Ngo-2021
Zwana, Lalela, futhi Naka
NgoJanuwari 2021


“Zwana, Lalela, futhi Naka,” For the Strength of Youth, ngoJanuwari 2021, 32.

UMyalezo waNyanga zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth ngoJanuwari 2021

Zwana, Lalela, futhi Naka

Lomyalezo uvela enkulumweni yomhlangano omkhulu wango-Ephreli 2020.

Isithombe
ukulalela, ukufunda, ukukhuluma kwipulpiti

Imifanekiso yenziwe nguGuev Design

Izwi lokuqala encwadini yeMfundiso neziVumelwano lithi lalelani (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 1:1). Lisho “ukulalela ngenhloso yokuthobela.” Ukulalela kusho “ukumuzwa”— ukuzwa lokho uMsindisi akushoyo emva kwalokho sisinake iseluleko Sakhe. Ngalelizwi elilodwa—“Muzweni”—uNkulunkulu usinika indlela yempumelelo, yenjabulo, neyentokozo kulempilo. Kufanele siwezwe amazwi eNkosi, siwalalele futhi sikunake lokho Esitshele kona!

Singaya kuphi ukuyoMuzwa na?

Singaya emibhalweni engcwele. Singase futhi siMuzwe ethempelini. Sibuye futhi siMuzwe ngokucacileyo ngesikhathi sikhulisa amandla okuzwa ukuhletshezelwa nguMoya oNgcwele. Futhi, okokugcina, siya Muzwa ngesikhathi silalela amazwi abaphrofethi, ababoni, nabembuli.

Ngabe yini ezokwenzeka uma umuzwa ngenhloso, umlalela ngenhloso, futhi ukunaka ngenhloso lokho uMsindisi akushilo nalokho akushoyo njengamanje ngabaphrofethi Bakhe na? Ngiyakwethembisa ukuthi uzobusiswa ngamandla engeziwe ukuze ubhekane nezilingo, ubunzima, kanye nobuthakathaka bakho. Ngethembisa izimangaliso kubudlelwane onabo nabomndeni wakho, nasemsebenzini wakho wansuku zonke. Futhi ngethembisa ukuthi uzokwazi ukuzwa injabulo nakuba izinkinga zikhula empilweni yakho.