ImiBhalo eNgcwele
Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele,” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele (2021)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele,” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele

Isithombe
imindeni ifunda imibhalo engcwele

Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele

Ukuvama ukufunda imibhalo engcwele ningumndeni kuyindlela enamandla yokusiza umndeni wakho ukuba ulifunde ivangeli. Ukuthi nifunda okungakanani nokuthi nifunda isikhathi eside kangakanani akubalulekile njengokuhlezi nenza imizamo yokufunda njalo. Ngesikhathi ukufunda imibhalo engcwele ukwenza kube yingxenye ebalulekile yempilo yomdeni wakho, uzobasiza abomndeni wakho ukuba basondelane noJesu Kristu nokuthi bakhele ubufakazi babo phezu kwesisekelo sezwi Lakhe.

Ake ucabange nganansi imibuzo:

  • Ngabe ungabakhuthaza kanjani abomndeni wakho ukuba bazifundele bona imibhalo engcwele na?

  • Yikuphi ongakwenza ukukhuthaza amalungu omndeni ukuba abelane ngalokho akufundayo na?

  • Ungayigcizelela kanjani imigomo oyifundayo emibhalweni engcwele ngesikhathi ubafundisa nsukuzonke na?

Ukhumbule ukuthi ikhaya yiyona ndawo enhle kakhulu yokulifunda nokulifundisa ivangeli. Ekhaya ungakwazi ukulifunda futhi ulifundise ivangeli ngezindlela ezingeke zenzeka eKilasini leBandla. Ziqambele okuthile ngesikhathi ucabanga ngezindlela ongasiza ngazo umndeni wakho ukuba ufunde emibhalweni engcwele. Ake ucabange ngananka amasu alandelayo ukuze nikhulise ukufunda kwenu imibhalo engcwele njengomndeni.

Sebenzisani Umculo

Culani amaculo azoqinisa leyomigomo efundiswa emibhalweni engcwele.

Isithombe
indoda nentombazane bafunda imibhalo engcwele

Xoxani Ngemibhalo eNgcwele Enizuza Kakhulu Kuyo

Nikeza abomndeni wakho isikhathi sokuba baxoxelane nangalokho abazuze kakhulu kukho emibhalweni engcwele ngesikhathi bezifundela.

Sebenzisani Awenu Amagama

Bameme abomndeni wakho ukuba basho kafushane ngawabo amagama ukuthi yikuphi abakufundile ngesikhathi kufundwa.

Kusebenziseni Okusemibhalweni Engcwele Ezimpilweni Zenu

Emva kokufunda indinyana ethile emibhalweni engcwele, bacele abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi leyondinyana bangayisebenzisa kanjani ezimpilweni zabo.

Makubuzwe Umbuzo

Bameme abomndeni wakho ukuba babuze umbuzo oqondene nevangeli, bese bechitha isikhathi bebheka amavesi angasiza kuphendulwe lowo mbuzo.

Veza Umbhalo Ongcwele

Khetha lelovesi enizuza kakhulu kulo, bese ubonisa ngalo lapho abomndeni wakho bezohlezi belibona khona. Cela amanye amalungu omndeni wakho ukuba ashintshane ngokukhetha umbhalo ozoboniswa.

Yenza Uhla Lwemibhalo Engcwele

Njengomndeni, khethani amavesi ambalwa eningathanda ukukhuluma ngawo ngesonto elizayo.

Yifakeni Emakhanda Imibhalo eNgcwele

Khetha amavesi abomndeni wakho abazuza kakhulu kuwo, bese uyabamema ukuba bawafake emakhanda abo ngokuwaphinda phinda njalo noma badlale umdlalo wokukhumbuzana lawomavesi.

Yabelana Ngezifundo

Thola izinto ezithile ezihambisana nezahluko namavesi eniwafundayo njengomndeni. Bameme abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi ngabe leyonto ethile ihambisana kanjani nezimfundiso enizithola emibhalweni engcwele na?

Isithombe
owesifazane ufundisa umntwana

Khetha Isihloko Esithile

Abomndeni wakho mabashintshane ngokukhetha isihloko enizosifunda ndawonye. Sebenzisa IziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org) ukuthola amavesi ahambisana naleso sihloko.

Dwebani Isithombe

Njengomndeni, fundani amavesi ambalwa bese nizinika isikhathi sokuthi amalungu omndeni adwebe okuthile okuhambelana nalokho akufundile. Chithani isikhathi nikhuluma ngalokho enikudwebile.

Lingisani Indaba

Emveni kokufunda ngendaba ethile, bameme abomndeni wakho ukuba benze umdlalo. Emveni kwalokho, khulumani ngokuthi ngabe leyo ndaba ihambisana kanjani nalokho enidlula kukho umuntu ngamunye futhi ningumndeni.

Igosa uDavid A. Bednar wasifundisa wathi: “Umkhuleko ngamunye womndeni, isikhathi ngasinye sesifundo somndeni semibhalo engcwele, kanye nobusuku ngabunye basekhaya kungumbala othile opendeka endwangwini yemiphefumulo yethu. Asikho isenzakalo esisodwa esingabonakala sibabazeka noma sikhumbuleka kakhulu. Kepha njengoba nje ukupenda ngombala ophuzi nowegolide nonsundu kuphelelisana futhi kuveza ubuciko obuhlaba umxhwele, kanjalo nokuma njalo kwethu ekwenzeni izinto ezibonakala zincane kungaholela emiphumelweni ebalulekile yangokomoya” (“More Diligent and Concerned at Home,” iLiyahona, Nov 2009, 19-20).