Amasu Okufunda
HJS, KumaHeberu 6


HJS, KumaHeberu 6:1–10. Qhathanisa naKumaHeberu 6:1–10

Imigomo yemfundiso kaKristu iholela ekuphelelisweni.

1 Ngakho-ke ngaphandle kokushiya imithetho yemfundiso kaKristu, masiqhubekeni siye ekuphelelisweni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa kuNkulunkulu.

2 Imfundiso yombhabhadisa, yokubekwa kwezandla, yokuvuka kwabafileyo, neyokwehlulelwa kwaphakade.

3 Futhi sizoqhubeka siye ekuphelelisweni uma uNkulunkulu evuma.

4 Ngokuba ukwenze kwalukhuni ukuba labo aseke bakhanyiselwa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyela kuMoya oNgcwele,

5 Futhi naseke banambitha izwi elihle likaNkulunkulu, namandla ezwe elizayo,

6 Uma behlubuka, ukuba bavuselelwe futhi ukuze baphenduke; lokhu babethela iNdodana kaNkulumkulu bona uqobo, futhi bayithela ngehlazo obala.

7 Ngokuba usuku luyeza lapho umhlabathi ophuze imvula efika kaningi phezu kwayo, omilisa imifino ebasizayo labo abahlala kuwo, abawulimayo, manje abafumana izibusiso kuNkulunkulu, uyohlanzwa ngomlilo.

8 Ngokuba lokho okuveza ameva nekhakhasi kuyaleka, futhi kuseduze nokuqalekiswa; ngakho-ke labo abangalethi izithelo ezinhle, bayophonswa emlilweni; ngokuba isiphetho sabo ngukushiswa.

9 Kepha, bathandekayo, sinethemba lezinto ezinhle ngani, nezinto eziqondene nensindiso, noma sikhuluma kanje.

10 Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile, ngakho-ke ngeke akhohlwe wumsebenzi nothando lwenu, enilukhombise egameni lakhe, ngokuba nibasebenzele abangcwele, futhi nisabasebenzela.