Ngo-2021
UJoseph Smith neziNgcwephe zeGolide
NgoJanuwari 2021


“UJoseph Smith neziNgcwephe zeGolide,” Friend, ngoJanuwari 2021, 42–44

Izindaba zemiBhalo eNgcwele

UJoseph Smith neziNgcwephe zeGolide

Isithombe
UJoseph Smith eshumayela

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

UJoseph Smith wayengumphrofethi. Wasiza uJesu abuyise iBandla Lakhe emhlabeni.

Isithombe
UmBono wokuQala

UJoseph wakhulekela ukwazi ukuthi yiliphi ibandla okwakufanele aye kulo. UJesu wathi makangayi nakwelilodwa ibandla. Alikho emabandleni ayekhona okwakungeLakhe.

Isithombe
uJoseph Smith ethola izingcwephe zegolide

Ingelosi uMoroni yamvakashela uJoseph. UMoroni wamtshela ngencwadi ekhethekileyo eyayibhalwe ezingcwepheni zegolide. Yayigqitshwe egqumeni eliseduze.

Isithombe
ukuhumusha izingcwephe zegolide

Ngosizo lukaBaba oseZulwini, uJoseph wayihumusha imibhalo eyayisezingcwepheni. Lemibhalo yaba yiNcwadi kaMormoni!

Isithombe
umndeni usenkonzweni

Manje siyakwazi ukuyifunda iNcwadi kaMormoni. Futhi sesiyakwazi ukuya eBandleni likaJesu Kristu!