Ngo-2021
Yenza Into Uyibhale
NgoJulayi 2021


“Yenza Into Uyibhale,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoJulayi 2021, 18-19.

UMyalezo waNyanga Zonke weFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoJulayi 2021

Yenza Into Uyibhale

Ukubhala imicabango yakho njengoba ufunda imibhalo engcwele kungakusiza ngempela ukuthi ufunde.

“Njalo uma ngiqala ukufunda imibhalo engcwele, ngiyazumeka!” omunye umfundisi wevangeli etshela umongameli wakhe wemishini. “Kufana nokuthi imibhalo engcwele iyiphilisi lokulala!”

Umongameli wakhe waphendula wathi, “Uke uwathathe yini amanothi uma ufunda?”

“Cha,” kusho umfundisi wevangeli.

“Kulula ukulala noma uvumele ingqondo yakho indwaze uma ufunda kuphela,” kusho umongameli, “kodwa akunakwenzeka uma ufaka nokubhala!”

Iseluleko lomongameli wemishini asinikeza umfundisi wakhe wevangeli owayenenkinga senza umehluko omkhulu. Ngakho-ke uma ufuna indlela entsha yokuqinisa ukufunda kwakho imibhalo engcwele, ubozama lokhu. Ngesikhathi ubhala ngalokho okufundayo, ungase uzithole uzibandakanye nakakhulu futhi ufunda kangcono.

Nazi ezinye izindlela esizithole ziwusizo olukhulu.

UMfowethu uSteven Lund:

Isithombe
USteven Lund

Ngigcina iphepha liseduze uma ngifunda. Njengoba uMoya ungiqhuba ngesikhathi ngifunda, ngibhala leyo mininingwane phansi.

Ngathola isu kwiGosa uRichard G. Scott (1928–2015) womGwamanda wabayiShumi namBili, owathi: “Bhala phansi endaweni ephephile izinto ezibalulekile ozifunda kuMoya. Uzothola ukuthi ngesikhathi ubhala okuvelayo okuyigugu, kuvame ukuba kuze okuningi. Futhi, ulwazi olutholayo luzoba khona impilo yakho yonke”(“To Acquire Knowledge and the Strength to Use It Wisely,” Ensign, ngoJuni 2002, 32).

Ngiyazi ukuthi lawo mazwi ayiqiniso. Ngesikhathi ngilungiselela izinkulumo nezifundo, angiyi emibhalweni engcwele kuphela kodwa nakulokho engikubhale phansi ngenkathi ngifunda.

UMfowethu u-Ahmad Corbitt:

Isithombe
U-Ahmad Corbitt

Ngiyathanda ukufunda ngezihloko. Ngifunda imibhalo engcwele ukusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni, kodwa futhi ngithanda ukugxumagxuma ngifunde ngokwezihloko. Ngokwesibonelo, ngizosebenzisa Isiqondiso Sezihloko ukuthola imibhalo engcwele ephathelene nokholo noma ukuqoqwa kwabakwa-Israyeli. Lapho-ke angigcini nje ngokubhala amanothi, kodwa ngibhala engikufundayo ukuze ngiqiniseke ukuthi ngiyakuqonda ngempela. Ngimangala njalo ukuthi ngiziqonda kangcono kangakanani izinto uma ngenza lokhu. Ngiphinde ngikhethe neminye imibhalo engcwele engizoyibamba ngekhanda.

UMfowethu uBradley Wilcox:

Isithombe
UBradley Wilcox

Ngigcina incwadi yokufunda lapho engibhala khona imibhalo engcwele ngamazwi ami. Ngokwesibonelo, i-“Ngokuba umuntu wemvelo uyisitha kuNkulunkulu” (uMosiya 3:19) iba yi-“Ngoba umuntu ochomayo futhi ongaphenduki ukhetha ukuba yisitha sikaNkulunkulu, kepha uNkulunkulu akasisona isitha sakhe. UNkulunkulu ungumngane wakhe omkhulu.”

Ngibuye ngibhale nemibuzo. Kungaba yimibuzo engicabanga ngayo ngaphambi kokuba ngifunde, noma kungaba yimibuzo evezwa engikufundile. Kunoma yikuphi, kungigcina ngigxilile.

Amandla Okubhala Imicabango Yakho

Umuntu ngamunye kubumongameli ufunda imibhalo engcwele ngokuhlukile, kodwa sonke siyabhala njengoba senza!

Ukufunda kusisiza ukuba sifake ngaphakathi imicabango nemizwa. Lokho kubalulekile. Futhi uma sikhuluma noma sibhala, sithola futhi siveze imicabango nemizwa esuka ngaphakathi iye ngaphandle. Sizwa ukuthi lokhu kusisiza ukuthi senze amaqiniso evangeli abe ngawethu kangcono.

Omunye umfana wazitholela leli qiniso ngokwakhe lapho acelwa ukuba anikeze inkulumo kumhlangano wesidlo esingcwele. Wayeke wabezwa abanye abantu abaningi benikeza izinkulumo kepha wayengayikhumbuli imininingwane. Lesi sikhathi sasihlukile. Ngenkathi ebhala uhlaka lwenkulumo yakhe, ayigcinanga ngokumsiza ukuba athule inkulumo ehlelekile, kepha wayikhumbula isikhathi eside.

Okufanayo kungenzeka ekufundeni kwakho imibhalo engcwele. Uma ulala ngesikhathi uvula imibhalo yakho engcwele, sekuyisikhathi sokuvuka. Zama ukukhipha ipensela, ipeni, ifoni, noma ikhompyutha bese uyabhala. Uzomangala ukuthi kungenza umehluko ongakanani!