Amasu Okufunda
HJS, AmaHubo 24


HJS, AmaHubo 24:7–10. Qhathanisa namaHubo 24:7–10

INkosi yeNkazimulo iyobahlenga abantu Bayo uma isiza.

7 Phakamisani amakhanda enu, O nina zizukulwane zikaJakobe; futhi niphakanyiswe; futhi iNkosi eqinile nenamandla; iNkosi enamandla empini, eyinkosi yenkazimulo, iyonimisa phakade.

8 Futhi izowasonga iwasuse amazulu; izokwehla izohlenga abantu bayo; inenzele igama laphakade; inimise edwaleni layo laphakade.

9 Phakamisani amakhanda enu, O nina zizukulwane zikaJakobe; phakamisani amakhanda enu, nina zizukulwane zaphakade, iNkosi yamabandla, inkosi yamakhosi;

10 Ngisho inkosi yenkazimulo iyoza kini; futhi iyobahlenga abantu bayo, iyobamisa ekulungeni. Sela.