Ngo-2011
Inkomfa kaWonke wonke—Asikho Isibusiso Esijwayelekile
Septhemba 2011


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli Septemba 2011

Inkomfa kaWonke wonke — Asikho Isibusiso Esijwayelekile

Ilungu elihle leBandla lalikhuluma nomakhelwane owayengesiyo wenkolo yethu. Ngenkathi isihloko sengxoxo siguqukela kwinkomfa kawonke wonke, umakhelwane wathi, “Uthi ninabaprofethi nabapostoli? Futhi kabili onyakeni kwinkomfa emhlabeni wonke bembula izwi likaNkulunkulu?”

“Ngempela,” ilungu laphendula ngokuzethemba.

Umakhelwane wacabanga ngalokhu okwesikhashana. Wayebukeka enomdlandla futhi wambuza, “Babethini kwinkomfa yokugcina kawonke wonke?”

Kulesikhathi ilungu elilungile leBandla laya ekuzweni injabulo ngokwabelana ngevangeli lezwa lifikelwa amahloni. Ngokuzama okukhulu, azange acabange incazelo enabile yengxoxo neyodwa.

Umngane wakhe wathola lokhu kumphatha kabi wathi, “Uzongitshela ukuthi uNkulunkulu ukhuluma kumuntu kulesikhathi sethu futhi awukhumbuli ukuthi Ubethini?”

Umfo wazithoba ngenxa yalengxoxo. Wathembisa ukuthi uzozama kangcono ukukhumbula amagama akhulunywe yizinceku zeNkosi kwinkomfa kawonke wonke.

Siyazi sonke ukuthi kunzima kangakanani ukukhumbula umlayezo wonke wenkomfa kawonke wonke, futhi ngiyathemba ukuthi ngeke sizizwe sihlazekile ngoba singakhumbuli yonke into ekhulunyiwe. Noma kunjalo-ke, kunemilayezo kwinkomfa nenkomfa enikezwa njengesipho kanye nesibusiso esivela ezulwini ikakhulukazi maqondana nezimpilo zethu.

Ukuzilungiselela inkomfa kazwelonke, make nginiphe imiqondo eyisisekelo emithathu engahle isincede ukuthola kangcono ukukhumbula, futhi nokusebenzisa amagama akhulunyiwe yizisebenzi zeNkosi.

1. Amalungu eBandla anelungelo lokwambulelwa njengoba belalela futhi befunda amazwi asikhuthazayo akhulunywa kwinkomfa kawonke wonke.

Njengoba ulungisela inkomfa kawonke wonke, ngiyanimema ukuba nicabange kanzulu ngemibuzo enifuna ukuthi iphendulwe. Isibonelo, ungahle ufune indlela kanye nokuboniswa yiNkosi maqondana nezinselelo obhekene nazo.

Izimpendulo zemithandazo yakho zingeza enkulumeni ethize noma ebuya kwimigqa ethile. Kwesinye isikhathi izimpendulo zingeza ngezwi, umusho, noma iculo. Inhliziyo egcwele ukubonga ngezibusiso zempilo kanye nesifiso esiqinile sokuzwa nokulandela amazwi wokululekwa kuzolungisela indlela yesambulelo sakho.

2. Ungathathi kalula umlayezo ngoba ujwayelekile.

Abaprofethi njalo bafundisa ngokuphinda phinda, ngumthetho wokufundisa. Uzokuzwa impinda yesifundo kanye nakwinkomfa jikelele. Akengikunikeze isiqiniseko: lokhu akusikho ukuthi kungenxa yokuba nobuhlakani noma ukuziqambela. Siyaqhubeka ukuzwa imilayezo ngezinto ezifanayo ngoba iNkosi isifundisa futhi igcizelela emiqondweni yethu nasezinhlizweni imithetho eminye eyisisekelo ebalulekile kakhulu okumele siyiqonde futhi sisebenzele phezu kwayo ngaphambi kokuba siyekwezinye izinto. Umakhi ohlakaniphile uqala ngokubeka isisekelo ngaphambi kokwakha ubonda kanye nophahla.

3. Amazwi akhulunyiwe kwinkomfa kazwelonke ingaba ikhampasi ekhombisa indlela kithina kulezinyanga ezizayo.

Uma silalela futhi silandela ukugqugquzeleka koMoya, lamazwi azosebenza njenge Liyahona, esiholela lapho singazikhona, kwinselela zezigodi nasezintabeni ezingaphambili (bona 1 uNifayi 16).

Selokhu kwaqala umhlaba, uNkulunkulu wabeka abaprofethi abakhuluma intando yasezulwini kubantu bangalesosikhathi. Kungumsebenzi wethu ukuba silalele beseke sisebenzisa imilayezo iNkosi esinikeze yona.

uBaba wethu waseZulwini onomusa futhi nothando akasikhohlwanga futhi angeke alahle izingane Zakhe. Namuhla, kanjalo nasezikhathi ezedlule, Wakhetha abapostoli kanye nabaprofethi. Uyaqhubeka ngokwembula izwi Lakhe kubo.

Kuyithuba elihle kakhulu ukuzwa imilayezo kaNkulunkulu komunye nomunye ngenkathi yenkomfa kazwelonke! Make sizilungiselele kahle ukuthola lesibusiso esikhulu esingcwele sokuholwa esilethwe yizinceku Zakhe ezikhethiweyo.

Ngokuba lokhu akusona isibusiso esijwayelekile.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

  • Fundani isiqephu esibhaliwe ndawonye. Khuthaza umndeni ukuba uthole izinto okufanele bazilalele ngenkathi yenkomfa kawonke wonke.

  • Ukusiza abantwana abancane basebenzise ukwelulekwa okunikezwe nguMongameli Uchtdorf, babonise ishadi Lababingeleli Abanegunya (itholakala kwimagazini yenkomfa i Liyahona). Bazise ukuthi ubuMongameli Bokuqala kanye neKhoramu yabaPostoli beshumi nambili bazobe bekhuluma kwinkomfa kawonke wonke. Khuthaza izingane ukuba zilalele inkomfa futhi badwebe umfanekiso ukusiza bona ukuba bakhumbule ngalokho abakufundile. Abazali bangavakashela conferencegames.lds.org imidlalo eminingi yenkomfa yezingane.

Ngakwesokudla: isithombe nguLes Nilsson