Amasu Okufunda
5. UMfula iSusquehanna


5. UMfula iSusquehanna

Isithombe
isithombe 5

Lesi sithombe sikhombisa uMfula iSusquehanna edolobheni elincane laseHarmony, ePennsylvania.

Izehlakalo Ezibalulekile: UJoseph Smith omNcane weza okokuqala eHarmony ngo 1825 ukuzothola umsebenzi. Yena kanye noyise bahlala maduzane nalapha emzini ka-Isaac Hale, lapho uJoseph ahlangana khona okokuqala no-Emma Hale, owagcina esengumkakhe (JS—uMl. 1:56–57). UJoseph no-Emma bashada ngomhlaka 18 Januwari 1827. UMphrofethi wathola izingcwephe zegolide ngomhlaka 22 Septemba 1827 eManchester, eNew York, futhi masinya emuva kwalokho wathuthela eHarmony kanye no-Emma, lapho aqala khona ukuzihumusha izingcwephe. Ngesikhathi kuhunyushwa iNcwadi kaMormoni, uJoseph kanye no-Oliver Cowdery babefuna ukwazi kabanzi ngokubhabhadiswa futhi bahamba baya endaweni ethize ehlathini maduze nalapha ukuyokhuleka eNkosini maqondana naloludaba. Ukuphendula lomkhuleko, uJohane umBhabhadisi wavela ngomhlaka 15 Meyi 1829 (JS—uMl. 1:66–74; Mf&V 13). Wanika ubuPhristi buka-Aroni kuJoseph kanye naku-Oliver. Emva kwalokho baya emfuleni futhi base bebhabhadisana ukuze kuthethelelwe izono. UJoseph no-Oliver babe sebeboniswa nguJohane umBhabhadisi ukuba bagcobane ebuPhristini buka-Aroni. Masinyane emva kwalokho, uPetru, uJakobe, noJohane bavela phakathi kwase Harmony nase Colesville base benika uJoseph no-Oliver ubuPhristi bukaMelkisedeki (Mf&V 27:12–13; 128:20).