Amasu Okufunda
9. IThempeli laseKirtland


9. IThempeli laseKirtland

Isithombe
isithombe 9

IThempeli laseKirtland litholakala eKirtland, e-Ohio.

Izehlakalo Ezibalulekile: IThempeli laseKirtland kwaba yithempeli lokuqala elakhiwa kuloluhlelo lokwengamela (Mf&V 88:119; 95). Kulelithempeli, uJoseph Smith wabona umbono wombuso wesilestiyali (Mf&V 137). Lanikelwa ngomhlaka 27 Mashi ngo 1836 (Mf&V 109). Ngomhlaka 3 Epreli ngo 1836, umSindisi wavela futhi walemukela lelithempeli njengendawo lapho ayokwembula khona izwi Lakhe kubantu Bakhe (Mf&V 110:1–10). Emuva kwalokhu kuvela, uJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery bahanjelwa nguMose, ngu-Eliyasi, kanye no-Eliya, bonke ababanika izikhiye ezithile zobuphristi kanye nolwazi olubalulekile (Mf&V 110:11–16). Lelithempeli labasebenzela abaNgcwele iminyaka emibili ngaphambi kokuba babaleke eKirtland ngenxa yokuhlushwa.