Ngo-2021
IGama leBandla Lakhe
ngo-Okthoba 2021


“IGama leBandla Lakhe,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Okth. 2021.

Umyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Okthoba 2021

IGama leBandla Lakhe

Kunomqondo egameni uJesu Kristu alinikeza iBandla Lakhe.

Isithombe
UJesu Kristu njengoMalusi Olungile

ibandla lami

iBandla—iqembu labantu abakholelwa kwizinto ezifanayo futhi bakhonze ndawonye. LeliBandla elikaJesu Kristu. Uliqalile. Uyalihola. NgeLakhe.

lizobizwa

UJesu Kristu usitshele lokho afuna abantu babize iBandla Lakhe ngakho. Ngakho-ke yilokho okufanele silibize ngakho—nalokho okufanele sicele ngomusa kwabanye ukuthi balibize ngakho. Leligama lavela kuJesu Kristu.

izinsuku zokugcina

Izinsuku zokugcina—izinsuku esiphila kuzo; isikhathi ngaphambi kokuZa kwesiBili kukaJesu Kristu. UJesu Kristu ubuyisele iBandla Lakhe emhlabeni ngalesisikhathi sokugcina. Kuzosiza ukulungiselela umhlaba ngokuZa kwaKhe kwesiBili.

IBandla likaJesu Kristu

(Bheka “ibandla lami.”) Lena yingxenye yokuqala yegama uMsindisi ayinikeza iBandla Lakhe. Ulibiza ngokuthi “Yibandla” ngoba Walihlela. Futhi Ubeke igama Lakhe kulo.

Izinsuku zokugcina

(Bheka “izinsuku zokugcina.”) Lena yingxenye elandelayo yegama leBandla. Kubonisa kalula ukuthi leli yiBandla Alibuyisa kulezizinsuku, hhayi lelo Aqala ngalo ezikhathini zangaphambili.

abaNgcwele

abaNgcwele—igama elisho “abantu abangcwele.” Lena yingxenye yokugcina yegama leBandla. Ikhuluma ngamalungu eBandla. UJesu Kristu angasenza sihlanzeke futhi sibe msulwa. Futhi Usinika uMoya oNgcwele ukuze usiqinise ngesikhathi sizama ukwenza lokho asiyale kona. Uma sinokholo Kuye futhi siqhubeka sizama, Usenza sibe ngcwele. Usenza abaNgcwele.