Ngo-2011
Indawo Enkulu Yokwenza
Disemba 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uDisemba 2011

Indawo Enkulu Yokwenza

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngawo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza uqinise odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile empilweni yakho.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

INkosi, iBandla Lakhe, imindeni, kanye nomphakathi udinga imfundiso yabesimame abalungileyo. Ngokweqiniso, IGosa uM. Russell Ballard Wekhoramu Yabapostoli Beshumi Nambili wafundisa ukuthi “wonke udade kuleBandla owenze isivumelwano neNkosi unelungelo elikhulu lokusiza ngokusindisa imiphefumulo, ukuhola abasifazane balomhlaba, ukuqinisa amakhaya waseZayoni, futhi nokwakha umbuso kaNkulunkulu.”1

Odade abanye bangazibuza ukuba bangakwazi ukufeza lezinhloso eziphakeme. Kepha njengo Eliza R. Snow (1804–87), umongameli jikelele wesibili weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wachaza, “Akekho udade oyedwa, futhi indawo yakhe incane kepha umehluko angawenza mkhulu ekukhuliseni Umbuso kaNkulunkulu kulomhlaba.”2 Udade uSnow waphinda wafundisa ukuthi Inhlangano Yabesimane Yenkululeko yayihleliwe “ngenzuzo yakhokonke okuhle kanye nomsebenzi olungile.”3

Ukuzifaka kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko kukhulisa indawo yethu yemfundiso ngokunikeza omunye nomunye udade ithuba lokwakha ukholo, ukuqinisa imindeni kanye namakhaya, futhi kulethe umsebenzi ekhaya kanye nasemhlabeni wonke. Futhi ngenhlanhla, ukuzimisela kwethu ngamunye futhi njengeNhlangano Yabesimame Yenkululeko akudingekile kube kukhulu futhi kulethe injabulo, kepha kumele kube nenhloso futhi kuhlale kunjalo. Imisebenzi yokulunga njengomthandazo wansuku zonke kanye nowomndeni, ukufunda izincwadi zenkolo, futhi nokukhulisa njalo amabizo weBandla kuzasiza kuphakamise ukholo futhi kwakhe umbuso weNkosi.

Kubodade abazibuza ukuthi leminikelo ebonakala inokuthula yenza umehluko. iGosa uBallard uyaqinisekisa: “Wonke udade omela iqiniso kanye nokulunga unqoba imfundiso yobukhohlakali. Wonke udade oqinisa futhi avikele umndeni wakhe wenza umsebenzi kaNkulunkulu. Wonke udade ophila njengowesifazane kaNkulunkulu ubangumgqugquzeli kwabanye ukuba balandele futhi atshale imbewu yemfundiso yokulunga leyo ezokuvunwa eminyakeni eminingi ezayo.”4

Kuvela embhalweni Ongcwele

1 AbaseKhorinte 12:4–18; 1 uThimothewu 6:18–19; uMozaya 4:27; Izici Zenkolo 1:13

Kuvela Emlandweni Wethu

uEliza R. Snow, owasebenza njengomabhalane ngenkathi Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ihlelwa eNauvoo, wabizwa nguMongameli uBrigham Young (1801–77) ukuba ahambele lonke iBandla, asiza obhishobhu ukuhlela Inhlangano Yabesimame Yenkululeko kumawodi abo.

Udade uSnow wafundisa: “Uma kunomunye wamadodakazi kanye nabomama eIsrayeli abazizwa okungenani bavimbelekile [bangavumelekanga] endaweni yabo yamanje, manje bazakuthola ukufinyelela emandleni kanye nasekhonweni lokwenza okuhle nalokho abaphiwe kona ukuba bakwenze ngenkululeko. … uMongameli uYoung uguqule isikhiye endaweni ebanzi futhi enkulu yokwenza kanye nosizo.”5

Amanothi

  1. M. Russell Ballard, “Abesifazane Abalungileyo,” iLiahona, Dec. 2002, 39.

  2. uEliza R. Snow, “Ikheli,” Isibonelo

  3. uEliza R. Snow, “Owesifazane Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko,” Deseret News, Apr. 22, 1868, 81.

  4. M. Russell Ballard, Liahona, Dec. 2002, 39.

  5. uEliza R. Snow, Deseret News, Apr. 22, 1868, 81.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingabasiza kanjani odade engibavakashelayo babone futhi basebenzise ikhono labo lokuba nemfundiso elungile?

  2. Ngingasebenzisa kanjani izipho zami ezingajwayelekile kanye namakhono ukubusisa abanye?