Ngo-2011
Ukukhetha ukubonga
Disemba 2011


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli,Disemba 2011

Ukukhetha Ukuba Ubonge

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

uBaba wethu waseZulwini usiyala ukuba sibonge kuzozonke izinto (bona 1 AbaseThessaloni 5:18), futhi Ufuna sibonge izibusiso esizitholayo (bona D&C 46:32). Siyazi ukuthi yonke imiyalelo Yakhe ihloswe ukusenza sijabule, futhi siyazi ukuthi ukuphula imiyalelo kusiholela ezinhlungwini.

Ukuze sijabule futhi sigweme ubuhlungu, kumele sibe nenhliziyo enokubonga. Sibonile ezimpilweni zethu ukuxhumana phakathi kokubonga kanye nenjabulo. Sonke sithanda ukuzizwa sinokubonga, kepha akulula ukuba nokubonga njalo kuzozonke izinto ebunzimeni bempilo. Ukugula, ukudumala, kanye nokushiywa ngabantu esibathandayo kuza esikhathini sezimpilo zethu. Izinsizi zethu zingenza kube nzima ukubona izibusiso zethu kanye nokujabulela izibusiso uNkulunkulu asibekele zona esikhathini esizayo.

Akulula ukubala izibusiso zethu ngokuba sivamise ukuthatha izinto kalula. Uma siphelelwa yindawo yokufihla ikhanda, ukudla esikudlayo, noma ukuthandwa ngabangane kanye nemindeni, sibona ngokusobala ukubonga ekungabe siyesabanako ngenkathi sinabo.

Kukho konke, ngesinye isikhathi kunzima kithina ukubonga ngokuphelele izipho ezinkulu esizitholayo: ukuzalwa kukaJesu Krestu, Inhlawulo Yakhe, isithembiso Sokuvuka Kwabafileyo, ithuba lokujabulela impilo yaphakade kanye nemindeni yethu, Ukubuyiswa kwevangeli nobupristi kanye nezikhiye zabo. Ngosizo lukaMoya Oyingcwele kuphela singaqala ukuzwa ukuthi lezo zibusiso zibaluleke kangakanani kithina kanye nalabo esibathandayo. Kulapho esingathemba khona ukuba sibonge kuzozonke izinto futhi sigweme ukona kuNkulunkulu ngokungabongi kwethu.

Kumele sicele ngomthandazo ukuthi uNkulunkulu, ngamandla kaMoya oyiNgcwele, ungasizisa sibone izibusiso zethu ngokusobala futhi nasenkungwini yezivivinyo zethu. Angasisiza ngamandla woMoya oyingcwele ukuthi sibone futhi sibonge izibusiso esizithatha kalula. Okungisize kakhulu ukucela kuNkulunkulu ngomthandazo, “Ngicela Ukuba ungiholele kumuntu engingamusizela Wena?” Kungukusiza uNkulunkulu ukubusisa abanye kulokho engikubonile kwizibusiso zami eziseduzane kakhulu.

Umthandazo wami waphendulwa ngenkathi abashadikazi ekade ngingabazi bengimema ukuba ngiye esibhedlela. Lapho engathola ingane encane kakhulu kangangoba ingalingana esandleni sami. Emavikini ambalwa empilo, wathola ukuhlinzwa okuningi. Odokotela batshela abazali ukuthi ukuhlinzwa okunzima kwenhliziyo kanye namaphaphu kuzadingeka ekusekeleni impilo yalengane encane kaNkulunkulu.

Ngesicelo esivela kubazali, Nganikeza ingane isibusiso sobupristi. Isibusiso saba nesithembiso sokwandiswa kwempilo yalengane. Ngaphezulu kokunikeza isibusiso, Ngathola isibusiso ngokwami senhliziyo enokubonga okukhulu.

Ngosizo lukaBaba wethu, sonke singakhetha ukuzizwa sinokubonga okukhulu. Singacela Yena ukuba asisize sibone izibusiso zethu ngokusobala, noma isimo sinjani. Kimina ngalolosuku, Ngajabula ngendlela engingakaze ngayibona ngaphambilini ngesimangaliso senhliziyo yami kanye namaphaphu wami asebenzayo. Nganikeza ukubonga endleleni eya ekhaya ngezibusiso kubantwana bami ukuthi ngingabona ngokusobala izimangaliso zomusa ovela kuNkulunkulu futhi nakubantu abalungile abaseduzane nabo.

Kukho konke, ngazizwa nginokubonga ngobufakazi Bokuhlawulelwa obusebenzayo ezimpilweni zalabo bazali abanovalo kanye nakimi. Ngibonile ithemba kanye nothando olumsulwa lukaKrestu lucwebezela ebusweni babo, nasebunzimeni balesosivivinyo sabo. Futhi ngezwa ubufakazi ongabuzwa uma ucela kuNkulunkulu ukuba akumbulele ukuthi Ukuhlawulelwa kungavumela wena uzwe unethemba kanye nothando.

Sonke singenza ukhetho lokunika ukubonga ngomthandazo kanye nokucela uNkulunkulu akhombise indlela yokusebenzela abanye Ngaye—ikakhulukazi ngasolesikhathi sonyaka lapho sijabulela ukuzalwa koMsindisi. uNkulunkulu uBaba wanikeza iNdodana Yakhe, futhi uJesu Krestu wasinikeza Ukuhlawulelwa, isipho esikhulu ukwedlula zonke kanye nokunikezela konke (bona D&C 14:7).

Ukunikeza ukubonga ngomthandazo kungasivumela ukuba sibone ubukhulu balezibusiso kanye nazozonke ezinye zezibusiso zethu futhi sithole isipho esinokubonga kakhulu ngenhliziyo.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Ukubhala phansi ulwazi lwethu kanye nezibusiso kungasisiza sizikhumbule futhi kusinikeze okuthize esingabheka kuko. Cabanga ngokubuza labo obafundisayo ukuba babhale phansi lokho abanokubonga ngakho—ukubasiza bakhumbule izibusiso abazitholile, babone izibusiso zamanje, futhi babheke phambili kwizibusiso ezizayo.

Ungagqugquzela labo obafundisayo ukuba balandele isibonelo sikaMongameli uEyring ngokucela uBaba waseZulwini ukuba abakhombise umuntu abangamusiza noma bamusebenzele.