ImiBhalo eNgcwele
Amasu Okusebenzisa i-App yoMthombo woLwazi lweVangeli


“Amasu Okusebenzisa i-App yoMthombo woLwazi lweVangeli,” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele (2021)

“Amasu Okusebenzisa i-App yoMthombo woLwazi lweVangeli,” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele

Isithombe
owesifazane nomntwana bebuka i-tablet

Amasu Okusebenzisa i-App yoMthombo woLwazi lweVangeli

Lalela

Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokufunda imibhalo engcwele wukulalela izinto eziqoshiwe. Ungakwenza lokhu ekhaya lakho nanoma yikuphi. Ungalalela futhi ngezivinini ezahlukene nangezilimi ezahlukene.

Funda Ngezihloko

Ungathola imibhalo eqondene nesihloko esithile ngokusebenzisa ithuluzi lokufuna bese uhlola imiphumela oyifunayo kulokho okuvelayo. Ungasebenzisa futhi nencwadi ekhishiwe ethi IziHloko zeVangeli eveza imibhalo engcwele esemqoka yaleso sihloko.

Hlela Ngezihloko

Ungahlela okuqukethwe ngezihloko ngokusebenzisa “Izithikithana” nezi “Ncwadi zokuBhala.” Lezi zihloko zingaba wusizo lapho ulungiselela inkulumo noma isifundo.

Gqamisa

Ungagqamisa noma udwebele imibhalo yakho engcwele ngokukhetha indima bese ukhetha isitayela. Isitayela singaba inhlanganisela yemibala ehlukene nokudwebela noma ukugqamisa.

Yenza Izixhumanisi

Ungenza izixhumanisi phakathi kwemibhalo engcwele, imiyalezo yengqungquthela yebandla lonke nokunye okuqukethwe. Lokhu kungakusiza ukuthi ukhumbule futhi ufike ngokushesha ezintweni ozixhumanisile.

Bheka Izincazelo

Ungabheka kalula incazelo yegama emibhalweni engcwele ngokulikhetha nangokuchofoza inkinobho ethi “Chaza”.

Sebenzisa iziMpawu zeziBekiso neziKrini

Ungabuya ngokushesha ukhethe okuqukethwe ngokusebenzisa izimpawu zezibekiso ukugcina izindawo nezikrini ezithile. Ukusebenzisa izimpawu zezibekiso kungakuvumela ukuthi ugcine izahluko ezahlukahlukene nokunye okuqukethwe kuvulekile ngasikhathi sinye.

Yenza Uhlelo

Ungakha uhlelo lokufunda oluzokusiza ukulandelela ukufunda kwakho imibhalo engcwele. Ungenza nezikhumbuzo zokukusiza ufeze izinhloso zakho zokufunda. Uhlelo lungakusiza ukuthi ulandele uhlelo oluthi Wozani, Ngilandeleni noma uzifundele iNcwadi kaMormoni.