Wonke umuntu wamukelekile. Vakashela ibandla eliseduze nawe.
Imibuzo Ejwayele Ukubuzwa
Ngabe amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina angamaKristu na?
Yebo! Njengamalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sikholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu futhi unguMsindisi woMhlaba. Usithanda sonke ngaphezu kwalokho esingakucabanga. Sizibuka njengabalandeli bakaJesu Kristu abathembekile. Nakuba ezinye zezinkolelo zethu zihlukile, sikholwa wukuthi ngempilo Yakhe, ubufundisi Bakhe, ukuzinikela Kwakhe, nangokuzwa Kwakhe ubuhlungu, uJesu Kristu usisindisa esonweni, ezinhlungwini kanye nasekufeni.
Funda kabanzi ngezinkolelo zethu.
Zinjani izinkonzo zeBandla?
Izinkonzo zeBandla zehlukene umgwamanda nomgwamanda. Kodwa-ke, ungahlezi uyilindele inkonzo enkulu yawo wonke umuntu, elandelwa amakilasi abantwana, intsha, kanye nabadala.
Inkonzo yawo wonke umuntu ibizwa ngokuthi “inkonzo yesidlo esingcwele.” Kulomhlangano kukhona amaculo, imithandazo, nezintshumayelo (noma “izinkulumo”) ezinikezwa amalungu ahlukene ebandla masonto onke. Kodwa into ebaluleke kakhulu kulomhlangano yilapho kuthathwa isidlo esingcwele (okufana neSidlo seNkosi) ukukhumbula uMsindisi.
Funda kabanzi ngezinkonzo zangeSonto noma thola ibandla endaweni yangakini.
Kungani iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina linamathempeli?
KwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina, ithempeli lehlukile kunezinye izakhiwo zeBandla. Ithempeli yindawo lapho abaNgcwele beziNsuku zokuGcina bethola khona imfundiso ekhethekile ngoNkulunkulu nangoJesu Kristu. Ethempelini, amalungu enza izivumelwano (noma izethembiso) zaphakade noNkulunkulu. Lokhu kubandakanya ukugcina imiyalelo, ukuliphila ivangeli likaJesu Krestu, ukwethembeka emshadweni, kanye nokunakekelana ngokwabelana ngalokho esinakho.
Okunye, ngenxa yokuthi sikholwa wukuthi imindeni ngeyaphakade, umsebenzi omningi owenziwa ngaphakathi emathempelini uhlose ukuqinisa ubudlelwano bomndeni. Imishado emathempelini ifezwa ukuba ibe ngeyaphakade, hhayi nje ukuba “nehlukaniswe wukufa.” Abazali nabantwana baba yimindeni yaphakade emathempelini. Okhokho nabo bangazithola zonke izibusiso zethempeli uma kukhona obafezela izimiso ezingcwele futhi belwamukela lolo sizo. Amathempeli ayizindawo eziphethuzelayo!
Iyini iNcwadi kaMormoni na?
INcwadi kaMormoni yincwadi yemibhalo engcwele eshisekelisiwe esifundisa ngoNkulunkulu nango Jesu Kristu. Isisiza ukuba sithole ukuqondiswa ezimpilweni zethu futhi ingasisiza sizizwe sisondelene noJesu Kristu. Ngabe leli gama lavelaphi na? Emakhulwini eminyaka eyadlula, umphrofethi wasendulo ogama lakhe linguMormoni waqoqela ndawonye okubhaliwe ngabantu bakubo. Babebhekene nobuningi ubunzima esibhekana nabo nathi. Futhi njengathi, babethola amandla lapho bephendukela kuJesu Kristu. Thola isandulelo eNcwadini kaMormoni ngabefundisi bevangeli.
INcwadi kaMormoni ihambisana neBhayibheli njengelinye ithestamente likaJesu Kristu kanye nokuthunywa Kwakhe nguNkulunkulu njengoMsindisi kanye noMhlengi womhlaba. Ndawonye, iBhayibheli kanye neNcwadi kaMormoni kusinika ukuqonda okwengeziwe ngothando lukaNkulunkulu ngathi sonke futhi kungasisiza sisondele Kuye.
Funda kabanzi ngokuthi ngabe iBhayibheli neNcwadi kaMormoni kusebenza kanjani ndawonye.
Ngabe siyakholelwa eBhayibhelini?
Yebo. IBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu, incwadi engcwele yemibhalo engcwele, futhi ukulandela izimfundiso zalo kusilethela injabulo ezimpilweni zethu. Ndawonye neBhayibheli, sibuye sithole ugqozi kwezinye izincwadi zemibhalo engcwele eziyingqayizivele eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Zonke zisebenza ndawonye ukuze zisifundise amaqiniso abalulekile ngoNkulunkulu noJesu Kristu.
Funda kabanzi ngenkolo yethu ngeBhayibheli.
Sondela kuNkulunkulu. Hlangana nabefundisi bevangeli.
Hlangana ku-Intanethi noma nomuntu siqu. Sizoyiphendula imibuzo yakho futhi sikwazise emphakathini webandla langakini.
UJesu Khristu, Uyisibonelo Sethu Esiphelelisiwe
UMphakathi woKholo Ogxile kuJesu Kristu
Thola izindaba ezintsha ezivela eBandleni.
Kunezinto ezinhle ezenzeka emhlabeni wonke. Thola okusha okwenzeka manje mayelana nemisebenzi yeBandla, imicimbi, imizamo yokuletha usizo lapho kunezinhlekelele, kanye nokunye.