Mayelana nomBhabhadiso woMmeleli kanye Nokuqiniswa

Uyini umBhabhadiso woMmeleli na?

Umbhabhadiso kanye Nokuqiniswa Kubalulekile

Owesine Umbhalo wokholo uthi izimiso zokuqala zevangeli likaJesu Kristu “ukubhabhadiswa ngokucwiliswa ukuze kuthethelelwe izono” kanye “nokubekwa izandla ukuze uthole isipho soMoya oNgcwele.” UJesu wafundisa ukuthi ukubhabhadiswa kanye nokuqiniswa kuyadingeka kubo bonke abafuna ukumlandela futhi babuyele kuBaba wethu oseZulwini emuva kwalempilo. Ngakho-ke umbhabhadiso uyisango lendlela yesivumelwano eholela ekutholeni zonke izibusiso uBaba wethu oseZulwini afisa ukusinika zona. Futhi uyisango “lokupheleliswa kuKristu” (Moroni 10: 32–33) njengoba samukela ngokugcwele ivangeli Lakhe.

Ekuqaleni kobufundisi Bakhe, uJesu wahamba esuka eGalile waya eMfuleni iJordani eJudiya. UJohane umBhabhadisi wayelapho, efundisa abantu ukuthi mabaphenduke futhi babhabhadiswe. UJesu wacela ukubhabhadiswa, kodwa uJohane wayemanqikanqika ngoba wayazi ukuthi uJesu wayengenasono. Umsindisi wachaza ukuthi kudingekile ukuba Yena abhabhadiswe “ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke” (NgokukaMathewu 3:15) futhi nokuba alalele imiyalelo yaBaba wethu oseZulwini. Ngakho-ke uJesu Kristu wasibekela sonke isibonelo ngesikhathi engena emanzini futhi uJohane embhabhadisa (bheka 2 Nefi 31:5).UJohane futhi wathola ubufakazi bomuntu siqu balesi sehlakalo esingcwele:

“UJesu esebhabhadisiwe, waphuma masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu wehla njengejuba, wehlela phezu kwakhe:

“Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo” (NgokukaMathewu 3:16–17).

UJohane uMbhabhadisi noJesu eMfuleni iJordani.
UJohane uMbhabhadisi noJesu eMfuleni iJordani

Kamuva, umbusi ongumJuda, uNikhodimu, weza kuJesu ebusuku. Wabona ukuthi uJesu “ungumfundisi ovela kuNkulunkulu” (NgokukaJohane 3:2), futhi wafuna ukufunda okwengeziwe. UJesu wamfundisa ukuthi kokubili ukubhabhadiswa kanye nokwamukela uMoya oNgcwele ngokuqiniswa kwakudingekile ukuze usindiswe:

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu” (NgokukaJohane 3:5).

Ukuzalwa ngamanzi kusho umbhabhadiso. Ukuzalwa ngokoMoya kusho ukwamukela isipho sikaMoya oNgcwele (obuye abizwe ngoMoya oNgcwele) ngokuqiniswa. Lezi zimiso zingcwele, futhi senza izivumelwano ezinesizotha uma sizithola. Siyathembisa ukuthi sizimisele ukuthwala igama likaJesu Kristu phezu kwethu, simkhumbule njalo, futhi sigcine imiyalelo kaNkulunkulu. Njengoba sigcina lezi zithembiso, sibonisa ukholo lwethu kuJesu Kristu kanye nokuzimisela kwethu ukumlandela.

Emuva koVuko Lwakhe, uMsindisi waphinda wafundisa ngokubaluleka kokubhabhadiswa. Wathumela abaPhostoli ukuba bashumayele ivangeli Lakhe kubo bonke abantu, bethi, “Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa” (NgokukaMakhu 16:16).

Ngenkathi uMsindisi ebuyisela iBandla Lakhe ngoMphrofethi uJoseph Smith, wafundisa futhi ukuthi umbhabhadiso usadingeka (Imfundiso neziVumelwano 22:4). Wembula nendlela efanele yombhabhadiso. Wakwenza kwacaca ukuthi umbhabhadiso kufanele wenziwe ngokucwiliswa kanye nangegunya elifanele lobuphristi (Imfundiso neziVumelwano 20:73–74).

