Ngo-2021
Jwayela uMgomo weSambulo
NgoJanuwari 2021


“Jwayela uMgomo weSambulo,” iLiyahona, ngoJanuwari 2021

Umlayezo waNyanga zonke we Liyahona ngoJanuwari 2021

Jwayela uMgomo weSambulo

Ngiyanikhuthaza ukuba nithathe izinyathelo ezidingekayo ukuyizwa kangconywana iNkosi futhi nangokuvama ukuze nithole ukukhanyiselwa efuna ukuninika kona.

Isithombe
isitshalo

Isithombe sivela kwabakwa Getty Images

Ngomhlaka 30 kuSepthemba 2017, emva kwengxenye yantambama yomhlangano omkhulu, ngedlula esibhedlela ukuyobheka ilungu lomgwamanda elithandekayo kimi iGosa uRobert D. Hales. Wayelaliswe esibhedlela selokhu ahlaselwa yisifo senhliziyo ezinsukwini ezimbalwa ngaphambilini.

Saba nosuku oluhle sindawonye, futhi wayebonakala ebangcono. Wayesekwazi nokuziphefumulela, okwakuwuphawu oluhle.

Kodwa ngalobo busuku, uMoya wakhuluma enhliziyweni nasenqondweni yami ukuthi ngeSonto kwakufanele ngibuyele esibhedlela. Ngesikhathi sengxenye yangeSonto ekuseni yomhlangano omkhulu, lowo muzwa owawunamandla wabuya. Ngezwa kuthi angingasidli isidlo sasemini ngiphuthume embhedeni weGosa uHales emva kwengxenye yasekuseni, futhi ngenza njalo.

Kwathi uma ngifika, ngabona ukuthi isimo sakhe sase sisibi kakhulu. Ngokudabukisayo wadlula emhlabeni emveni kwemizuzu eyishumi ngifikile, kodwa ngiyabonga ukuthi nganginaye kanye nomkakhe othandekayo uMary, kanye namadodana akhe amabili ngesikhathi eshiya lempilo.

Ngibonga kakhulu ukuthi ukuhletshezelwa nguMoya oNgcwele kwangikhuthaza ukuthi ngenze into engangingeke ngiyenze. Ngiyasibonga isipho sesambulo nokuthi amazulu aphinde avuleka futhi.

Kulonyaka sizogxila kwiMfundiso neziVumelwano uma sizifundela ngabanye noma sindawonye. Lezi “zambulo zikaNkulunkulu nezimemezelo ezenziwe ngokuholwa ngumoya” zingababusisa bonke labo abazifundayo nabenza lokho okuyalelwe nguNkulunkulu. Zimema “bonke abantu yonke indawo ukuba balizwe iziwi leNkosi uJesu Kristu,”1 ngokuba ngempela “izwi leNkosi liya kubo bonke abantu” (IMfundiso neziVumelwano 1:2).

Ingozi, Ubumnyama, Inkohliso

Izivunguvungu zemvelo nezingokomoya ziyingxenye yempilo yasemhlabeni, njengoba umqedazwe weCOVID-19 usikhumbuza. Ngokuphathelene nesikhathi esandulela ukuza Kwakhe kwesiBili, uMsindisi wabikezela izinsuku zosizi olukhulu. Wathi, “kuyoba khona indlala, umashaya-bhuqe wezifo, nokuzamazama komhlaba, ezindaweni ezahlukene” (Joseph Smith—Mathewu 1:29).

Okukhulisa lolusizi ubumnyama obandayo kanye nenkohliso esizungezile. Njengoba uJesu atshela abafundi Bakhe, “ububi buyokwanda” ngaphambi kokubuya Kwakhe (Joseph Smith—Mathewu 1:30).

USathane usevivise amabutho akhe futhi uyabhavumula ngokumelene nomsebenzi weNkosi kanye nalabo bethu ababambe iqhaza kuwo. Ngenxa yobungozi obukhulayo esibhekene nabo, isidingo sokuba siholwe nguNkulunkulu sikhulu kakhulu, futhi nemizamo yethu yokuzwa izwi likaJesu Kristu—onguMlamuleli, onguMsindisi, kanye nonguMhlengi wethu—idingeka kakhulu.

Njengoba ngasho masinyane nje emva kokubizwa njengoMongameli weBandla, iNkosi ikulungele ukuveza umqondo Wayo kithi. Leso ngesinye sezibusiso Zakhe ezinkulu kithi.2

Esikhathini sethu, usethembisile wathi, “Uma uyocela, uyonikwa isambulo phezu kwesambulo, ulwazi phezu kolwazi” (IMfundiso neziVumelwano 42:61).

Ngiyazi ukuthi uzokuphendula ukunxusa kwethu.

Simuzwa Kanjani

Ukwazi ukuthi uMoya ukhuluma kanjani kubaluleke kakhulu kulezi zinsuku zanamhlanje. Ukuze sithole isambulo somuntu siqu, sithole izimpendulo, futhi nokuze sithole ukuvikelwa nokuqondiswa, kufanele sikhumbule isibonelo uMphrofethi uJoseph Smith asibekela sona.

Okokuqala, kufanele sigxile emibhalweni engcwele. Ukwenza njalo kuvula izingqondo kanye nezinhliziyo zethu ezimfundisweni nasemaqinisweni oMsindisi. Amazwi kaKristu “[asitshela] zonke izinto okufanele [sizenze]” (2 Nefi 32:3), ikakhulukazi kulezi zinsuku zokungazi nesiyaluyalu.

Okulandelayo kufanele sikhuleke. Umkhuleko udinga kube khona esikwenzayo, ngakho-ke kufanele sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sithole indawo ethule lapho singaya khona njalo, sethule izinhliziyo zethu Kuye.

