Ngo-2011
Thatha Isivivinyo Sokubonga
Disemba 2011


Intsha

Thatha Isivivinyo Sokubonga

Asingakhulumi nje ngokubala izibusiso zethu—masikwenze! Bhala uhlelo lwezinto ezingu 100 wena onokubonga ngazo. Uma lokho kuzwakala sengathi kuningi, zama lokhu:

  1. Bhala amakhono womzimba angu 10 wena onokubonga ngawo.

  2. Bhala izinto onazo ezingu 10 wena onokubonga ngazo.

  3. Bhala abantu abaphilayo abangu 10 wena onokubonga ngabo.

  4. Bhala abantu asebashonile abangu 10 wena onokubonga ngabo.

  5. Bhala izinto ezingu 10 ngemvelo wena onokubonga ngazo.

  6. Bhala ngezinto zanamuhla ezingu 10 wena onokubonga ngazo.

  7. Bhala ngezindawo emhlabeni ezingu 10 wena onokubonga ngazo.

  8. Bhala ngezinto eziqanjiwe zesimanje ezingu10 wena onokubonga ngazo.

  9. Bhala ngezidlo ezingu 10 wena onokubonga ngazo.

  10. Bhala ngezinto mayelana nevangeli ezingu 10 wena onokubonga ngazo.

Uma sihlela kanjena, sithola ukuthi uhlelo lwezinto ezingu 100 aziqali nokususa indawo yazozonke izinto uNkulunkulu asinikeze zona.