Amasu Okufunda
HJS, AmaHubo 14


HJS, AmaHubo 14:1–7. Qhathanisa namaHubo 14:1–7

Umqambi wamaHubo ubona ukulahleka kweqiniso ezinsukwini zokugcina futhi ulangazelela ukumiswa kweSiyoni.

1 Isiwula sithe enhliziyweni yaso, Akukho muntu oke wabona uNkulunkulu. Ngokuba akazivezi kithi, ngakho-ke akekho uNkulunkulu. Bheka, bonakele; benze imisebenzi eyisinengiso, futhi akekho kubo owenza okuhle.

2 Ngokuba iNkosi yabuka phansi kubantwana babantu isezulwini, ngezwi layo yathi encekwni yayo, Funa phakathi kwabantwana babantu, ukuze ubone ukuthi bakhona yini abamqondayo uNkulunkulu. Yavula umlomo wayo eNkosini, yathi, Bheka, bonke laba abathi bangabakho.

3 INkosi yaphendula, yathi, Bonke baphambukile, bonke bangcolile, uyabona ukuthi abekho abenza okuhle, cha, akukho noyedwa.

4 Bonke labo abanabo njengabafundisi babo ngabenza ububi, futhi alukho ulwazi kubo. Yibo labo abadla abantu bami. Badla isinkwa futhi bangayibizi iNkosi.

5 Basekwesabeni okukhulu, ngokuba uNkulunkulu uhlala esizukulwaneni sabalungileyo. Ungumeluleki wabampofu, ngokuba banamahloni ngababi, futhi babalekela eNkosini, ukuze ibe yisiphephelo sabo.

6 Banamahloni ngeseluleko sabampofu ngokuba iNkosi iyisiphephelo sabo.

7 O sengathi iSiyoni ngabe isimisiwe isuka ezulwini, insindiso ka-Israyeli. O Nkosi, uyoyimisa nini iSiyoni na? Lapho iNkosi isikhipha abantu bayo ebugqilini, uJakobe uyojabula, u-Israyeli uyothokoza.