“Okwabaholi—Ukuqondisa noKusekela oThisha,” Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi: Okuphathelene Nabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)
“Ukuqondisa noKusekela oThisha,” Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi
OkwabaHoli—Ukuqondisa noKusekela oThisha
Njengomholi, unesibopho “sokuhlangana nothisha abasanda kubizwa” kwinhlangano yakho futhi “ubasize balungiselele ubizo lwabo” (General Handbook, 17.3, Umthombo Wolwazi lweVangeli). Lemihlangano iyithuba lokwethula othisha abasha obizweni labo olungcwele futhi ubakhuthaze ngombono wokuthi kuchaza ukuthini ukufundisa ngendlela yoMsindisi. Njengomholi, ungasiza othisha abasha balungiselele ukusebenza ngokwenza lokhu okulandelayo:
-
Ukukhombisa ukwethemba ukuthi uMsindisi uzobasiza obizweni labo (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:78).
-
Nikeza othisha abasha ikhophi lalensiza, futhi ubakhuthaze ukuthi babheke izindlela abangasebenzisa ngayo imigomo yayo ekufundiseni kwabo.
-
Abelana nganoma yini ngenhlangano yakho engaba usizo ukuthi bayazi othisha abasha.
-
Uma kunesidingo, tshela othisha abasha ukuthi bafundisele kuliphi igumbi futhi baqale ngasiphi isifundo. Nikeza noma uluphi ulwazi abalidingayo ngekilasi labo namalungu ekilasi.
-
Chazela othisha abasha ukuthi ungabasiza ngobizo lwabo. Zinikele ukuba ubasekele ekilasini nokusiza ukuthola izinsiza uma zidingeka.
-
Zinikele ukubuka amakilasi othisha ngezinye izikhathi, bese unikeza imibono ngokuqwashiswa uMoya.
-
Mema othisha ukuba babambe iqhaza emihlanganweni yomkhandlu wothisha njalo ngekota.
Kuyo yonke inkonzo yothisha, qhubeka nokuhlangana nabo ngezikhathi ezithile ukuze unikeze ukweseka okuqhubekayo. Isibonelo, ungaba nengxoxo emfishane nothisha ngaphambi kwekilasi noma emva kwalo ukuxoxa ngemigomo yencwadi ethi Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi. Buza uthisha ngabazizwa bekwenza kangcono, nezindlela abangathanda ukuzithuthukisa ngazo. Bakhuthaze ngesihe nokubonga ngomsebenzi abawenzayo.
Kumele ulungiselele lezi zingxoxo ngokubuka uthisha efundisa. Funa ukuqonda kangcono amandla kathisha futhi uthole izindlela ongameseka ngazo. Ukwakhela phezu kwamandla kathisha kubaluleke njengokubona amathuba okwenzangcono.