UNkulunkulu Uthanda Bonke Abantwana Bakhe.

Umuntu ngamunye ungumntwana kaNkulunkulu. Bonke bayigugu Kuye. Uyabazi futhi Uyabathanda. Wamemezela, “Ngokuba bheka, lokhu kungumsebenzi wami nenkazimulo yami—ukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu” (Mose 1:39). Unikeze indlela kubo bonke abantwana Bakhe ukuthi babuyele Kuye ngemuva kwalokhu kuphila. Leyondlela ivangeli likaJesu Kristu.

Abantu abaningi baba nethuba lokwamukela ivangeli futhi babhabhadiswe kule mpilo. Kodwa-ke kuthiwani ngalabo abafe ngaphambi kokuba babhabhadiswe noma ngisho nokuba bazi ngoJesu na? Bazosindiswa kanjani bona? Unkulunkulu akabakhohlwanga!

Ukufa akusona isiphetho sempilo, kodwa kuyisinyathelo sohambo lwethu lokubuyela kuNkulunkulu. Lapho sifa, imimoya yethu iyayishiya imizimba yethu okwesikhashana. Singena ezweni lemimoya futhi sizibandakanye namalungu omndeni nabanye asebadlula emhlabeni. Lapho, silungiselela lolo suku olumangalisayo lapho siyovuswa futhi imimoya yethu iyohlanganiswa nemizimba ephelelelisiwe. Lapho-ke siyobe sesikhululekile ekuguleni, ezifweni, nakuko konke ukukhubazeka nobuthakathaka esikubekezelelayo manje. Ezweni lemimoya, labo abafa bengenalo ithuba lokufunda ngevangeli kule mpilo bafundiswa ngoMsindisi nangesu lensindiso (1 KaPhethro 3:18–20; Imfundiso neziVumelwano 138:16–19).Bangakhetha ukwamukela ivangeli futhi baphenduke.Kodwa abakwazi ukubhabhadiswa khona ngoba abanayo imizimba yabo yenyama. UBaba oseZulwini onomusa ubanikeze enye indlela yokuthola umbhabhadiso.

Ethempelini, singabhabhadiswa futhi siqinisewe esikhundleni salabo abashona bengalitholanga lelothuba. Ngamanye amazwi, singabamela futhi senze esikhundleni sabo. Izimiso ezezenlwe abanye abantu zibizwa ngokuthi izimiso zommeleli (noma izimiso zezici). UMphostoli uPawula wafundisa abaseKhorinte ukuthi umbhabhadiso wabafileyo wawenziwa ngoba bonke abantu bayovuswa ngeNhlawulo kaJesu Kristu (1 KwabaseKhorinte 15:29, 55–57).

Imfundiso yezimiso zezici ibilokhu iyingxenye yevangeli likaJesu Kristu. Eqinisweni, INhlawulo Yakhe iyisenzo esikhulu kunazo zonke emlandweni womhlaba. Ngomhlatshelo Wakhe, wenzela bonke abantu lokho esingenakuzenzela thina. Ngenxa Yakhe, bonke abantu bazovuka kwabafileyo. Bonke bazolizwa ivangeli, futhi bonke bayoba nethuba lokubuyela kubazali bethu baseZulwini.

Imibhabhadiso yasethempelini kanye nokuqiniswa okwenzelwa labo asebefile yizipho ezinikelwa ngothando. Futhi ngenxa yokuthi sikholelwa ukuthi ukuphila kuyaqhubeka ngemuva kokufa, sikholelwa futhi ukuthi labo abafileyo bayazazi lezimiso. Bangabe sebekhetha ukuthi bayafuna ukuzamukela noma bayazinqaba.

