Ngo-2011
Ukuqinisa Imindeni ngokuKhulisa ngoKomoya
Septhemba 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha Septemba 2011

Ukuqinisa Imindeni ngokuKhulisa ngoKomoya

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngawo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile empilweni yakho.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

uJulie B. Beck, umongameli jikelele Wenhlangano Yabesimame Ekhululekile wathi: “Kukhulile ngaphakathi kimi ubufakazi obukhulu kokubaluleka kwamadodakazi kaNkulunkulu. … Ngezwa ukuthi akuzange kubekhona isidingo esikhulu ekukhuliseni ukholo futhi nobulungiswa bomuntu. Akuzange kube khona isidingo esikhulu sokuba nemindeni kanye namakhaya aqinile.”

Odade bangasiza ekwakheni amakhaya kanye nemindeni eqinile njengoba benza lokho abambulelwa kona. “Ikhono lokuba uvumeleke, uthole, futhi wenze lokho okwambulelwe kona, yikhono elilodwa elibalulekile kakhulu elingatholakala kulempilo,” uyaqhubeka Udade uBeck. “Ukuvumeleka ukuba noMoya weNkosi kuqala ngokuba ube nesifiso salowoMoya futhi sidinga ingxenye ethile yobulungiswa. Ukugcina imiyalelo, ukuguquka, kanye nokuvuselela izivumelwane ezenziwe ngenkathi ubhabhadiswa kuholela ekubusisweni njalo uMoya weNkosi ukuthi ube nathi. Ukwenza nokugcina izivumelwano kugcwalisa amandla kamoya kanye namandla empilweni yowesifazane. Izimpendulo eziningi emibuzweni elukhuni zitholakala ngokufunda imibhalo engcwele ngoba imibhalo engcwele iwusizo kwisambulo. … Umthandazo wezinsuku zonke ubalulekile ukuze sibe noMoya weNkosi kithina.”1

Futhi siyakhulisa amalungu ethu omndeni ngokomoya njengoba sibasiza ukuthi baqonde iplani engunaphakade kaBaba wethu Wasezulwini. “Singenzenjani ukulungiselela kangcono izingane zethu ngokomoya ngezindima zabo zaphakade?” buza Igosa u M. Russell Ballard weKhoramu Yabapostoli Beshumi Nambili. “Mhlawumbe impendulo egcwele yilena: Bafundise ukuthi baphile kanjani imithetho yevangeli.” Lemfundiso ivela ngomthandazo wansuku zonke, ukufunda umbhalo ongcwele, futhi nesikhathi sesidlo somndeni kanjalo nobusuku basekhaya bomndeni beviki kanye nokuya eSontweni. Igosa uBallard uyachaza: “Siyazilungiselela nsuku zonke, njengamanje, kwimpilo yaphakade. Uma singazilungiseleli impilo yaphakade, sizilungiselela okuncane kunalokho, kwesinye isikhathi okuncane kakhulu kunalokho,”2

Kuvela Embhalweni Ongcwele

Izaga 22:6; 1 uJohane 3:22; Imfundiso neZivumelwano 11:13–14; 19:38; 68:25

Kuvela Emlandweni Wethu

Umprofethi uJoseph Smith wafundisa odade ngoApril 1842 kumhlangano Wenhlangano Yabesimame Ekhululekile ukuthi kufanele benze isibopho ngkuzotha ukuba bafune insindiso yabo. Wathi, “Emva[yami]kwemiyalelo, nizokuziphendulela ezonweni zenu; kuyinhlonipho efunekayo ukuthi nihambe ngalendlela ngaphambi kobuso bukaBaba wethu wasezulwini ukuze nizisindise; sonke kufanele sithembeke kuNkulunkulu ngendlela esenza ngcono ngokukhanya kanye nobuhlakani obunikezwe yiNkosi yethu ukuze sikwazi ukuba sizisindise.”3 Wabafundisa ukuthi babe ngabalungileyo, babe ngabantu abangcwele, nokuthi bazilungiselele imithetho kanye nezivumelwano.

Amanothi

  1. uJulie B. Beck, “Ngaphezu Kwezincekukazi Kulezozinsuku Ngizakuthela Umoya Wami,” Liyahona, uMeyi 2010, 10, 11.

  2. M. Russell Ballard, “Ukukhula Ngokomoya,” Ensign, Nov. 1978, 65, 66.

  3. Imfundiso yaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 64.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingenzenjani ukusiza odade bami ukuba bakhulise ukuzethemba ngokomoya?

  2. Ngingenzenjani ukwenza ngcono ulwazi lwami ukuze ngibone futhi ngenze lokho engikutshelwa nguMoya oyiNgcwele?

Iziboniso zezithombe nguWelden C. Andersen