Ngo-2021
UBaba Wethu oseZulwini Ufuna Sijabule
NgoJulayi 2021


“UBaba Wethu oseZulwini Ufuna Sijabule,” ILiyahona, Julayi 2021

Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona ngoJulayi 2021

UBaba Wethu oseZulwini Ufuna Sijabule

Njengoba sikhumbula isu likaNkulunkulu lentokozo, singathola injabulo nakuba impilo inzima.

Isithombe
UKristu nabantwana

Ngaphambi kokuba sizalwe emhlabeni, sonke sasihlala noBaba oseZulwini njengezingane zaKhe zomoya. Wethula isu lokusiza izingane zaKhe zifunde futhi zikhule. Ngesu laKhe, singafana naYe futhi sikufanelekele ukujabulela ukuphila okuphakade. Lelisu lingenzeka ngoba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yeza emhlabeni izohlupheka ngenxa yezono zethu, umnikelo obizwa ngokuthi Inhlawulo.

Isu likaBaba oseZulwini libizwa ngokuthi yisu

Njengoba lemibhalo engcwele neminye ibonisa, uBaba oseZulwini ufuna sifane naYe, sibuyele kuYe, futhi sijabule okwangempela (bheka uMose 1:39).

Siza Emhlabeni ukuze Sifunde futhi Sikhule

UNkulunkulu usithumele emhlabeni, lapho singaba nomzimba wenyama (bheka uGenesise 1:26–27). Sasidinga imizimba ezosisiza sibhekane nempilo emhlabeni.

UNkulunkulu wayazi ukuthi ngeke sizizwe sijabulile ngaso sonke isikhathi. Sibhekana nokudumazeka, ubuhlungu, ngisho nokufa. Kodwa ngezinselelo zempilo, uBaba oseZulwini usisiza ukuba sifunde futhi sikhule.

UNkulunkulu uphinde wasinika ilungelo lokukhetha, ikhono lokukhetha phakathi kokuhle nokubi. Usivumela ukuba sizikhethele esikucabangayo nesikwenzayo. Usinikeze imibhalo engcwele kanye nabaprofethi abaphilayo ukuze asisize sifunde ukukhetha okulungile (bheka u-Abrahama 3:25).

Isithombe
isihlahla sokupila

Zama Ukuba NjengoJesu Kristu

UNkulunkulu akasithumelanga emhlabeni ngaphandle kwesibonelo sokusilandela (bheka uJohane 13:15). Wathumela iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, ukusibonisa indlela. Ukufunda ukuthi singamlandela kanjani, singafunda imibhalo engcwele ukuze sifunde ukuthi Ungubani nokuthi Wenzani empilweni yaKhe yasemhlabeni. Singase futhi senze konke okusemandleni ethu ukuze sibe njengoKristu ngokulalela uNkulunkulu nokuthanda abanye.

Uma senza amaphutha, sicela intethelelo futhi sisondela emandleni eNhlawulo kaJesu Kristu ukuba asisize siguquke. Singajabula njengoba sizama usuku nosuku ukuba njengaYe.

Ukufa Akusona Isiphetho

Uma sifa, imimoya yethu iya emhlabeni wemimoya. Lapho siqhubeka nokufunda njengoba silungiselela uVuko.

Ngesikhathi soVuko, imizimba nemimoya yethu izohlangana futhi. Imizimba yethu izobe iphelele, futhi ngeke siphinde sihlushwe ukufa noma yizifo (bheka uAlima 11:44–45). Njengoba nje uJesu Kristu afa futhi wabuye waphila, sonke sizophila futhi.

Lapho uNkulunkulu esahlulela, uzocabangela izenzo zethu nezifiso zethu. Uma sizamile ukugcina imiyalo kanye nezethembiso esizenze kuBaba oseZulwini, khona-ke singaphinde siphile naYe futhi.

Impilo noNkulunkulu kanye Nemindeni Yethu Ezulwini

Embusweni wesilestiyali , sizohlala noNkulunkulu kanye noJesu Kristu. Sizokwazi nokuhlala lapho nemindeni yethu ingunaphakade uma sibophwe kubo. Sizothola ukuthula, injabulo, kanye nempumulo (bheka uMosiya 2:41).

Impilo yethu emhlabeni ingaba nzima ngezinye izikhathi, kodwa uma silandela uJesu Kristu, singathola injabulo kulokhu kuphila kanye nenjabulo yaphakade empilweni ezayo.

Imibhalo Engcwele Ithini ngeSu leNtokozo na?

Indlela esiphila izimpilo zethu ngayo ibalulekile. UNkulunkulu uzosahlulela futhi asivuze ngokwemicabango nezenzo zethu (bheka u-Alima 41:3).

USathane uyisitha enjabulweni yethu. Usilinga ukuba sisebenzise ukuphila kwethu emhlabeni kabi futhi sone. Ufuna ukuba sibe lusizi njengaye (bheka 2 Nefi 2:27).

Uma sinokholo kwisu likaNkulunkulu, singaba nokuthula kungakhathaliseki izilingo esibhekana nazo. Singakulangazelela ukuphila phakade noNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 59:23).

Yonke imisebenzi yobuciko yenziwe nguJ. Kirk Richards