futhi lobo buphristi babungokohlelo lweNdodana kaNkulunkulu; lolohlelo olweza, hhayi ngomuntu, noma ngentando yomuntu; noma ngobaba noma ngomama; noma ngokuqala kwezinsuku noma ngokuphela kweminyaka; kodwa ngoNkulunkulu;

29 Futhi lwanikwa kwabesilisa ngokubizwa ngezwi lakhe uqobo, ngokwentando yakhe, kwabaningi abakholwa egameni lakhe.

30 Ngokuba uNkulunkulu esefungile ku-Enoke nasenzalweni yakhe ngesifungo yena uqobo; ukuze wonke umuntu ogcotshwayo ngaloluhlelo nokubizwa abe namandla, ngokukholwa, okwehlukanisa izintaba, okwehlukanisa izilwandle, okuhwamukisa amanzi, awajikise endleleni yawo;

31 Okulwa namabutho ezizwe, okuhlukanisa umhlaba, okugqabula zonke izibopho, okuma phambi kukaNkulunkulu; okwenza zonke izinto ngentando yakhe, ngomyalelo wakhe, okuthobisa bonke ababusi namandla; futhi lokhu ngentando yeNdodana kaNkulunkulu eyayivela ngaphambi kokusekelwa komhlaba.

32 Futhi amadoda ayenalolu kholo, ayeze kuloluhlelo lukaNkulunkulu, aguqulwa futhi athathwa ayiswa ezulwini.

33 Manje, uMelkisedeki wayengumphristi waloluhlelo; ngakho-ke wazuza ukuthula eSalema, futhi wabizwa ngeNkosi yokuthula.

34 Futhi abantu bakhe benza ukulunga, bazuza izulu, futhi bafuna umuzi ka-Enoke uNkulunkulu ayewuthathile ngaphambili, wawuhlukanisa nomhlaba, wawugcina kwaze kwaba sekupheleni kwezinsuku, noma ekupheleni komhlaba;

35 Futhi wayethe, futhi wafunga ngesifungo, ukuthi amazulu nomhlaba kufanele kuhlangane; futhi amadodana kaNkulunkulu kufanele avivinywe kube sengathi ngomlilo.

36 Futhi loMelkisedeki, esemise kanjalo ukulunga, wabizwa ngenkosi yezulu ngabantu bakhe, noma, ngamanye amazwi, iNkosi yokuthula.

37 Futhi waphakamisa izwi lakhe, wambusisa u-Abrama, ngokuba engumphristi omkhulu, nomgcini wendlu yengcebo kaNkulunkulu;

38 Yena owabekwa nguNkulunkulu ukwemukela okweshumi ukuze kuzuze abampofu.

39 Ngalokho-ke, u-Abrama wakhokha kuye okweshumi kwakho konke ayenakho, kwawo yonke ingcebo ayenawo, ayekunikwe kona nguNkulunkulu ngaphezulu kwalokho ayekudinga.

40 Futhi kwenzeka, ukuthi uNkulunkulu wambusisa u-Abrama, wamnika ingcebo, nokuhlonishwa, nemihlaba ukuba ibe yifa laphakade; ngokwesivumelwano ayesenzileyo, nangokwesibusiso ayebusiswe ngaso nguMelkisedeki.