For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Usizo oluvela kuJesu Kristu: Kungani futhi Kanjani
Okwakha Intsha ngo-Ephreli 2025


UMyalezo waNyanga zonke we bhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Ephreli 2025

Usizo oluvela kuJesu Kristu : Kungani futhi Kanjani

Qonda ukuthi kungani uJesu Kristu eyimpendulo kanye nokuthi Ukusiza kanjani.

uJesu Kristu

Umfanekiso nguDan Wilson

“Ngizizwa sengathi ngilokhu ngimosha. Kulukhuni ukuqhubeka nokuzama.”

“Isimo sami sinzima. Anginaso isiqinisekiso sokuthi ngizoqhubekela kanjani phambili.”

“Ngikhathazekile ngekusasa. Angazi noma nginakho yini okudingekayo ukuze ngiphumelele.”

“Ngikhathele, kodwa kusekuningi okufanele ngikwenze.”

Ngabe uke wahlangabezana nanoma iyiphi yalezi zinkinga na? UMongameli uRussel M. Nelson wafundisa wathi “Noma ngabe yimiphi imibuzo noma izinkinga onazo, impendulo itholakala njalo empilweni nasezimfundisweni zikaJesu Kristu” “(The Answer Is Always Jesus Christ,” ingqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2023 [ILiyahona,ILiyahona, ngoMeyi 2023, 127])

Kulula ukuthi, ”UJesu Kristu uyimpendulo.” Kudinga umzamo owengeziwe ukuqonda ukuthi kungani eyimpendulo futhi kanjani.

Kungani UKristu Eyimpendulo?

Ngenkathi ebekezelela ukuzinikela Kwakhe okuhlawulayo, uMsindisi wenza izinto ezintathu ezibalulekile:

  1. Wakunqoba ukufa, okusivumela ukuba sivuswe kwabafileyo.

  2. Wakhokha inhlawulo yazo zonke izono, okwenza ukuba sikwazi ukuphenduka, sikhule, futhi sibuyele kuNkulunkulu. Lokho futhi kuyasisiza ukuba sithethelele abanye uma bona, ngoba uKristu wazithwala izono zabo.

  3. Wabhekana nabo bonke ubuhlungu, izinhlupheko, izilingo, ukugula kanye nobuthakathaka (bheka ku-Alima 7:11–13). Lokho kusho ukuthi wazi kahle ukuthi angakusiza futhi akwelaphe kanjani futhi angakuqinisa ukuze umelane nezilingo futhi ulwele ukuba ngcono.

Khetha noma iyiphi inkinga, futhi ungakwazi ukuxhumanisa isixazululo kulawo maqiniso amathathu.

Ubumpofu? Ngoba uJesu Kristu wabhekana nazo zonke izinto, Wazi kahle ukuthi kunjani. Akasisusi isithiyo ngaso sonke isikhathi, kodwa Uyakwazi ukuqinisa abantu abathwele lowo mthwalo (bheka kuMosiya 24:15).

Ukwehluleka? Ngenxa yokuthi uKristu wanqoba isono, ukwehluleka kwethu akudingeki ukuba kuhlezi kumi njalo. Ukuphenduka kubandakanya ukuthuthuka kanye nokuba yilowo muntu Aziyo ukuthi singaba nguye.

Ukugula? Ngoba wakunqoba ukufa, siyovuswa sinemizimba ephelelisiwe evikelwe ezifweni nobuhlungu. Futhi uKristu “wathwala …izifo” (Alima 7:11), okumenza umuntu okulungele ukusinika induduzo kanye nokwesekwa.

UKristu Usiza Kanjani?

Kodwa noma sazi ukuthi kungani uMsindisi eyimpendulo (ngenxa yokuthi Ungubani kanye nokuthi Wasenzelani), sisadinga ukwazi ukuthi siluthola kanjani usizo namandla Kuye. Nazi izindlela ezimbalwa:

Umkhuleko. Ngokukhuleka egameni likaJesu Kristu, abantu abanamaphutha njengathi bangakhuluma noNkulunkulu ongenaphutha. Singakhulekela amandla esiwadingayo kunoma yisiphi isimo, futhi uNkulunkulu uzophendula—hhayi ngaso sonke isikhathi ngendlela esiyifunayo noma esiyilindele, kodwa ngendlela ezosibusisa. Isimemo soMsindisi siyiqiniso: “Celani, niyakuphiwa” (NgokukaJohane 16:24; 3 Nefi 27:29; IMfundiso neziVumelwano 4:7).

Isipho sikaMoya oNgcwele. UBaba oseZulwini, uJesu Kristu, kanye noMoya oNgcwele bahlangene ngokwenjongo Basebenza ndawonye! Noma nini lapho uzwa isiqondiso noma induduzo evela kuMoya oNgcwele, ungakuqonda lokho njengoKristu ekusiza nawe.

Ukugcina Izivumelwano. Igosa uDale G. Renlund woMgwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili wafundisa ukuthi: ”Umusho othi indlela yesivumelwano uchaza uchungechunge lwezivumelwano esiza ngazo kuKristu futhi sixhumane Naye. Ngalesi sibopho sesivumelwano, sinokufinyelela emandleni Akhe angunaphakade“ (ingqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2023 [ILiyahona, ngoMeyi 2023, 36]).

Umusa. Uma sibonisa ukholo kuJesu Kristu futhi siphenduke, singathola usizo olwengeziwe kanye namandla (okubizwa nangokuthi umusa) ukuze sifeze izinto esingeke sikwazi ukuzenza ngokwethu (bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Umusa“). Lamandla, noma umusa, kungeza ngezindlela eziningi: kuMoya oNgcwele, umngane, isihambi, umuzwa. Empeleni, noma yini enhle ivela kuKristu (bona uMoroni 7:22) Uma ukwazi ukubekezela ngokwengeziwe, amandla amancane engeziwe , amandla okubekezela engeziwe , kubuke lokho njengoKristu ekusiza.

Khumbula ukuthi Kungani futhi Kanjani

Ngakho-ke ngesikhathi esilandelayo lapho udinga impendulo yombuzo noma inkinga, bheka kuKristu. Khumbula ukuthi ngenxa yokunqoba Kwakhe isono, ukufa, kanye nazo zonke ezinye izinselele zale mpilo, akukho okungenzeki. Bheka ukuthi angakubusisa kanjani, futhi uzolibona ithonya Lakhe empilweni yakho. Ukuthanda ngokujulile!