Iifonti yokubhabhadisela (Ithempeli lase-Ogden e-Utah)
Iifonti yokubhabhadisela (Ithempeli lase-Ogden e-Utah)

UngaSiza Abanye eThempelini

Ithempeli ngalinye linendawo yokubhabhadisa ngaphakathi elifonti enkulu yokubhabhadisela. Ifonti yokubhabhadisa ihlezi emihlane yezithombe zezinkabi eziyishumi nambili ezimele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Lokhu kulandela isiko elisukela ethempelini likaSolomoni eThestamenteni Elidala (bheka 2 Izikhronike 4:2–4). Izinkabi futhi zimele amandla evangeli likaJesu Kristu.

Amalungu athembekile eBandla angathola imvume yasethempelini yokwenza imibhabhadiso kanye neziqiniso kusukela ngoJanuwari wonyaka abahlanganisa iminyaka eyi-12 ngawo. Ukuze uthole imvume yokungena ethempelini, hlela “inhlolokhono yemvume yokungena ethempelini” nombhishobhi wakho noma umongameli wegatsha. Ungabe usuya ethempelini uyobhabhadiswa futhi uqiniselwe labo abangasekho.

Njengokubhabhadiswa kwakho siqu, uyoba nendawo yangasese lapho uyoshintsha khona ufake izingubo ezimhlophe ukuze ubhabhadiselwe labo asebefile. Ngemuva kwemibhabhadiso, uzobuyela endaweni yakho yokugqoka futhi ugqoke izingubo ezomile. Uyobe usuya egumbini elihlukile lokuqiniswa endaweni yokubhabhadisa. Abanobuphristi bazobeka izandla zabo ekhanda lakho futhi banikeze isipho sikaMoya oNgcwele kulabo abangasekho. Uma lezi zimiso seziqediwe, bangazinqumela ukuthi bayathanda yini ukuzamukela. Ukubhabhadiswa kanye nokuqiniswa kommeleli kwenziwa emathempelini kuphela.

Igumbi Lokuqiniswa (Ithempeli lase-Meridian Idaho)
Igumbi Lokuqiniswa (Ithempeli lase-Meridian Idaho)

Ethempelini, ungathola futhi ithuba elikhethekile lokubhabhadiselwa amalungu omndeni wakho aseshonile. Njengoba ucwaninga umlando womndeni wakho, uzothola okhokho bakho. Ukuya ethempelini futhi ubhabhadiselwe futhi uqiniselelwe bona kungaba yinto emangalisayo futhi eqondene nawe.

Ungakwazi ukunikela ngalolusizo kubazali, ogogo nomkhulu, izingane zakini, omalumekazi, omalume, abazala, nabanye. Imindeni ingaqiniswa ngalesi senzo somusa. Ungazwa ukuxhumana okujulile nomndeni wakho futhi usondele kuNkulunkulu. Lo muzwa wokuba ngowabanye ungakunika amandla, isiqondiso, kanye nokuzethemba futhi uzokubusisa ngezindlela eziningi. Ungathola ukuthula nokuqonda ngempilo yakho njengoba uthola futhi usebenzela okhokho bakho. Uzoqonda futhi wazi kangcono uMsindisi njengoba wenza kwabanye lokho abangakwazi ukuzenzela kona.

Isithembiso Esikhethekile Sakho

IGosa uDavid A. Bednar wathi: “Nginikhuthaza ukuba nifunde, nithole okhokho benu, futhi nizilungiselele ukwenzela imibhabhadiso yabammeleli endlini yeNkosi izihlobo zenu ezifile. … Ngesikhathi niphendula ngokholo kulesi simemo, izinhliziyo zenu zizophendukela kobaba. Izethembiso ezenziwa ku-Abrahama, u-Isaka noJakobe zizotshalwa ezinhliziyweni zenu. … Uthando lwenu nokubonga kokhokho benu kuzokhula. Ubufakazi benu nokuguqukela kuMsindisi kuzojula futhi kuhlale njalo. Futhi ngiyanethembisa ukuthi nizovikelwa ethonyeni elikhulayo lesitha. Njengoba nibamba iqhaza futhi niwuthanda lomsebenzi ongcwele, nizovikelwa … ezimpilweni zenu zonke” (“The Hearts of the Children Shall Turn,” Ensign noma Liyahona, Nov. 2011, 26–27).