INkosi ithi, “Sondelani eduze kwami futhi nami ngizo sondela eduze kwenu; ngifuneni ngokukhuthala futhi nizongi fumana; celani futhi nizophiwa, ngqongqothani, futhi nizovulelwa” (IMfundiso neziVumelwano 88:63).

Ukusondela eNkosini kusilethela induduzo, ukukhuthazeka, ithemba kanye nokwelashwa. Ngakho-ke siyakhuleka egameni Lakhe ngokuphathelene nezinkathazo zethu nobuthakathaka bethu, ukulangazelela kwethu nabathandiweyo kithi, ubizo lwethu kanye nemibuzo esinayo.

Emva kwalokho siyalalela.

Uma sihlala siguqile isikhashana uma siqeda umkhuleko wethu, kuzofika imicabango, imizwa, kanye nokulayelwa emiqondweni yethu. Ukuyibhala leyo mizwa kuzosisiza sikhumbule ukuthi yikuphi iNkosi efuna sikwenze.

Isithombe
owesifazane efunda

Ngesikhathi siyiphinda phinda lenkambiso, njengokusho kukaMphrofethi uJoseph Smith, “sizowujwayela umgomo wesambulo.”3

Ukufaneleka Ukuthola Isambulo

Ukukhulisa amandla ethu ukuze sikuzwe ukuhletshezelwa nguMoya oNgcwele kanye nokwandisa amandla ethu okuthola isambulo kudinga ukufaneleka. Ukufaneleka akudingi ukuba singabi namaphutha, kodwa kudinga ukuthi sizame ukuba msulwa.

INkosi ilindele ukuzama nsuku zonke, ukwenza kangconywana nsuku zonke, nokuphenduka nsuku zonke. Ukufaneleka kuletha ubumsulwa, futhi ubumsulwa kusinika amandla okuthola uMoya oNgcwele. Ngesikhathi sithatha “uMoya oNgcwele njengomqondisi [wethu]” (IMfundiso neziVumelwano 45:57), sithola amandla okwambulelwa.

Uma kukhona okusivimbayo ukuba sithole ukulayelwa kwasezulwini, kungenzeka ukuthi kudingeka siphenduke. Ukuphenduka kusivumela ukuba sivule umnyango ukuze sivame ukulizwa izwi leNkosi futhi nangokucacileyo.

“Umgomo ucacile,” kusho iGosa lomGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili uDavid A. Bednar. “Uma kukhona into esiyicabangayo, esiyibonayo, esiyizwayo, noma esiyenzayo esiqhelisa kuMoya oNgcwele, kufanele siyeke ukuyicabanga, ukuyibona, ukuyizwa, noma ukuyenza leyonto. Isibonelo, uma lokho okuhloswe ngakho ukuba kusijabulise kusihlukanisa noMoya oNgcwele, nakanjani lokho kusho ukuthi lolo hlobo lwenjabulo akulona olwethu. Ngoba uMoya awukwazi ukuhlala lapho kukhona khona inhlamba, ubuluhlaza, noma ukungazihloniphi, kusobala ukuthi izinto ezinjalo azisifanele.”4

Lapho sandisa ubumsulwa kanye nokulalela okuhambisana nokuzila ukudla, ukufuna ngokukhuthala, ukufunda imibhalo engcwele kanye namazwi abaphrofethi abaphilayo, futhi sibamba iqhaza ethempelini nasemsebenzini womlando womndeni, amazulu ayovuleka. Okuyolandela lokho wukuthi iNkosi iyosigcina isethembiso Sayo: “ngizokwembula kuwe okoMoya wami, oyokhanyisela ingqondo yakho” (IMfundiso neziVumelwano 11:13).

Kungenzeka kudingeke sibekezele, kodwa uNkulunkulu uzokhuluma nathi ngendlela Yakhe futhi nangesikhathi Sakhe.

uMoya wokuQonda

UJobe wathi, “Nokho kukhona umoya kumuntu: ukuphefumula kukaSomandla kubanika ukuqonda” (uJobe 32:8). Kulonyaka omusha, ngiyanikhuthaza ukuba nithathe izinyathelo ezidingekayo ukuyizwa kangconywana iNkosi futhi nangokuvama ukuze nithole ukukhanya efuna ukuninika kona.

Ngaphambi kokudlula emhlabeni kweGosa uHales ngalelo langa lika-Oktoba ngonyaka ka-2017, walungisa inkulumo emfushane yomhlangano omkhulu angakwazanga ukuyikhuluma. Kuleyo nkulumo, wabhala wathi, “Ukholo lwethu lusilungiselela ukuba lapho kukhona khona iNkosi.”5

Uma sithola isambulo, sichitha isikhathi lapho kukhona khona uNkulunkulu ngesikhathi embula kithi umqondo Wakhe, intando Yakhe kanye nezwi Lakhe kithi (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:4). Sengathi singaluphila ukholo lwethu, simbize, siphile ngokufaneleka ukuba sithole intshisekelo asethembise yona, futhi senze ngokwemiyalelo esiyitholayo.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Isandulelo seMfundiso neziVumelwano.

  2. Bheka inkulumo ka Russell M. Nelson ethi, “Revelation for the Church, Revelation for Our Lives,” iLiyahona, yangoMeyi 2018, 94.

  3. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 132.

  4. David A. Bednar, “That We May Always Have His Spirit to Be wiht Us,” iLiyahona yangoMeyi 2006, 30.

  5. Enkulumweni kaNeil L. Andersen, “The Voice of the Lord,” iLiyahona, yangoNovemba. 2017, 125.